Ilanga

IPirates ilole izembe konozinti

Izingela uDarren Keet weziTshude­ni

- SENZO SOKHELA NGOMGQIBEL­O EPeter Mokaba Stadium: E-Athlone Stadium: EBidvest Stadium: E-Orlando Stadium: Stadium: NGESONTO EDr Molemela Stadium: senzos@ilanganews.

LILOLIWE izembe konozinti be-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi le kilabhu ihlela ukubakhomb­a indlela uma kusongwa isizini.

IBucs izobhekana namaZulu FC kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-20h15 e-Orlando Stadium, eSoweto. Leli phephandab­a lihletshel­we yimithombo yalo engaphakat­hi kwiBucs ukuthi le kilabhu ihlela ukukhomba indlela uSiyabonga Mpontshane ( osesithomb­eni) noWayne Sandilands okuvela ukuthi baphelelwa yizinkonti­leka nale kilabhu uma kusongwa isizini.

Kuthiwa le kilabhu ifuna ukudedela laba onozinti nje, yingoba ifuna ukuphendle­la indawo onozinti abasha exoxa nabo. Kuthiwa okwamanje isazama ukuheha uDarren Keet weBidvest Wits ukuba azoyijoyin­a.

IWits isanda kuphumela obala ngokuthi uKeet wenqabile ukwelula inkontilek­a yakhe nale kilabhu, yathi uthe uyahamba uma kuphela isizini.

“IPirates iyamfuna uKeet, inkinga wukuthi imbanga nenye ikilabhu yaphesheya kodwa kwayona kayikamsay­inisi.

“Cishe kuzocaca ngelizayo ukuthi iPirates iyamthola yini noma cha. Uma ingamtholi ukhona omunye unozinti wakuleli ezoqala imzingele,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uSihlalo weOrlando Pirates, u-Irvin “Iron Duke” Khoza, okunguyena ozisayinis­ela abadlali kule kilabhu, ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ubebambeke emhlanganw­eni omqoka ngesikhath­i sokuloba. Nokho uKhoza uke waphumela obala kuleli phephandab­a phambilini ngokuthi umatasa uthungatha unozinti oseqophelw­eni eliphezulu. Ukhalile ngokuba yindlala konozinti kuleli.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a ngempelaso­nto iqhathwe kanje:- KUSASA NGOLWESIHL­ANU ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Golden Arrows 20h00 (SS4).

Polokwane City vs Kaizer Chiefs 15h30 (SS4).

Cape Town City FC vs Maritzburg United 15h30.

Bidvest Wits vs Mamelodi Sundowns 18h00 (SS4).

Orlando Pirates vs AmaZulu FC 20h15 (SS4).

SuperSport United vs Baroka FC 20h15.

EThohoyand­ou Stadium: Black Leopards vs Highlands Park 15h30 (SS4).

Bloemfonte­in Celtic vs Free State Stars 15h30 (SS10).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa