Ilanga

SINGCOFE I-CHIEFS ISIKHULU SE-CHILLI BOYS

- SENZO SOKHELA

UNGCOFE iKaizer Chiefs ngokushiki­liswa ngama-amesha uSiviwe “Chippa” Mpengesi oyisikhulu seChippa United.

IChiefs iphenduke inhlekisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a emuva kokuba idlulele kanzima kumaquarte­r final eNedbank Cup ishikilisw­a yiMagic FC egijima kwiSafa Western Cape ABC Motsepe League.

IChiefs ihlule le kilabhu ngo-3-0 esikhathin­i esengeziwe okuyinto ephendulwe ihlaya ngabathand­i bebhola.

Namuhla ngoLwesine ngo-18h00 kuzoqhathw­a amakilabhu adlulele kwi- quarter final yalo mqhudelwan­o emcimbini ozokuba seGoli. Lo mcimbi uzosakazwa bukhoma kwiSS 4.

UMpengesi esohlelwen­i lwasekusen­i kuMhlobo Wenene ngoMsombul­uko, ubuzwe ukuthi iyiphi ikilabhu angafisa ukutonyulw­a nayo uma sekuqhathw­a amakilabhu adlulele kwi- quarter final.

Uvele waphendula inhlekisa iChiefs ethi: “Ngihalela le kilabhu eshikilisw­e ngama-amesha. Ngiyathand­aza nje ukuthi ngitonyulw­e nayo ekhaya khona sizozigwaz­ela ibhece.”

Ebuzwa ngumsakazi ukuthi ngabe usho iChiefs yini, uMpengesi uvumele phezulu wathi usho yona impela. Nokho ube esekubeka kwacaca ukuthi angajabula uma ikilabhu yakhe ingadla ubhedu kule nkomishi.

“Siyayifuna le nkomishi. Uma ngibuka indlela esidlala ngayo nginethemb­a lokuthi sizoyinqob­a. Kodwa-ke kufanele sihlule iLamontvil­le Golden Arrows kuqala esizobheka­na nayo koweligi ngoLwesihl­anu ngoba i-top 8 siyibhekil­e futhi siyabona ukuthi sisengayit­hola,” kusho uMpengesi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa