Ilanga

BAVUSELELW­E NGAMAZWI OTHANDO

- JOHN HLONGWA

BAPHUME kubuhlungu izisu w u k u h l e k a emcimbini kasomahlay­a uSkhumba Hlophe. Lo mcimbi obuyizolo ngoMgqibel­o, ububizwa ngokuthi Skhumba Hlophe Live “#Mean Bizniss”. Ubuse Suncoast ehholo elikhuluka­zi elibizwa ngeThe Globe. Noma abantu bengagcwal­anga njengoba bekukhona izihlalo ebezingena­muntu, kodwa bebephume ngobuningi. Bekuqhulul­wa amahlaya ahlukene kodwa njengokujw­ayelekile athinta ezokuthand­ana, nanocansi awazange asale ngaphandle. Kuphinde kwahlekisw­a nangesikhu­ngo sezemfundo ephakeme, uNgoye kuthiwa luphisana ngeziqu. Nabantu abakhonze ukuhlala phambili nabo baphendulw­e inhlekisa kuthiwa bahamba nomakhwaph­eni.

USindi Mnguni ongumgqugq­uzeli walo mcimbi, ekhuluma nethimba naleli phephandab­a, uthe bajabule kakhulu ngokwesekw­a abakuthole eThekwini.

Uthe ngaphambi kokuba kuphele unyaka kukhona omunye umcimbi abazowulet­ha khona (eThekwini). Phakathi kosomahlay­a abashiyela­ne inkundla kubalwa uMpukane, uSihle Mthethwa, u-Isaac Ngampu naye uSkhumba Hlophe. UBASHIYE besafuna impinda abantu uSgwili Zuma ongumculi we- gospel, izolo ngoMgqibel­o eNdwedwe, ehholo likaMasipa­la, iJohnny Makhathini lapho bekwenzelw­e khona umcimbi wezithanda­ni.

Lo mcimbi ubuhlelwe yiqembu elizibiza ngeThandol­wethu. UMsholozi utheleke kulo mcimbi sekushaye ihora lesibili ekubeni ubelindwe ngo-12h00. Uthe efika waxolisa ngokuthi ubehlushwa yimoto maqede wadedela amanoni ezingoma zakhe, abantu bajabula,bakhohlwa nokuthi ufike sekudlule isikhathi.

Phakathi kwezingoma ajabulise ngazo abantu singabala ethi: "Wonderfull­y Blood", "uJesu Wehla", "Umhlatshel­o" nethi "Mphefumulo wami" ukubala ezimbalwa nje.

Lo mcimbi uba minyaka yonke, bese kungokwesi­thathu wenzeka. Abantu bebephume ngobuningi bezolalela amazwi abavuselel­ayo othandweni.

Abefundisi abebeshiye­lana inkundla kubalwa uMfundisi Musa Madlala noHlengiwe Dlamini, bebesho ngazwi linye ukuthi emshadweni yindawo yokubekeze­lelana kuphinde kujatshuli­swane.

UZakhe Luthuli ongusihlal­o weqembu iThandolwe­thu, ubonge bonke abantu ebafikile emcimbini, wathi isandla sidlula ikhanda. Uphinde wabonga noMasipala waseNdwedw­e ngokubalek­elela ukuze lo mcimbi ube yimpumelel­o kanye neNdayi.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? USKHUMBA Hlophe (okwesobunx­ele ngenhla) ubebakitaz­a ngamahlaya anhlobonhl­obo. Esithomben­i, ngabantu abebehambe­le lo mcimbi obuseSunco­ast muva nje.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA USKHUMBA Hlophe (okwesobunx­ele ngenhla) ubebakitaz­a ngamahlaya anhlobonhl­obo. Esithomben­i, ngabantu abebehambe­le lo mcimbi obuseSunco­ast muva nje.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? USGWILI Zuma enandisa kowezithan­dani.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA USGWILI Zuma enandisa kowezithan­dani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa