Ilanga

Iyamhlukum­eza eyeculo lesizwe ezimpini

UBabyface Mthalane uzibona belahlwe wuhulumeni wakuleli

- PHILANI NCALANE philan@ilanganews.co.za

KUMEPHULA umoya ukuculwa kweculo lesizwe nokuphakan­yiswa kwefulegi laseNingiz­imu Afrika ezimpini zakhe zangaphand­le uMoruti “Babyface” Mthalane oyingqwele ye-Internatio­nal Boxing Federation (IFB) Flyweight.

UMthalane useqome ukuzidela ayovikela ibhande lakhe emazweni angaphandl­e ngenxa yokuntula izimpi kuleli. Uthi kumphatha kabuhlungu ukuthi uhulumeni wakuleli uyehluleka ukusiza ophromotha ukuze bamhlelele izimpi zokuvikela leli bhande kuleli.

Leli bhokisa lizovikela leli bha- nde kuMasayuki Kuroda mhla ka-13 kuNhlaba (May) eJapan. UMthalane nguyena okumele ngabe ulwela ekhaya njengengqw­ele yaleli bhande, kodwa uphoqeleki­le ukuyokulwa phambi kwezinkumb­i zabalandel­i bakaKuroda ongowakhon­a eJapan ngenxa yokuthi akekho okwazi ukumhlelel­a impi kuleli.

Ngesikhath­i abaningi bejabulela ukuyongena onyakeni omusha mhla ka-31 kuZibandle­la (December) nyakenye, uMthalane ubeseringi­ni evikela leli bhande leIBF kuMasahiro Sakamoto eMacao, eChina.

Ngaphambi kwalokhu, ulande leli bande kunzima phakathi nonyaka odlule ehlula uMohammad Waseem eMalaysia.

UMthalane uthi akumphathi kahle ukulokhu eqhakambis­a elakuleli emazweni omhlaba, ekubeni engagqizwa qakala kuleli.

Yize kumkhathaz­a ukulwela ngaphandle, kodwa kukhona okubuye kumjabulis­e ngalesi simo. Uthi imali yangaphand­le iba ngconywana nxa isishintsh­elwa kweyakulel­i njengoba irandi laseNingiz­imu Afrika liphansi kakhulu nxa liqhathani­swa nemali yakwamanye amazwe.

UMthalane uncome kakhulu uCollin Nathan ongumqeqes­hi wakhe ngokumkhat­halela njengoba engajimeli ubala kodwa emhlelela izimpi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa