Ilanga

KUSOLWA UBUTHAKA BEBHENTSHI KWI-KINGS

- SENZO SOKHELA

INDUMALO kuSimo Dladla ongumqeqes­hi weReal Kings ecazelane amaphuzu neMaccabi FC kuba ngu-2-2 koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

IMaccabi yiyona evule inkundla uCollins “Ntofontofo” Mbesuma elibeka enethini kwathi elinye lezakhe lashaywa nguMokeri Senwamadi. AweKings ashaywe nguSiphiwe “Magolide” Mbatha obekukhona kuwona nephenathi.

UDladla uzwakalise ukuphoxe- ka emuva kwalo mdlalo.

“Ngiphoxeki­le. Laba bantu sibahlule ngo-4-2 ekuhambeni sesizobamb­ana nabo ngo-2-2 ekhaya. Ngidumele nangendlel­a esimake ngayo emuva, siyamazi uMbesuma ukuthi unjani, sikhulume kakhulu ngaye kodwa kubukeke sengathi bavele bamuhlonip­ha bamunika intuba yokudlala.

“Into esibulalay­o wukuthi ukusho konke kubadlali okufanele bakwenze kodwa bona bazenzele izinto zabo. Kodwa okumqoka njengamanj­e wukuthi abadlali kufanele bakhuthazw­e ukuze bakholelwe kubona. Indawo esikuyona iyabethusa ngoba abayejwaye­le.

“Nokho angililahl­ile ithemba, sizosuka kule ndawo embi esikuyona,” kusho uDladla.

UJoel Masutha ololonga iMaccabi, uthi kuyamethus­a ukuthi iKings ibambe ibhuleki emsileni welog.

“Indlela abadlala ngayo akufanele engabe bavika izembe, badlala ibhola elihle kakhulu. Kodwa into engibonile ukuthi ishaya uDladla wukuthi akanaye umsizi oqine ukhakhayi. Ebholeni uyadinga ukuthi uphahlwe ngabantu abaqine ukhakhayi,” kusho uMasutha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa