Bajabule babuya nganeno ngeNdidane
Incwadi yayo izoba yingxenye yezifundo ze-Intercultural Studies
UJABULE wabuya nganeno umndeni wesihlabani sikamaskandi esingasekho, uMtshengiseni "Ndidane" Gcwensa ( osesithombeni) ngesinyathelo seDurban University of Technology (DUT), sokuqoka incwadi ebhalwe ngaleli ciko ukuba ifundwe kule nyuvesi.
Le ncwadi ebizwa ngeNdidane kaMasikandi, ebhalwe nguMnu Eric Ngobe, owake wasebenzela
ILANGA, ikhuluma ngemvelaphi yeNdidane kusukela ikhula ngakubo KwaMajozi, eMsinga, iyohlala KwaNqundu, eNkandla iyofunda khona ngenxa yezimpi ezazidlangile eMsinga, ingena emculweni - ihlangana noKhulekani "Mgqumeni" Khumalo (ongasekho) - kuze kuba yendela koyisemkhulu ngoNtulikazi (July) 2015.
Kuyavela kule ncwadi lapho iNdidane noMgqumeni basungula iqembu elibizwa ngaMagcokama, yingxabano yabo kuze kusunguleka iqembu leNdidane, elibizwa ngaMageza Amahle nokuhlomula kwayo emculweni.
Ingoduso yeNdidane, uNkz Zothile Ziqubu, ithi kuyabajabulisa ukuzwa izindaba zokuthi umyeni wayo kuzokwaziwa kabanzi ngaye enyuvesi nakuba bengaziswanga bewumndeni ngalokho.
“Ngokwesintu bekufanele nathi sitshelwe ngendaba enkulu kangaka ukuze kubonakale ukuthi izivumelwano zizohamba zifikephi, kodwa-ke siyabonga,” kusho uNkz Ziqubu.
Okhulumela iDUT, uMnu Alan Khan, ukuqinisekisile ukufundwa kwale ncwadi. "Umnyango wezolimi nokuxhumana eDUT, uzosebenzisa le ncwadi ephoqelekile esifundweni i-Intercultural Studies,” kusho uMnu Khan. Le ncwadi izofundwa ngaphansi kweziqu zakwaTranslation and Interpreting Practice (TIP). Omunye wothisha abafundisa kulo mnyango, uthe kulesi sifundo kugqugquzelwa kakhulu amasiko. Uthe ikhona ingxenye ethinta umasikandi njengoba befuna ukuba izishudeni ziziqhenye ngomculo wesintu. Echaza uMnu Ngobe, uthe ubengawutshelanga umndeni ngalokhu, ubesakhulume nezinduna ezihola abalandeli beNdidane. Uthe kayikho inzuzo ezotholakala ngoba inyuvesi ithenge izincwadi eziwu10 ezizongena emtapweni wolwazi wangaphakathi, kodwa umlando egameni likamasikandi neleNdidane uqophekile.