Bancome amagalelo omholi weNatu
Bebevalelisa uMnu Siphosethu Ngcobo
UBABAZE amagalelo kaMnu Siphosethu Ngcobo ( osesithombeni esishuthekiwe), owayengumengameli weNatu, ekuqondisweni kwemfundo nokungahambisani nenkohlakalo, uMnu Senzo Mchunu, ongomunye wabaholi abahlonishwayo be-ANC, ikakhulukazi ekuholeni ngobuqotho.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu, eNewcastle, emcimbini wokuvalelisa uMnu Ngcobo emuva kokuhola le nyunyana iminyaka ewu-18. UMnu Ngcobo wabeka izintambo ekuholeni iNatu ngonyaka odlule emcimbini owawuse-University of Zululand, KwaDlangezwa, eMpangeni.
UMnu Mchunu, owaba ngundunankulu wesi-6 KwaZulu-Natal - elama uDkt Zweli Mkhize - uncome amagalelo kaMnu Ngcobo, ethi ubekulwela ukuhlonipheka kukathisha.
“UNgcobo ngimazi kahle nami ngisengungqongqoshe eMnyangweni wezeMfundo (KwaZuluNatal). Ubefuna izinto zenziwe ngendlela eqondile, ekukhathalela ukuba uthisha anikezwe isithunzi sakhe namalungelo. Bekuthi uma sihlangene emhlanganweni baqhamuke nezinto ezizwakalayo nethimba lakhe.
“Njengoba iNingizimu Afrika isebenza kakhulu ngekhomishini ephenyayo abantu abathintekayo enkohlakalweni, bekusikhuthaza ukubona abantu abafana noNgcobo belwela ubulungiswa nokukhathalela imfundo,” kusho uMnu Mchunu.
UMnu Ngcobo ubongwe yiNatu ngesipho semoto, kwathiwa umsebenzi wakhe kawusoze wakhohlakala njengoba ekwazile ukubeka le nyunyana ebalazweni lomhlaba. Umengameli omusha weNatu, uMnu Allen Thompson, uthe uMnu Ngcobo uhole le nyunyana ngobuqotho futhi ufuna nabo bafunde okuningi kuyena.
“Ubuholi bukaMapholoba ngeke sibukhohlwe, sisazoqhubeka sithekele ulwazi kuyena ngisho esehleli ekhaya ngenxa yobuhlakani bakhe nokuphuma nezixazululo ngaso sonke isikhathi. Baningi abaholi ababambe iqhaza kwiNatu uMnu Ngcobo abalandelile, esingabala iNkosi Albert Luthuli eyaba ngumuntu wokuqala wase-Afrika ukuthola indondo iNobel Peace Price, nguSolwazi (Zachariah Keodirelang “ZK”) Matthews onguyisemkhulu kaNgqongqo-she wezeMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor,” kusho uMnu Thomspon.
Uthe iNatu yiyona inyunyana endala e-Afrika, okuwumlando omkhulu eNingizimu Afrika njengoba le nyunyana ilandela i-ANC ngokweminyaka yokusungulwa. I-ANC yasungulwa ngo-1912 kanti iNatu yona ngeka-1918.
UMnu Ngcobo ubonge ukusebenzisana okuhle neNatu, wabonga nokukhunjulwa esadla anhlamvana yile nyunyana.