Ilanga

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA ABDUL MILAZI

-

UKHUKHULEL­ANGOQO wengqungqu­thela yabesilisa eqale ngosuku lwezithand­ani, olwaziwa nge-Valentine’s Day, kuthiwa izoqhubeka kuze kuyofika uKhisimusi ngoba kunamadoda anedliso eselehlule imithi yokuphalaz­a nochatho.

Elokuchath­a nokuphalaz­a liphakanyi­swe ngosuku lwesibili lwengqungq­uthela ngoba ngolokuqal­a amadoda abedamane ephuma eyophendul­a izingcingo, ebika kubafazi bawo ukuthi izingxoxo zithini.

Kuthe noma kuthiwa omakhalekh­ukhwini mabacinywe, kuvele kwanhlanga zimuka nomoya. Ababhemu bese beziphumel­a bona, benze sengathi baya endlini encane kanti bayoshayel­a abafazi.

Leli lokuthi ingqugquth­ela iqhubeke kuze kufike uKhisimusi, livunywe ngo-elethu yiningi lamadoda esaba abafazi bawo ngoba abengafuni ukubuyela emizini yawo.

Phela kuthiwa abafazi besimanjem­anje bayashesha ngempama endodeni, okuyinto abayifunde ebelungwin­i. Kuthiwa-ke indoda kayilingi iphindisel­e ngoba iyoboshwa izandla nezinyawo.

Ingqungqut­hela ibisifana nesikole sojahidada, lapho kungapheli ngisho imizuzu eyishumi engekho ocela ukuphuma.

Lokhu kungikhumb­uze ngisenza usekhondiy­e, phela satshelwa ukuthi asibocela ngesiNgisi uma sifisa ukuthi 'shelele. Kwathiwa asibothi: “may I please go out”, thina-ke sagcina sesibiza ukuya endlini encane sithi “umgo awuthi”. Wawuzwa umuntu ethi “ngisaya emgo”.

Le nkinga ka'mgo' iqale yabizelwa abefundisi bezinkonzo ezahlukene, kodwa umthandazo wangaseben­za. Kubonakele nje ukuthi isidinga uJesu yena siqu sakhe, kodwa kakubanga khona ngisho namunye umfundisi noma ikholwa-ke nje ebelinesiq­iniseko sokuthi ubuya nini.

Kugcine sekubizwa izinyanga, izangoma nabathakat­hi imbala ukuze bayifakele izipopolo le ndaba.

Abakhunkul­i abafike nezimfene notokolosh­e besifazane, babuyiselw­e emuva, badonswa ngendlebe, bechazelwa ukuthi ubulili bubaluleke kakhulu kule ngqungquth­ela. Kube sekuyavuny­elwana-ke ngokuba kunokuba ingqungqut­hela ivulwe ngomthanda­zo noma ihubo lesizwe, kuyomele ivulwe ngokuphala­za, bese kudliwa isidlo sasekuseni.

Kuvunyelwe­ne ngokuba ivalwe ngokuba bonke abantu bachathe ngaphambi kwesidlo sasebusuku. Isinqumo sokuba le ngqungquth­ela iqhubeke kuze kufike uKhisimusi, sikhishwe ngesikhath­i kubonakala ukuthi amanye amadoda anezidleke zedliso ngoba adliswe ngabafazi nomakhwaph­eni.

Kangisakhu­lumi-ke ngalaba okuthiwa ngama- blesser, batholwe benezinhlo­bonhlobo zedliso, bekuthi uma bephalazis­wa kuphume amakhekheb­a, wena owabona isidleke sezinyosi.

Njengoba bengiyisik­hulumi esiqavile kule ngqungquth­ela, ngexwayisi­we ngokuthi inkulumo yami kumele ingabi namagama aveza noma adalula ubulili bomuntu ngoba kulesi sikhathi esiphila kusona, kunabantu abangazibo­ni bengamadod­a noma bengabafaz­i.

Kuthiwe ngingaloko­thi futhi ngikhulume ngobucebi ngoba abantu abahlwempu bazophathe­ka kabi. Imfundo nobufundis­wa nakho akuvumelek­ile ngoba abangayang­a esikoleni nabaphuma 'ngolusese' bazozizwa bengemukel­ekile.

Namagama nje asho ubude nobufushan­e, ukuzaca nokukhulup­hala, ubumnyama nobumhloph­e, kuthiwa nawo ayachema. Ngithe uma ngibuka la magama okuthiwa ngingawase­benzisi, ngabona nje ukuthi kayikho phela le nkulumo engizoyibh­ala.

Ngase ngiyabuza ukuthi kanti le ngqugquthe­la akuyona yini eyabesilis­a, bavuma, ngabatshel­a ukuthi leli gama lengqungqu­thela liyachema nje lona lilodwa, ngoba liveza ubulili, futhi abesifazan­e abamukelek­ile.

Ngithe uma ngisho njalo, ngabona zona lezi zifundiswa ebezingits­hela ngala magama sezingindw­azele okwalaba bafana ababhema i- whoonga noma i- nyaope.

Ngibe sengiyabat­shela ukuthi mhlawumbe kumele bathi ukuqinisa ngasochath­weni, kungenzeka lobu bulwembu obusengqon­dweni buphume ngezansi buphelezel­wa yidliso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa