AwaseKZN ethubeni elihle kwiNFD
Asemgqeni wokulwela ukungena kwi-Absa Premiership
IKWAZULU-Natal ibukeka isethubeni elihle lokumelwa ngamakilabhu amaningi emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwi-Absa Premiership ngokuphela kwesizini.
IRoyal Eagles ihlezi endaweni yesibili kwi- log ngamaphuzu angu35, kuthi iRichards Bay FC ibambe isihlanu ngangu-31 kanti uThongathi FC lukweyesithupha ngangu-28 emidlalweni efanayo engu-20. Womathathu la makilabhu asenethuba lokuqeda kwi- top 3 kwi- log yeNational First Division (NFD).
Nakuba ukhalo luselude kodwa kubukeka iStellenbosch FC isayibambe ngakho ezinhlelweni zokunqoba lesi sigaba okuyithikithi lokungena ushishiliza esigabeni esikhulu.
Ukushuba kombango wokuqeda endaweni yesibili nakweyesithathu sekunyuse nelukuluku kubadlali bamakilabhu athintekayo ngaphambi kwemidlalo yangale mpelasonto.
Umdlalo obhekwe kakhulu ngowabakhaya phakathi koThongathi FC neRoyal Eagles ozokuba ngeSonto ngo-15h30 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
UPhilani “Wele” Gumede ( okwesobunxele) oyisitobha soThongathi FC, utshele ILANGA ukuthi yinye kuphela into abayilwelayo njengamanje, wukuqeda bekwi- top 3 ukuze bezodlala eyokuhlungela ukungena kwiPremiership.
Uthi uJohnny Ferreira ongumqeqeshi wabo ubadonse ngendlebe ukusebenza kanzima ukunqoba lo mdlalo. Uthi bazokuya kulo mdlalo nangenhloso yokuziphindiselela njengoba i-Eagles ibashayile emzuliswaneni wokuqala. Uthi ngeke baqhuzulwe yitshe elilodwa kabili.
UMphakamiseni Nene ( okwesokudla) odlala esiswini kwiEagles, uyavuma ukuthi kuzokuba wumdlalo onzima njengoba kungowomkhaya. Nokho ugcizelela ukuthi ngeke bakuvu-mele ukuphazanyiswa wuThonga-thi emgqigqweni wabo.
Uthi bonke abadlali bayavutha ejimini futhi abaqeqeshi babakhululile ukwenza abakwaziyo enkundleni yinqobo nje uma kuzolethela i-Eagles umvuzo omuhle. NGOLWESIHLANU Cape Umoya United vs Tshakhuma Tsha Madzivhandila 15h30.
Witbank Spurs vs Richards Bay 15h30.
Stellenbosch FC vs TS Sporting 15h30.
Real Kings vs Maccabi FC 15h30 Stadium: Pretoria University FC vs Ajax Cape Town 15h30. Jomo Cosmos vs TS Galaxy 15h30. Stadium: UThongathi FC vs Royal Eagles 15h30.
Ubuntu Cape Town vs Mbombela United 15h30.