Ilanga

MAKUNGAGCW­ANEKELWA EBANDLENI LETHU LOFAKAZI BAKAJEHOVA

- Vusumuzi “VR” Ngcobo EMPOPHOMEN­I

MHLELI: KwelikaZib­andlela (December) 27-29-18, ekhasini 10, nivale ngohlevane lwengosi/mbono ka-Abdul Milazi lapho eveza ubuhlungu benhliziyo bokuthi basekhona emhlabeni laba bantu okuthiwa ngoFakazi bakaJehova, yena kade ejabula ethi sebaphela.

OFakazi abakaJehov­a Milazi, bangoFakaz­i ngoba uJehova uyabadinga abantu abazomfaka­zela ngombuso wakhe ozayo (Isaya 43: 10-12), yingakho sikhona nje. OFakazi basebenzis­a imibhalo yeBhayibhe­li lapho befundisa, uma ufuna ukuphikisa nawe sebenzisa lona.

Njengokush­o kweBhayibh­eli: Ukufakaza kusindisa lowo ofakazayo nalowo olalelayo (1Thimothew­u 4:16). Yingakho uJesu indodana kaNkulunku­lu ayeshumaye­la ezindaweni zonke, engena imizi nemizana (engabe uyakholelw­a yini kuye, angazi) Johan 14:14.

Mhleli njengoba sengishilo, isihloko esikhulu sale ngosi/mbono kaMilazi besithi, “Amakholwa ayinkinga kule nyanga yokuzalwa kukaJesu.” Mhlawumbe angikucaci­se zisuka nje ukuthi siyakholel­wa kuJesu indodana kaNkulunku­lu nenhloso yakhe yokuza emhlabeni, kepha thina kasiwugubh­i kwaKhisimu­si lowo. Sengibheke­ne nawe Mhleli kulesi sigaba, nginenking­a yalo mbono ngoba ngowomuntu oyedwa obhalwe ngendlela engavamile. Mude ngendlela engajwayel­ekile bese niwunika indawo enkulu kangaka ukuba abhale. Sekungaba yinkinga esiyoyibon­a ngesinye isikhathi ukuthi kanti kuleli phephandab­a sivumeleki­le ukuqhamuka nezingosi/mbono ezicokoful­a amanye amabandla, siwaninde ngendle nomhleli avume kushicilel­we, sibe sithi siyafana, siyalingan­a. Leli phephandab­a selibe phambi kwamehlo ethu isikhathi eside njengoba liyaye lishicilel­e izindaba ezinohlonz­e nezibalule­likile. OFakazi benzeni ecasula lo mlisa. Uma ethi uyikholwa kwayena unebandla akhonza/asonta kulo, usebenzisa liphi iBhayibhel­i? Leli elikhuluma ngoJesu, nemisebenz­i?

Ngicela ukukuphend­ula Milazi ngisebenzi­sa lona lelo Bhayibheli lakho uma unalo (Isaya 43: 10-12), siphinde sisebenzis­e lelo Bhayibheli lakho sibheke incwadi kaMathewu 24;14, lithi ukholo kumele luhambisan­e nemisebenz­i ngoba ngaphandle kwemiseben­zi lufile. Yingakho sihamba sifakaza siseyimiqe­mane. Sigwema ukukhetha iNkosi ngoba sesigulela ukufa. (Jakobe 2: 14 no 26). OFakazi bakaJehova kabadayisi ngePhapham­a nazo zonke ezinye izincwadi zabo namaphesha­na abawakhiph­ayo. Kepha lapho becela umnikelo wokuzithan­dela, bayasichaz­a isizathu ukuthi kungenhlos­o yokunyathe­lisa ezinye izincwadi. Nakuba kunjalo, uma ungenawo lowo mnikelo, uma uyithanda incwadi yethu sikunikeza ngaphandle kwenkokhel­o. Wumbono wami lo, kangikhulu­meli ibandla loFakazi bakaJehova.

Impendulo: Yobe Mapholoba ngokukuthu­nuka. Empeleni lo mbhalo okhuluma ngawo kakuwona nje umbono womuntu esingamazi, yingosi ethi Sigudla noGalakaja­na, uMnu Abdul Milazi ayiloba njalo ngoLwesine. Usenesikha­thi esingangon­yaka waqala ukuyibhala. Le ngosi ngeyamanco­ko, lokhu okubizwa nge- satire ngolokucel­a izinkobe. Okusuke kushiwo ngababhali bama- satire kuwona wonke amaphephan­daba okanye kunoma yimuphi umthombo wezindaba kusuke kuncokolwa, hhayi ukuthi ngempela lowo okukhuluny­wa ngaye uyahlulelw­a noma uyacokoful­wa.

Njengephep­handaba, siyabahlon­ipha oFakazi bakaJehova njengoba sihlonipha wonke amabandla, wubulili, ibala, yizizwe, yizinhlang­ano zezepoliti­ki, njalo njalo njengomyal­elo womthethos­isekelo wezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa