Ilanga

UShenge uphefumula ngeSona

Ukhathazwa nawukuthi izovelaphi imali yokufeza zonke izinto ezishiwo ngumengame­li

- INTATHELI YELANGA

NGOKWENQUB­O yokusebenz­a kwephalame­nde, amaqembu aphikisayo aba nethuba lokuphawul­a ngokushiwo ngumengame­li enkulumeni yakhe ebhekiswe esizweni, i- state of the nation address (Sona) ngolwasemz­ini.

INkosi Mangosuthu Buthelezi, engumengam­eli we-IFP, nakhu ekushilo maqondana nenkulumo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa:

“Kube yiminyaka eyisishiya­galolunye obengumeng­ameli eza kule ndlu asitshele ukuthi mkhulu kangakanan­i umsebenzi owenziwa wuhulumeni. Igebe eliphakath­i kwayekusho neqiniso elaziwa yithina sonke, likhulu kakhulu. Ngakho-ke, mengameli, eyakho indlela ibiheleza umoya omusha ovuselelay­o.

Esikhundle­ni sokusitshe­la ukuthi mkhulu kangakanan­i umsebenzi owenziwa wuhulumeni, usitshele ukuthi mkhulu kangakanan­i umsebenzi okumele uwenze. Izinhloso okhulume ngazo ngoLwesine oludlule azinaphuth­a ndawo.

Siyathanda ukuba sikholwe wukuthi zonke zingenzeka nokuthi zonke zizofezwa, kodwa uma kumanje nje sesiboleka imali ukuze singashoni phansi, izophumaph­i inkece yokwenza zonke lezo zinto? Kubukeka sengathi amathemba ethu siwenyusel­e emazingeni aphezulu ngokungaka­ze kwenzeke emlandweni wezokutsha­la imali.

Ingabe labo batshalima­li bazokuza? Sihlose ukuba yizwe elenza kahle ezingeni lomhlaba ngokwamazw­e esifuna ukusebenze­lana nawo kodwa uma siphezulu kangaka ezilingani­sweni zenkohlaka­lo, abatshalim­ali bazoba nethemba kanjani? Sidinga ukuba batshale imali manje kodwa sibe sisezingen­i eliphansi kunabo bonke?

Nxa kuza kwezomnoth­o, intatheli, uClaire Bisseker, ichaza kahle kwiFinanci­al Mail yangesonto elidlule. Ibhale kanje: 'Emuva kokugingqa umgqomo siwubhekis­e ezansi nomgwaqo, kubukeka manje iNingizimu Afrika isifike ekupheleni komgwaqo'. Umnotho wethu ubungabhek­ene nenzikamno­tho ngokwezino­mbolo, mhlonishwa, ubuholi obebuyinsa­mbatheka, yinkohlaka­lo nokuthunjw­a kombuso ( state capture) yikho okudale le nzikamnoth­o.

Akwehlanga obekungali­ndelekile futhi obekungabo­nakali, sizigwaze ngowethu, ngakho-ke siyakuqond­a ukuvuma kwakho ukuthi ngaphansi kobuholi beANC, izinto ziye zanhlanhla­tha kakhulu. Impela sekubekhon­a ukungethem­bani phakathi kwabantu nohulumeni wabo futhi izidingo zabahlwemp­u, abangaqash­iwe, abanganaki­we nabaphuciw­e konke sekulitshe­lwe ngazo.

Mengameli, ufuna sikholwe wukuthi konke okushilo ngonyaka odlule akusekho nokuthi manje konke sekuguquki­le? Yini manje esiyehluki­le nge-ANC ukuba ngokushesh­a yenze izinto ezisobala obekudinge­ka zenziwe sonke lesi sikhathi? Izixazulul­o okhulume ngazo kaziyona into ecashile.

Kuliqiniso khona ukuthi kumele sikhiqize impahla edingwa ngamanye amazwe, kuliqiniso ukuthi kumele sigxile emikhakhen­i ezokwenza kuqashwe abantu abaningi, njengezoli­mo, kuliqiniso ukuthi kumele siwusebenz­ise umhlaba kahulumeni ongasebenz­i okhona ukuba kwakhiwe izindlu futhi kulinywe, kuliqiniso ukuthi kumele sibheke udaba lwezinkamp­ani zikahulume­ni.

Sekuyiminy­aka ngeminyaka Inkatha Freedom Party ikusho lokhu. Usitshelil­e mhlonishwa ukuthi 'uhlela ukwenza izinto ngokwehluk­ile‚' nokuthi ufuna sikholwe wukuthi kulezi zinyanga eziwu-12 ezidlule usuzenzile izinto ngokwehluk­ile.

Imisebenzi? Kwaba nengqungqu­thela. Ezempilo? Kwaba nengqungqu­thela. Udlame lobulili? Kwaba nengqungqu­thela. Akumangali­si-ke uma ukuqikelel­a ukuba ugcizelele ukuthi ingqungqut­hela yokutshala imali ayisikho ukukhuluma nje.

Ngiyazikhu­mbula izinkulumo­mpikiswano zikahulume­ni wethu wentando yeningi ngenkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni. Thina emaqenjini aphikisayo sexwayisa kaningi ngaleso sikhathi ukuthi izingqungq­uthela nemihlanga­no akwenele, okwabe kudingwa yiNingizim­u Afrika wukwenza izinto eziphathek­ayo.

Uma kuwukuthi siqala phansi noma siqhubeka lapho sigcine khona eminyakeni eyishumi eyedlule, masilalele isexwayiso esingasina­kanga ngaleso sikhathi.

Ukukhuluma kumane kuba wukukhulum­a nje, sibonise ngokwenza. Kwenzeka kanjani ukuba kuthathe iminyaka ewu-24 ukubona ukuthi izikole eziwu-4 000 zinezindlu zangasese ezingaphep­hile? Lokho kusho izingane ezingaphez­ulu kwezigidi ezimbili ebesikhohl­iwe ngazo nxa kuza ekudaleni isimo sempilo enesithunz­i.

Sitshela lezi zingane ukuthi imfundo iyisihluth­ulelo sengomuso lazo kodwa izikole zazo kazinazo ngisho izindlu zangasese? Uma lokhu kuyiyona mpumelelo yeminyaka ewu-25, kunzima ukukholwa wukuthi eminyakeni ewu-6 kusukela manje, bonke abafundi bazobe besebenzis­a ama- tablet nezincwadi zobuchweph­eshe bamakhompy­utha. Kuzwakala kahle, kodwa ngabe kuzokwenze­ka na?

Umuntu uyalingeka ukuba akukholwe okushiwoyo ngenxa yokuba siyisizwe esimangali­sayo futhi abantu bakithi bayabekeze­la.

Sifike ekugcineni nezethembi­so ezingagcin­wa, sesilahlis­we ithe- mba kaningi. Uma manje usithembis­a ilanga, inyanga nezinkanye­zi bese wehluleka wukwenza, iNingizimu Afrika izovutha amalangabi!

Isizwe sakithi siyabila yintukuthe­lo enobulungi­swa. Nginamahlo­ni njengowomd­abu waseNingiz­imu Afrika ukuthi uhulumeni wethu wehluleka wukwenza ngisho okwakwenzi­wa wuhulumeni wengcindez­elo yobukoloni. Akukho nowodwa umkhandlu wabaholi bomdabu noma indlu yabaholi bomdabu enesabelom­ali, kepha kumele ‘sibambisan­e’ futhi sifeze umsebenzi wethu kuhulumeni wasekhaya."

Siyisizwe esimangali­sayo futhi abantu bakithi bayabekeze­la.

 ??  ?? INKOSI Mangosuthu Buthelezi ithi bayathanda ukukholwa wukuthi zonke izinhloso zikaMengam­eli Cyril Ramaphosa zizofezwa.
INKOSI Mangosuthu Buthelezi ithi bayathanda ukukholwa wukuthi zonke izinhloso zikaMengam­eli Cyril Ramaphosa zizofezwa.
 ??  ?? UMENGAMELI Ramaphosa ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.
UMENGAMELI Ramaphosa ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa