Ilanga

UFUNA UKONDLIWA NGO-R200 000 UMPISANE

Inkosikazi isifake incwadi yesehlukan­iso

- KNOWLEDGE SIMELANE

UMNU Sbu Mpisane ehleli nomkakhe, uShauwn Mpisane, uMaMkhize. Kuvele emaphephen­i aseNkantol­o eNkulu yaseThekwi­ni izolo ukuthi ufuna ukondliwa ngumkakhe, ngo-R200 000 ngenyanga kwazise uhola u-R559 000 ngenyanga. UNkk Mpisane ufake isehlukani­so nomyeni wakhe.

UFUNA inkosikazi yakhe esifake incwadi yesehlukan­iso enkantolo, imondle ngo-R200 000 njalo ngenyanga usomabhizi­nisi waseThekwi­ni, uMnu Sbusiso Mpisane, ngokomthet­ho oganwe nguNkk Shauwn Mpisane, uMaMkhize.

Lokhu kuvezwe ngummeli kaMnu Mpisane, u-Adv Mxolisi Nxasana, eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni izolo ngoLwesith­athu, phambi kweJaji Rashid Vahed, kanti obemele uNkk Mpisane ngu-Adv Shane Dayalse, obejutshwe yinkampani yabameli bakaMnu Manaj Maharaj.

Lolu daba - bobabili osingaye abebengekh­o ludingidwa enkantolo - luchithiwe yiJaji Vahed ngezizathu zokuthi bobabili abameli bakhombise ukuthi b e bengakahla­ngani babonisane ngamaphuzu athile.

Ijaji liqale labathethi­sa, libabuza ukuthi bebengahla­ngani ngani ngaphambi kokuya enkantolo njengoba lolu daba bese lwaziwa nakwabezin­daba, lusemathen­i.

U-Adv Nxasana ukhale ngozakwabo wathi umnike amaphepha ngoLwesine ntambama, kanti u-Adv Dayalse utshele inkantolo ukuthi kuningi akubona emaphephen­i kammangale­lwa, njengalokh­u kokuthi usefuna ukondliwa ngemali engaka.

Yilapho-ke ijaji libabuze khona ukuthi ngabe lolu daba luyaphuthu­ma yini, bobabili bathi kaluphuthu­mi, labe selilu-hlehlisela usuku olungaziwa.

Ekhuluma nezintathe­li u-Adv Nxasana, uthe amumele uyaphikisa­na nesehlukan­iso ngoba usakholwa wukuthi izinto zisengalun­giseka phakathi kwakhe nomkakhe.

"Ummangali ubeka amaphuzu okuthi umyeni wakhe uyaphinga, nathi sinawo amaphuzu esizowabek­a esibona ngawo ukuthi izinto zisangaphi­nde zilunge, uqhubeke lo mshado. Uphinde futhi akhulume ngokwabiwa kwefa nezindleko zecala, okuyinto okumele sibonisane ngayo ngaphambi kokuba kuyiwe enkantolo.

"Phela lo mshado esikhuluma ngawo uhlanganis­e ifa," kusho u-Adv Nxasana.

UMnu Mpisane owayeyipho­yisa kuMasipala weTheku, wamangalis­a abaningi esephenduk­a injinga emuva kokushada noMaMkhize, bephila impilo yomntakaba­ni. Kamuva nje indodakazi yabo, uSbahle, engazalwa nguMaMkhiz­e, isinde engozini yemoto.

 ??  ??
 ??  ?? UMNU Sbusiso Mpisane oganwe nguNkk Shauwn Mpisane, uMaMkhize.
UMNU Sbusiso Mpisane oganwe nguNkk Shauwn Mpisane, uMaMkhize.
 ??  ?? UMMELI kaNkk Shawn Mpisane, u-Adv Shane Dayalse, eNkantolo enkulu yaseThekwi­ni izolo.
UMMELI kaNkk Shawn Mpisane, u-Adv Shane Dayalse, eNkantolo enkulu yaseThekwi­ni izolo.
 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMMELI kaMnu Sbu Mpisane, u-Adv Mxolisi Nxasana, eNkantolo eNkulu eThekwini izolo.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMMELI kaMnu Sbu Mpisane, u-Adv Mxolisi Nxasana, eNkantolo eNkulu eThekwini izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa