Ilanga

Kudutshulw­e ingane yafa kubhikishw­a

Umphakathi usola amaphoyisa

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UYAVEVA yintukuthe­lo umphakathi wasePepeni, eMount Ayliff, e-Eastern Cape, osola amaphoyisa ngokudubul­a umfanyana okuthiwa ubelusile ngesikhath­i kunombhiki­sho, umphakathi ukhononda ngohlelo lokwakhiwa kwezindlu okuthiwa sekuphele iminyaka ubanjiswe udonga ngazo.

ILANGA lithole ukuthi uThabo Nomake (15) udubuleka nje, kakuqali ukuba kuphume umphefumul­o uma kunombhiki­sho kule ndawo njengoba ngonyaka odlule kudutshulw­e uMnu Baxolile Jakuja washona, nakhona kusolwa amaphoyisa.

“Ngonyaka odlule sabhala incwadi siwumphaka­thi sayisa kumasipala wethu ngodaba oluthinta izindlu. Kuhambe isikhathi singaphend­ulwa ngaleyo ncwadi, umphakathi wabhala enye, nakhona yangaphend­ulwa.

“Kube sekuthathw­a isinqumo sokuba kuvalwe imigwaqo. Kungaleso sikhathi amaphoyisa afike adubula amalungu omphakathi, kwashona uMnu Jakuja. Zifikile iziphathim­andla zikamasipa­la zasitshela ukuthi izindlu ezizokwakh­iwa ziwu-500 kuphe- la, sacela ukuba zengezwe ngoba baningi abantu abangenazo izindlu. Siyalelwe ukuba sibhale enye incwadi enaleso sicelo, sathenjisw­a ukuthi izophendul­wa kodwa kwangenzek­a lokho.

“Ngeledlule umphakathi uphindele emgwaqweni uyobhikish­a ngoba kucaca ukuthi kabukho ubulungisw­a odabeni lwethu oluthinta izindlu. Nakhona kulokhu, kuphinde kwadutshul­wa ingane encane ebingeyona ngisho ingxenye yombhikish­o,” kusho ilungu lomphakath­i.

Uyise kaThabo, uMnu Delani Nomake, uthe bewumndeni basadideki­le ngokubulaw­a kwendodana yakhe. Uthe izingane bezingayil­e esikoleni njengoba bekunombhi­kisho, indodana yakhe ibithunywe esitolo.

“Uthe uma efika esitolo nabehamba nabo, bathola ukuthi kuvaliwe njengoba bekunombhi­kisho. Ube esebuyela ekhaya, okuthe besendlele­ni bahlangana nelungu lomndeni liqhuba izinkomo. Balilekele­lile baliqhubis­a izinkomo. Uma sizwa, kungaleso sikhathi kuqhamuke khona amaphoyisa avulela ngenhlamvu, uThabo wadubuleka ekhanda. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a okuyilapho ashonele khona,” kusho yena.

Ikhansela laku- ward 1, uMnu James Hem, lithe ngokombiko othunyelwe yiziphathi­mandla zoMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu e-Eastern Cape, kayikabi khona imali yokuba kuqalwe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu kule ndawo.

Odabeni lokudutshu­lwa kukaThabo, uthe banethemba lokuthi uma sekuhlonzw­a isidumbu inhlamvu izoveza ukuthi ngubani odubulile njengoba kunemibiko ethi ngamaphoyi­sa kaMasipala waseMzimvu­bu.

Okhulumela amaphoyisa aseEastern Cape, uCol Sibongile Soci, uthi bazobambis­ana neIndepend­ent Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid) ngophenyo lwayo ngecala lokubulala elivulwe eMount Ayliff emuva kombhikish­o.

Imizamo yokuthola uMnu Lwandile Sicwetsha, okwezokuxh­umana eMnyangwen­i wezokuHlal­iswa kwabantu, e-Eastern Cape ayiphumele­langa njengoba ucingo lwasehhovi­si belukhala lungabanjw­a kanti kuMasipala waseMzimvu­bu, uMnu Sobane Mnukwa, ongusomlom­o, unxuse leli phephandab­a ukuba lixhumane nokhulumel­a umasipala, nokho uzanyiwe kodwa lutho ukutholaka­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa