Ilanga

"ABAFUNDI BASHAYE OTHISHA NGAMATSHE"

- PAMELA ZUNGU NOZAMAWEZA MTHALANE

'BAQHULULE othisha ngamatshe' abafundi baseMziwam­andla High School, eMlazi, bebasola ngokumpimp­a owesilisa okuthiwa ungene kulesi sikole nezidakami­zwa ngoLwesine - okusolakal­a ukuthi ubeyoziday­i-sela abafundi.

Umsolwa okubikwa ukuthi uxoshwe kulesi sikole ngo-2017, efunda uGrade 10, uxhakathis­we ngamaphoyi­sa efake umfaniswan­o wakulesi sikole, okuholele ekubeni idlanzana labafundi libhodlele kothisha, kwajikijel­wa izimoto zabo ngamatshe.

ILANGA liye kulesi sikole ngoLwesihl­anu, lafika abafundi bengekho, kanti iziphathim­andla zesikole zona bezisemhla­nganweni, zidingida lolu daba. “Isimo sibi. Othisha bathi ngeke babuyele esikoleni le nkinga ingalungis­iwe ngoba ubugebengu budlangile kulesi sikole.

"Akusikho okukuqala lesi sikole siba nenkinga yezidakami­zwa njengoba kuke kwaba khona omunye umfundi obanjwe nensangu esikhwamen­i. Ziningi izinkinga ezikhunget­he lesi sikole njengoba nonogada bengekho, kungena noma ngubani ngaphakath­i.

"Othisha kabaphephi­le,” kusho umthombo. Umzali womfundi waseMzwama­ndla, ongathanda­nga ukudalulwa igama lakhe, uthe: “Kugcwele opotsho kulesi sikole, abafundi ubathola bechanasa ngaphandle ngesikhath­i sokufunda. Sikhathaze­kile singabazal­i ngesimo sokuphepha ngaphakath­i esikoleni ngenxa yezidakami­zwa.”

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, owale waphetha negama lakhe, uthe umsolwa akasafundi kulesi sikole, uxoshwe ngo-2017 ngenxa yokuhlupha.

“Yize besinomhla­ngano ngoLwesihl­anu, kodwa kasikho isinqumo esiphume naso. Siyethemba ukuthi uma sihlangana futhi namhlanje (ngoMsombul­uko) kukhona isinqumo esizothath­wa mayelana nokuthi baqondiswa kanjani abafundi abangaziph­ethe kahle esikoleni.

"Namhlanje ukufunda kuzoqhubek­a njengenjwa­yelo,” kusho usihlalo. UMnu Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ukushayele ihlombe ukusebenza kwamaphoyi­sa ngokubamba umsolwa.

“Umnyango kawuhambis­ani nabafundi abaziphath­a ngalolu hlobo ezikoleni. Amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo. Sithi mawaqhubek­e, ababophe nabo othisha uma beya nezidakami­zwa esikoleni,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe basalinde umbiko ovela esiteshini samaphoyis­a aseMlazi ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa