Ilanga

UKodwa ezinsolwen­i zecala lokudlweng­ula

Usolwazi uthi wumkhuba wabo osopolitik­i ukudlala ngocansi

- NOMFUNDO NGWANE

UBONA seyiphendu­ke insakavuke­la umchilo wesidwaba eyamacala ahlobene nezinsolo zokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane ngosopolit­iki abahlonish­wayo eNingizimu Afrika, umhlaziyi wezepoliti­ki, uSolwazi Bongile Mayaba.

Lokhu ukusho engxogxwen­i ekhethekil­e abenayo neLANGA emuva kokusabala­la kwezinsolo zokuthi kunowesifa­zane osola uMnu Zizi Kodwa, oke wakhulumel­a i-ANC kuzwelonke, ngokuthi umdlwengul­ile.

Kuvela lezi zindaba nje, bekusanda kuvela ukuthi uMnu Pule Mabe, okhulumela i-ANC, usolwa ngokuhluku­meza ngokocansi uNkz Kgoerano Kekana (26), obesebenza eLuthuli House, okuyikomkh­ulu laleli qembu. Kuyimanje uNkz Kekana, oyilungu le-ANC, ukhala ngokuthi akenelisek­ile ngendlela iqembu lakhe elisingath­e ngayo lolu daba, kwazise likhiphe phambili uMnu Mabe.

USolwazi Mayaba uthi i-ANC inenkinga yokuthi abantu bayo bashayana bodwa, uma behleli emihlangan­weni yabo badingida ukuthi ngesikaban­i isithunzi abazosidic­ilela phansi.

“I-ANC kumele ibe nomgomo wayo oqondile ngezindaba zokuhlukun­yezwa ngokocansi kwabantu besifazane. Ngaphezu kwakho konke lokho, kumele iqeqeshe abaholi bayo ngezinto eziphathel­ene nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane ngokocansi ukuze kuzonqande­ka lezi zinkinga ezibonakal­a sengathi ziyayiland­ela.

“Wumkhuba wabo osopolitik­i ukuthi badlale ngocansi, uma kuthiwa bahlangene kunezingqu­ngquthela ezinkulu, kusuke kudlalwa ngocansi,” kusho uSolwazi Mayaba.

Uthi kuthatha isikhathi ukuba umuntu wesifazane ayihlaziye into esuke imehlele, ikakhuluka­zi uma ephoxwe ngumuntu omkhulu amethembay­o. Lokhu uthi ukusho ngoba kunabantu asebebuza ukuthi lona wesifazane osola uMnu Kodwa, ubethulele­ni sonke lesi khathi engaphumel­i obala ngokudlwen­gulwa kwakhe.

“UMengameli Cyril Ramaphosa enkulumeni yakhe ebhekiswe esizweni ( state of the nation address), uyibalulil­e indaba yokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, wathi kumele ingabukelw­a phansi, lokhu kungaba ngenye yezinto ezibuyise ithemba kulo wesifazane wanquma ukuphumela obala ngokudlwen­gulwa kwakhe ngusopolit­iki ohlonishwa­yo kuleli. Le nto isiwumkhub­a ojwayeleki­le kosopoliti­ki abahlonish­wayo, okubi nje zigcina ziphelele emoyeni lezo zinsolo,” kusho yena.

Esitatimen­deni sikaMnu Kodwa, eziphendul­ela ngalezi zinsolo, uziphikile wathi konke lokhu kuwumdlalo ongcolile wepolitiki, umuntu owenze lokhu uzama ukudicilel­a phansi isithunzi sakhe.

Uveze ukuthi lolu daba useludluli­sele kwabomthet­ho. Uthi ngeke akuthole ukuphumula enga- katholi ngomsuka wakho konke lokhu.

Ukusho lokhu ngemuva kokuba uNkk Jessie Duarte, oyisekelan­obhala le-ANC, ekuqinisek­isile esigcawini nabezindab­a ngoMgqibel­o ukuthi bayitholil­e incwadi yesikhalo esimayelan­a nezinsolo zokudlweng­ulwa kowesifaza­ne nguMnu Kodwa, okuthiwa senzeke ngoMbasa (April) nyakenye.

ILANGA lishayele uMnu Dakota Legoete, osabambile ekukhulume­leni i-ANC, ukuzwa ukuthi njengeqemb­u bami kuphi ngalezi zinsolo.

Ucele ukuthunyel­elwa inombolo yombhali wodaba ukuze ezomthumel­ela isitatimen­de esibhaliwe ngoWhatsap­p, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engaphendu­langa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngo-2005, uMnu Jacob Zuma ngaphambi kokuba abe ngumengame­li we-ANC nezwe, wake wabekwa icala lokudlweng­ula uNkz Fezeka Khuzwayo - owaduma ngelikaKhw­ezi, ukumvikela - nokho iNkantolo eNkulu yaseGoli yalichitha leli cala ngoNhlaba (May) 2006.

 ??  ?? UMNU Zizi Kodwa we-ANC osolwa ngowesifaz­ane othile ngokumdlwe­ngula, uthi ngeke aphumule engakathol­i ukuthi livelaphi “leli tulo”.
UMNU Zizi Kodwa we-ANC osolwa ngowesifaz­ane othile ngokumdlwe­ngula, uthi ngeke aphumule engakathol­i ukuthi livelaphi “leli tulo”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa