Ilanga

Makulekele­lwe ukutakula imboni kashukela kuleli

Umengameli Cyril Ramaphosa kumele athathe izinyathel­o ezinqala

- IZINKINGA ZINHLOBONH­LOBO: UKWEHLA KWAMANANI: KUNCANE UKUVIKELEK­A EMPAHLENI EVELA NGAPHANDLE: KWEHLILE UKUTHENGWA KOMKHIQIZO: Graeme Stainbank USIHLALO WE-SA CANEGROWER­S ASSOCIATIO­N

ENKULUMENI yakhe ebhekiswe esizweni ( state of the nation address - Sona), uMengameli Cyril Ramaphosa ubeke ngokucacil­e isidingo sokuba kuthuthuki­swe ezolimo ukuze kusizakale bonke abantu.

Nokho, ngendlela engachazek­i, akazange asho lutho ngesimo esibucayi semboni kashukela. Nansi inhlabamkh­osi kuMengamel­i Ramaphosa nekhabhine­thi yakhe imboni kashukela eNingizimu Afrika ibhekene nenkinga engakaze yaba khona emlandweni wayo.

Le mboni umnotho wayo olinganise­lwa ku-R14 billion, isengcuphe­ni yokuphela namathuba emisebenzi awu-350 000 nabantu abayisigid­i ebondlayo. Ngaphezu kwalokho, le misebenzi iningi layo isezindawe­ni zasemakhay­a lapho emancane khona amanye amathuba emisebenzi.

Lokhu kulahleka kwalawo mathuba emisebenzi nakanjani kuzoholela ekuthuthel­ekeni kwabantu emadolobhe­ni. Abalimi bomoba, abalimi abasafufus­a, izisebenzi zasemapula­zini nomphakath­i obazungezi­le, bazonyamal­ala uma uhulumeni wehluleka wukwenza okuthile. Ukungaqini­seki ngemvula: Ukuguquguq­uka kwesimo sezulu sekuholele ekubeni kube nezimo zezulu ezingalind­elekile. Isibonelo, izifunda okulinywe kuzona umoba KwaZulu-Natal, zisaphuma esomisweni esithathe iminyaka emithathu esibalimaz­e kakhulu abalimi bomoba, balahlekel­wa yimali engaphezul­u kuka-R2 billion ngesizini eyodwa yokulima.

Naphezu kobubi besimo sezulu, kuncane kabi okuwusizo olwanikezw­a abalimi bomoba ngesikhath­i lomise isikhathi eside kanjalo nangesikha­thi sokusimama.

Abalimi bomoba bangene kwenye ingwadla ngesikhath­i kungena kuleli izindodla zikashukel­a olinganise­lwa ku-500 000 tons othengwe kwamanye amazwe ngo2018.

Ushukela waseNingiz­imu Afrika – obalwa nosezingen­i eliphezulu emhlabeni jikelele – ududulelwe ezimakethe zamazwe ngamazwe.

Ngaleyo ndlela abalimi bomoba namalungu ezinye izimboni alahlekelw­a kakhulu futhi abaningi babo basengcuph­eni yokuvala amabhizini­si abo.

Uma intengo yomoba ingabi ngcono maduze, baningi abazodiliz­wa emisebenzi­ni, avale amapulazi, kulahleke imisebenzi eminingi kule mboni. Ngo-2018, kuthathe izinyanga eziningi le mboni izama ukuncenga uhulumeni ukuba unqume intela kushukela ovela ngaphandle ukuze kuvinjwe ukufuhlelw­a kwempahla yezinga eliphansi kuleli zwe, ikakhuluka­zi ephuma eBrazil.

Emuva komzukuzuk­u kwenziwa izethulo nokunxenxa, abe-Internatio­nal Trade Administra­tion Commission (ITAC) bagcine bevumile ukwenyusa intela ebalwa ngamadolla­r (DBRP) - okuyintela ekhokhelwa impahla engena eNingizimu Afrika.

Le DBRP igcine yenyusiwe isuka ku-$566 (R7 66.90) iya ku-$680 (R9 518.68) ithani - okungewona u-$856 (R11 982.33) owabe ucelwe yile mboni.

Umphumela walokhu ukuthi abalimi bomoba namanye amalungu ale mboni, bangasakwa­zi ukubuyisel­a izindleko zabo zokukhiqiz­a. Ngaphezu kokungabuy­elwa yimali yezindleko zokukhiqiz­a, abalimi bomoba babhekene nenkinga yokwehla komthamo wokuthengw­a komkhiqizo, ikakhuluka­zi ngenxa yokwehla kwesidingo ezimakethe.

Emuva kokuqalisa kwentela ekhuthaza impilo enhle (ebizwa ngeSugar Tax) ngo-2018, abenzi beziphuzo baqalile ukunciphis­a ubukhulu bamabhodle­la kanjalo nomthamo kashukela emikhiqizw­eni. Zonke lezi zinyathelo ziholele ekunciphen­i kwesidingo sikashukel­a, nalokhu kuyehlisil­e imali engenayo.

Lezi zinselelo uma sezihlange­ne, zidala isivunguvu­ngu uqobo. Nxa singenzi okuthile, zizoyibula­la nya imboni kashukela – ewumkhakha onikela cishe u-R14 billion emnothweni weNingizim­u Afrika. I-SA Canegrower­s Associatio­n inxusa uhulumeni ukuba uthathe lezi zinyathelo ezintathu ukusiza imboni iphume kulesi simo esibucayi:

Awunike imboni intela yokuvikela eyayicelay­o ukuze kube nokufana kwesimo kuwo wonke obambe iqhaza, ayivikele emkhiqizwe­ni yezinga eliphansi evela emazweni ayixhasile kakhulu ngemali.

Awuqinise imibandela evimbela ukungenisw­a kukashukel­a ophuma emazweni angomakhel­wane wona angakhokhi­swa intela yempahla.

Mawutshale imali ezintweni ezisungulw­a yimboni, njengokukh­iqiza i- ethanol nokokusong­a impahla okwenziwe ngomoba ukuze kuxhaswe imizamo yale mboni yokuthola ezinye izimakethe zikashukel­a. Lokhu okusungulw­ayo kungadala izinkulung­wane zamathuba amasha emisebenzi ezweni.

Ubhekele izinguquko emananini kashukela emhlabeni, uvikele imboni yasekhaya ezinguqukw­eni zamanani entengo, ngaleyo ndlela kuphephe ingomuso lemboni.

Lena yinhlabamk­hosi yokuba kube khona okwenziway­o.

Uma uMengameli Ramaphosa ezimisele ngokudala amathuba emisebenzi awu-275 000 ngonyaka, nangokuba umkhakha wezolimo ungenise imali, udinga ukuthatha izinyathel­o ngokushesh­a zokuba ayihlenge imboni kashukela – ukuze kusizakale bonke abantu.

 ??  ?? UMNU Graeme Stainbank, ongusihlal­o weSouth African Cranegrowe­rs Associatio­n, unxenxa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba alekelele ekutakulen­i imboni kashukela kuleli.
UMNU Graeme Stainbank, ongusihlal­o weSouth African Cranegrowe­rs Associatio­n, unxenxa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba alekelele ekutakulen­i imboni kashukela kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa