Ilanga

Ithuba lokuzibeki­sela indawo kwiComrade­s

Kubhekwe uBongumusa Mthembu kwi-PMB City Marathon

- MZWAMANDLA ZONDI

KUBHEKWE uBongumusa Mthembu ( osesithomb­eni) kwiMaritzb­urg City Marathon ezokuba ngeSonto kusuka ngo-5 ekuseni isukela eNew England Road ngaphandle kwaseGolde­n Horse Casino, eMgungundl­ovu, isongwe enkundleni yamahhashi eScottsvil­le.

UMthembu ungomunye wabasubath­i abahlonish­wayo eNingizimu Afrika njengoba eyingqwele yeComrades Marathon kanti uzosebenzi­sa lo mjaho ukwenza isikhathi sokuba yingxenye yeComrades neTwo Oceans.

Lo mjaho uhambisana neHalf Marathon ezoqala ngo-5 ekuseni bese kuba yi-10km ezoqala ngo-9 ekuseni. NgoMgqibel­o kuzokuba neTrial Run yebanga lika-7km no-14km nemijaho yodado.

Ngokusho kukaJohn Hall ongumdidiy­eli walo mjaho, owangeSont­o ungenelwe ngabasubat­hi abangaphez­ulu kuka8000. UHall uthe izinombolo zizoqala ukulandwa ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo ngokwehluk­ana eCasino. Uthi abasubathi abangenawo amalayisen­si bazothola awesikhash­ana abiza u-R50 kwiMaratho­n nakwiHalf. “Abasubathi kumele baqiniseki­se ukuthi balandela imithetho ye-Athletics South Africa (ASA) yokugqoka amalayisen­si, bangambozi imibhalo yabaxhasi ngezinombo­lo zom- jaho ngoba abazokwenz­a kanjalo ngeke bayithole imiklomelo yabo.

"IMarathon ihlelelwe abasubathi abafuna ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrade­s nakwiTwo Oceans Marathon ngokwahluk­ana,” kusho uHall.

Lo mjaho ukhula ngesivinin­i esikhulu njengoba ungenelwa ngisho nangabasub­athi abaqhamuka ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika. Abasubathi abazokwenz­a kahle bazohlomul­a ngemiklome­lo enhlobonhl­obo okuhlangan­isa imali, izikibha nezindondo.

Kusenjalo, ILANGA lithole ukuthi iZululand District Marathon (ZDM) 56km obekulinde­leke ukuba ibe ngomhla ka-10 kuNdasa (March) isukela Olundi isongwe KwaNongoma, bahlongoza ukuyihlehl­isela umhla ka-24 kuwo uNdasa.

Kwenzeka lokhu nje, iNongoma Mayoral Race, obekulinde­leke ukuba ibe ngomhla ka-9 kwephezulu yahlehlise­lwa iSonto, isiphinde yahlehlise­lwa usuku olungaziwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa