USuthu lucuthe nolwedada kwiPirates
UJohnson neqhinga lokudunga ibhentshi lamaBhakabhaka
AMAZULU FC azimisele ngokufaka unyawo lwedada ezinhlelweni ze-Orlando Pirates esemkhankasweni wokuzama ukuqeda ishobolo lezindebe ngokunqoba isicoco se-Absa Premiership.
IPirates igcine ngo-2014 ukuqukula inkomishi ngesikhathi inqoba iNedbank Cup ngokuguqisa iBidvest Wits ngo-3-1 kowamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoNhlaba (May). Ngaleso sikhathi le kilabhu ibivinjelwa nguSenzo Meyiwa odlule emhlabeni ngoMfumfu (October) wango-2014.
Selokhu le kilabhu yashonelwa nguMeyiwa, iyaxega ezintini njengoba isiphila ngokubashintshashintsha.
Muva nje le ndawo ibanjwe nguWayne Sandilands othathe ijezi kuJackson Mabokgwane kanti kusekhona noSiyabonga Mpontshane benoBrilliant Khuzwayo ongakaze alidlubhe ijezi leZimnyama selokhu ejoyine le kilabhu ngokuqala kwesizini.
Ngokuqala kwale sizini, u-Irvin “Iron Duke”Khoza onguSihlalo wePirates ulibeke ngesihloko elokuthi kuyihlazo ukuthi ikilabhu enkulu njengeBucs sekuke kuphele amasizini ingazazi izicoco.
Uphumele obala ngokuthi uyasidinga nonyaka. Nokho kubukeka kunzima njengoba sekusele i-Absa Premiership kuphela kwezidlalelwa kuleli kwazise ezinye isizishwebile.
Seyimincele ukuqhubeka nokushisisa umbango weligi kanjalo nokulwela ukudlulela esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League yize amathuba ase- mfiliba.
IPirates inomdlalo onzima namaZulu FC weligi ohlelelwe uMgqibelo ngo-20h15 e-Orlando Stadium, eGoli. IBucs idinga amaphuzu agcwele kulo mdlalo ukuzigcina isemakilabhini asesicongweni se- log.
UCavin Johnson ongumqeqeshi woSuthu, ushaya phansi ngonya- wo, uthi kabanawo amaphuzu azosiza iPirates ukunyukela phezulu.
“Nathi siwadinga ephelele la maphuzu. Azosisiza kakhulu ezinhlosweni zethu. Siyazi ukuthi ku- zokuba wumdlalo onzima kodwa sifuna ukuyijulukisa iPirates. Uma sehluleka ukubuya namaphuzu aphelele, okungenani kuzofanele ukuba sibuye nelilodwa,” kusho uJohnson.
Ugcizelele ukuthi ngeke bayihloniphe nakancane iPirates kulo mdlalo njengoba bezimisele ngokuyibhudubeza kusuka umdlalo usasuka phansi.
“Ukudlala ekuhambeni kakusho lutho kithina, okumqoka nje wukuhlohla amagoli ngokushesha okuyinto ezodunga zonke izinhlelo zebhentshi lePirates,” kusho uJohnson.
Uthe bazokuya kulo mdlalo ngaphandle kukaButholezwe Ncube osanesa kahle ukulimala edolweni yize eseqalile ukujima.
Uthe angase angabi khona noSibusiso Mabiliso osanda kubuya neqembu lamaJita eliphume isithathu kwi-U/20 Afcon ebiseNiger.
Uthe akafuni ukukhahlameza lo mdlali ngokungamniki ithuba elanele lokuphumula.
Nathi siwadinga ephelele la maphuzu. Azosisiza kakhulu ezinhlosweni zethu...