Ilanga

Babona ipolitiki njengebhod­we eliconsayo

-

ENYE yezinqinam­ba esibhekene nayo eNingizimu Afrika, wukuthi iningi lethu, ikakhuluka­zi osopolitik­i, 'lingosiyaz­i' abacabanga ukuthi bangaxazul­ula zonke izinkinga zomhlaba.

Uthola umuntu ongakaze abe ngisho ne- spaza lesi, asiphathe ngempumele­lo, akhulume aze akhihlize amagwebu, akutshele ukuthi uma ungavotela yena neqembu lakhe, angasimami­sa umnotho wezwe, kudaleke namathuba emisebenzi ayizigidi ngezigidi, zonke izakhamizi ziqashwe.

Imbudane uqobo lwayo. Uma singathath­a nje umhlahland­lela weqembu elilodwa, i-EFF, omicabango yayo yokuphatha izwe icishe ifane neyalowo owabe engumengam­eli waseZimbab­we, uMnu Robert Mugabe nomholi waseVenezu­ela osewashona, uMnu Hugo Chavez, yini enhle ongacabang­a ukuthi leli qembu lingayenze­la abantu bakuleli?

EZimbabwe u-90% wabantu bakhona kawusebenz­i, kanti leliya lizwe kalisenayo ngisho imali yalo ethi lona njengoba lisebenzis­a i- dollar lase-USA nerandi lakuleli ukuhweba ngoba umnotho wakhona uwe bhu phansi.

Lokhu kwenzeka ngaphezu kokuba uMnu Mugabe wayetshele abampishol­o kuleliya lizwe ukuthi ukuthatha umhlaba wabalimi ngendluzul­a, kuzoxazulu­la zonke izinkinga zabo zomnotho.

Kumanje izigidi zabantu baseZimbab­we zigcwele kuleli lakithi nakwamanye amazwe, ziyizinqib­i, kodwa zinomhlaba okwakuthiw­e uzozenza izinjinga ezweni lazo.

EVenezuela khona babalelwa ku-3 million abantu bakhona asebebalek­ele emazweni angomakhel­wane ngenxa yobubha nokweswela ezweni elinowoyel­a omningi ukuwedlula wonke amazwe.

Ngaphambi kokuphatha kukaChavez nomlandeli­le kulesi sikhundla, uMnu Nicolas Maduro, iVenezuela ibingeliny­e lamazwe acebile eSouth America, abantu bakhona bephila impilo ephezulu uma ubaqhathan­isa namazwe angomakhel­wane.

Pho yini abanye bakuleli bacabange ukuthi iqembu elibona uMnu Mugabe neZimbabwe noMnu Chavez neVenezuel­a njengezibo­nelo ezinhle lingenza okuhle kuleli, likhulise umnotho, kodwa sibe sibona ukuthi amazwe elibonela kuwona asephenduk­e izinqibi zomhlaba?

Njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe ezinyangen­i ezingaphez­u kwezimbili nje, baningi osomathuba nabadukisi abazokweth­embisa abantu izulu nomhlaba ngoba befuna ukuzuza amavoti.

Sikhuluma nje, angaphezu kuka-200 amaqembu angenele ukhetho kulo nyaka, okuyinto exakayo ukuthi kungani abe maningi kangaka.

Impendulo wukuthi abanye balaba bantu asebeziqal­ele amaqenjana abo, abafuna ukuvotelwa nguwe, yingoba babona ipolitiki njengebhod­we eliconsa amafutha.

Inhloso yabo uma bengangena ephalamend­e nasezishay­amthetho zezifundaz­we, kakukhona ukufukula abantu baseNingiz­imu Afrika, kodwa wukuxebula umkhomo emalini yentela yabantu njengoba kade bebona kwenza amalungu eqembu eliphethe, i-ANC, kule minyaka ewu-25 eyedlule.

Umbuzo obalulekil­e ohlalele umuntu nomuntu onelungelo lokuvota, wukuqaphel­a ukuthi laba bantu abafuna ukuvotelwa banawo yini umlando wokwakha izinto ezibambeka­yo ezisimamay­o; ngabe bangabantu abaphumele­layo yini uma ubheka umlando wabo?

Kubaluleki­le ukuba umuntu nomuntu onelungelo lokuvota azibuze ukuthi angamnika kanjani usopolitik­i ongakaze aphathe ngisho i- spaza ngempumele­lo empilweni yakhe, amandla okubusa izwe lonke, alungise izinkinga zomnotho ezisixakil­e.

Impendulo efanele yalo mbuzo yilona khambi eliyocacis­a ukuba ngabe ngelinye ilanga siyofana neZimbabwe na, noma nezwe eliphumele­layo njengeSing­apore.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa