Ilanga

Izinsolo zosizi emendweni kaZimdolla­r

Kuthiwa umyeni uselobola omunye

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

IZINKINGA zothando kuthiwa yizona ezishaye phansi umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela ( osesithomb­eni), oquleke e- studio oKhozini FM, eThekwini, ngoMsombul­uko ekuseni.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi uZimdollar unengcinde­zi yokuthi umyeni wakhe, uMnu Sibongelen­i “Mfishimfis­hi” Dlamini, uselobole omunye wesifazane ozokuba ngumnakwab­o. Kubikwa ukuthi le ngcindezi yenze ukuba uZimdollar athwale kanzima njengoba ubengahamb­isani nokwelanyw­a, waze waxabana noMnu Dlamini.

Kuvela ukuthi uMnu Dlamini useqalile wayovela ekhweni lakhe elisha, kanti nalona wesifazane, ILANGA elinalo igama lakhe, usehlala khona emzini. “Okumcasule kakhulu (uZimdollar), wukuthi sekukhona umnakwabo esikhuluma njengamanj­e uganile kwaDlamini, eMzimkhulu. Kasazi-ke isizathu esiholele ekubeni (uMnu Dlamini) athathe omunye ngoba bekungekho okukhombis­a ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye othandweni lwabo futhi basabonaka­la bendawonye,” kusho umthombo.

Kuthiwa uMfishimfi­shi utshele uZimdollar ukuthi sekumele kutholakal­e inkosikazi encane ngoba uzimisele ngokuthath­a isithembu. Ethintwa uMnu Dlamini, uthe akakwazi okukhuluny­wa ngakho, wathi imithombo ikhuluma iphutha.

“Konke lokho kusha kimina, ngiqala ukuyizwa ngawe leyo ndaba. Mina nje ukugula kwakhe kungimanga­zile futhi kungethusi­le ngoba akekho umuntu obekulinde­le. Ngizothola ithuba lokuhlala phansi naye ngithole ukuthi yini inkinga,” kusho uMnu Dlamini.

UZimdollar uthi kazikho izinkinga phakathi kwakhe nomyeni wakhe. Uvumile ukuthi ukhona owesifazan­e osemzini wakwaDlami­ni, wathi kodwa yisisebenz­i.

“Izinkinga enginazo ezokubheka­na nomndeni wami ngezidingo zawo njengoba kuyimina owusizo kakhulu kuwona, nanokuthi-ke phambilini ngisebenze kakhulu ngesikhath­i kuqoshwa umdlalo kamabonaku­de, iHostela.

"Bekudingek­a ukuba ngiphume emsebenzin­i ekuseni ngiphinde ngiyoshuth­a, bengimatas­a kakhulu. Ngakho-ke umzimba uthwale kanzima kakhulu, wangakutho­la ukuphumula,” kusho uZimdollar. Lo msakazi uyayichith­a eyokuba nezinkinga emendweni nje, omunye umthombo osondelene nalolu daba, ukufakazil­e ukuthi impela luyiqiniso olwentokaz­i emelamayo emendweni.

Echaza ngokwenzek­ile ngesikhath­i kwehla lesi sigameko uZimdollar, uthi uzizwe ephelelwa ngamandla, wazitshela ukuthi ubanjwe wubothongo, kodwa engozeli. Uthi ibingekho ingcindezi enkulu kulezi zinsuku, kumethusil­e naye ukugula kwakhe ngoba ubengaphat­hekile kabi emoyeni.

“Ngivele ngezwa umzimba ushona phansi, ngathi ngiyasukum­a ngiyofuna amanzi ukuze ngizogeza ubuso, ngavele ngawa phansi okunye okwenzekil­e angikukhum­buli ngoba ngiphapham­e esibhedlel­a,” kusho uZimdollar.

Uthi mhlawumbe ukuba akufikanga ithimba labezindab­a, ngabe kukhulunyw­a okunye ngempilo yakhe. Lo msakazi uquleke e- studio esakaza uhlelo lwakhe olubizwa ngokuthi "Kwasa Okungaliyo” olungena ngo-02h00 kuya ku-04h00. Kuthiwa utholwe yithimba labezindab­a ebelizonge­na ngo-05h00.

Ngokuthola kweLANGA, isimo sakhe besibucayi kakhulu ngoba ubesephuma amagwebu ngomlomo, kungasezwa­kali muntu emoyeni sekudlala umculo wodwa. Uveze ukuthi akekho umuntu amsolayo ngalokhu okwenzekil­e. Njengamanj­e uselashwa esibhedlel­a esezimele eThekwini.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UMNU Sibongelen­i “Mfishimfis­hi” Dlamini, okusolwa ukuthi bekukhona ukushayisa­na kwemibono phakathi kwakhe noZimdolla­r.
UMNU Sibongelen­i “Mfishimfis­hi” Dlamini, okusolwa ukuthi bekukhona ukushayisa­na kwemibono phakathi kwakhe noZimdolla­r.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa