IMilford FC ethembeni lokuvika izembe
UDVD usengumqeqeshi we-Aces
ISIQASHE obengumdlali wayo wakudala iMilford FC, uSiyabonga Nene, ukuba yinhloko yabaqeqeshi bale kilabhu esemizamweni yokubalekela izembe ebhekene nalo kwiSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
Phambilini le kilabhu ibicijwa nguPhilani “Slwane” Mkhize oseqeqesha i-Asanda FC yaKwaMashu egijima kwiSAB League lapho ebambisene khona noSiyabonga George Khanyile.
Ngemuva kokuhamba kukaMkhize kwiMilford, izintambo zokuqeqesha zinikwe uNhlanhla Hlongwa ogcine exoshiwe kwazi- se akabanga nayo inhlanhla yokunqoba imidlalo. Le kilabhu igcine isiyibhikawozi lapho izitha bezizitapela khona amaphuzu. Izindaba zokulandwa kukaNene ziqinisekiswe nguVezukukhanya Mkhwanazi oyimenenja yale kilabhu. Uthi babone kungcono ukuba banike uNene ithuba lokuqeqesha njengoba izinto zibabhedela. Uthi bakholwa wukuthi uzokwazi ukubaxaxamisa kule ndawo embi abakuyona. “Sibulawe wukungabuyi ngesikhathi kwabadlali njengoba besivalele amaholidi kaKhisimusi. Nokho sebegcine bebuye bonke, ngikholwa wukuthi izinto sezizohamba kahle. “Kulokoza inhlansi yethemba njengoba kuvunguza umoya wobunye ekhempini. Okuhle wukuthi abadlali bayakuqonda ukuthi kumele basikhiphe kulolu taku esikulona. Kakukho lula ukusuka emsileni ngoba wonke umuntu usuke ezimisele,” kusho lesi sikhulu. Sekuwumlando ukuthi le kilabhu kaDkt Xhanti Pupuma ike yamela lesi sifundazwe emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwi-National First Division (NFD) eminyakeni edlule. I-Alexander Black Aces egijima kwiSafa Gauteng ABC Motsepe League, iqashe uDavid “DVD” Mathebula njengomqeqeshi wayo omusha kuze kuphele isizini. UMathebula ubeyiphini likaSello Chokoe kwiTshakuma Tsha Madzivhandila egijima kwiNFD. Sekuwumlando ukuthi uMathebula uke wagijima kwiKaizer Chiefs nakwiSuperSport United eminyakeni edlule. U-DVD uvale isikhala sikaJacob “Cellular” Sakala obuyele kwelakubo eZambia. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguGordon Masondo oyimenenja kule kilabhu. Ashley Utd vs KwaDukuza FC 15h00.
Ladysmith United vs Happy Wanderers 15h00.
Maritzburg City vs GWP Friends 15h00.
Milford FC vs Edendale Juventus 15h00. vs Durban FC 15h00. Dabeka Sporting 15h00.
UMvoti FC Natal United vs
Summerfield Dynamos vs X1 Experience 15h00.