Iyamhlukumeza eyeculo lesizwe ezimpini
UBabyface Mthalane uzibona belahlwe wuhulumeni wakuleli
KUMEPHULA umoya ukuculwa kweculo lesizwe nokuphakanyiswa kwefulegi laseNingizimu Afrika ezimpini zakhe zangaphandle uMoruti “Babyface” Mthalane oyingqwele ye-International Boxing Federation (IFB) Flyweight.
UMthalane useqome ukuzidela ayovikela ibhande lakhe emazweni angaphandle ngenxa yokuntula izimpi kuleli. Uthi kumphatha kabuhlungu ukuthi uhulumeni wakuleli uyehluleka ukusiza ophromotha ukuze bamhlelele izimpi zokuvikela leli bhande kuleli.
Leli bhokisa lizovikela leli bha- nde kuMasayuki Kuroda mhla ka-13 kuNhlaba (May) eJapan. UMthalane nguyena okumele ngabe ulwela ekhaya njengengqwele yaleli bhande, kodwa uphoqelekile ukuyokulwa phambi kwezinkumbi zabalandeli bakaKuroda ongowakhona eJapan ngenxa yokuthi akekho okwazi ukumhlelela impi kuleli.
Ngesikhathi abaningi bejabulela ukuyongena onyakeni omusha mhla ka-31 kuZibandlela (December) nyakenye, uMthalane ubeseringini evikela leli bhande leIBF kuMasahiro Sakamoto eMacao, eChina.
Ngaphambi kwalokhu, ulande leli bande kunzima phakathi nonyaka odlule ehlula uMohammad Waseem eMalaysia.
UMthalane uthi akumphathi kahle ukulokhu eqhakambisa elakuleli emazweni omhlaba, ekubeni engagqizwa qakala kuleli.
Yize kumkhathaza ukulwela ngaphandle, kodwa kukhona okubuye kumjabulise ngalesi simo. Uthi imali yangaphandle iba ngconywana nxa isishintshelwa kweyakuleli njengoba irandi laseNingizimu Afrika liphansi kakhulu nxa liqhathaniswa nemali yakwamanye amazwe.
UMthalane uncome kakhulu uCollin Nathan ongumqeqeshi wakhe ngokumkhathalela njengoba engajimeli ubala kodwa emhlelela izimpi.