Iveni yamaphoyisa ikhiphe izidumbu
Kuthiwa ibigijima ngesivinini igcwala umgwaqo
Kube nosizi inkonzo yokudumisa uNkulunkulu iholela amalungu omndeni wakwaNene, eMambulu, eKranskop, enkonzweni yomngcwabo njengoba egcine engafikanga esontweni abeya kulo ngoMgqibelo ngenxa yengozi eyenzeke emgwaqweni u-R74, kwashona abathathu, abanye balimala kanzima.
Kubikwa ukuthi le ngozi yenzeke emuva kokuba kuphaphalaze iveni yamaphoyisa yayozithela kwiToyota ebihamba lo mndeni, ulibangise esontweni eGreytown, kwashona uNkk Khohlakele Nene, uMaMhlongo (57), uMnu Sibangani Nene (30) nengane enezinyanga eziwu-6 izelwe, u-Emihle.
Kulimale kanzima unina kaEmihle, uNkz Sasa Nene (21), uNkk Bonakele Nene, uMaHlongwa (oyinkosikazi kaMnu Sibangani Nene) nomyeni wakulo mndeni, uMnu Mzokhona Hlongwa.
Ngokuthola kweLANGA ngoMnu Sthenjwa Nene, oyilungu lalo mndeni, obehamba ngenye imoto ebiphambi kweyehlelwe yingozi, bathe sebedundubala emajikeni akoGomu (ngakhona eKranskop), kwaqhamuka iveni yamaphoyisa ihamba ngesivinini esiphezulu, ihamba igcwala umgwaqo, wayivika, yadlula intweza.
“Indlela ebigijima ngayo, ngize ngabatshela laba ebesihamba nabo ukuthi nginovalo ngale moto ehamba kanje, kangiboni ukuthi izokwazi ukuphumela (ngaphesheya) kula majika njengoba belinile, umgwaqo ugcwele amanzi.
"Ngihambe kancane ngifuna ukubona ukuthi iyaphumela yini ngaphesheya, yangaphumela. Nale yabakithi ibingasaqhamuki. Ngijikile ngayobheka ukuthi kwenzekeni, kangizange ngikholwe ngibona, ithende ( canopy) lemoto yamaphoyisa
lihambe layophoseka ngaphakathi epulazini elinommbila, isinqa sihleli sodwa, u- diff uyizicucu emgwaqweni.
"Imoto ebihamba umndeni wami ibishayeke kakhulu ngaphambili ohlangothini lomshayeli, umfowethu, umama nengane sebeshonile. Laba abanye bebelimele. Babe sebephuthunyiswa esibhedlela (esiseMgungundlovu).
"Uma siwabuza amaphoyisa ukuthi kwenzenjani, avele athi ayaxolisa abephuthuma kanti ijika lizowachitha,” kusho uMnu Nene.
Uthi unina ubengalimele kangako, basola ukuthi uye wamelwa yinhliziyo ngoba ubengumuntu obeyesaba imoto.
Umndeni uthi okwamanje kawukazi ukuthi la malungu ashonile azofihlwa nini njengoba esalinde imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseGreytown aphenya icala lokubulala ngokungenhloso ngalesi sigamelo esidlule nemiphefumulo yabathathu, okukhona kubona nengane enezinyanga izelwe. Uthe okwamanje akukaziwa ukuthi ingozi idalwe yini, kusaphenywa.