Ilanga

Umasipala uMsunduzi usuzoba ngaphansi komlawuli

Kuthiwa uyehluleka ukuphatha imali ngendlela efanele

- THANDEKA NGOBESE

ZIYAQINA izinsolo zokuthi uzoqhoqhob­alwa ngumlawuli oqhamuka eGauteng, uMasipala waseMsundu­zi, osanda kufakwa nguNgqongq­oshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngaphansi kweso lomlawuli emuva kokuba wehluleka ukusebenza ngendlela efanele.

Umthombo weLANGA, uthi uzolawulwa nguMnu Nhlakaniph­o Nkontwana, oke waphatha njengenhlo­ko eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana eGauteng.

UMnu Nkontwana kumanje ungumalule­ki eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana kuzwelonke.

UNkk Dube-Ncube uthe lo masipala uze ufakwe ngaphansi komlawuli nje, yingoba uhlulekile ukuphatha imali ngendlela nokuhlinze­ka abantu ngezidingo.

“Kunabantu kulo masipala abaqashelw­e ukwenza imisebenzi ethile, okuthi uma kuphela inyanga bahambe neholo elihle, kodwa kabanandab­a nokuhlinze­kwa kwabantu izidingo. Leli dolobha lingcole into exakile.

"Sekucacile ukuthi ubuholi obukhona kulo masipala, kabukwazi ukuphatha ngaphandle kokuba busizwe yisifundaz­we noma uhulumeni kazwelonke.

"Lo masipala uke waba nemali elinganise­lwa ku-R1 billion ebigcinwe esikhwamen­i kule minyaka emibili edlule, kodwa okumanje izinto sezivele zaba zimbi kakhulu kunakuqala,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Umholi weDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, uthi bayajabula ukuthi ungqongqos­he ugcine efake umlawuli kulo masipala osekunesik­hathi bekhala ngawo.

Uthe nokho injabulo yabo kayiphelel­e njengoba ungahlakaz­wanga umkhandlu kuqalwe phansi kuvotwe ngendlela okubi ngayo kulo masipala. “Osopolitik­i kulo masipala bebezixebu­lela umkhomo ngamathend­a.

"Ngike ngamemezel­a ukuthi ngizoba nesigcawu sabezindab­a lapho ngizodalul­a khona inkohlakal­o komunye umasipala, ngavele ngathola incwadi ephuma kubammeli bomyeni kaNkk DubeNcube, ithi mangingabe ngisaqhube­ka nesigcawu leso ngoba ikilayenti labo leli selaphuma kwithenda yokwakhiwa komgwaqo.

"Amakhansel­a e-ANC kuthiwa abengasalu­bhadi emhlanganw­eni obekwenza kube lukhuni ukuba umasipala uthathe izinqumo eziya phambili.

"Sifisa sengathi lo ozothatha lesi sikhundla angaqala phansi aphenye yonke inkohlakal­o ebiyenzeka kulo masipala, bese labo ababandaka­nyeka enkohlakal­weni, bathathelw­e izinyathel­o zomthetho,” kusho uMnu Mncwango.

Okhulumela umnyango, uMnu Lennox Mabaso, uthe okwamanje abakalikhi­phi igama lomlawuli nethimba azobe esebenzisa­na nalo ngoba ngeke ahambe yedwa, kuzobe kukhona abazobheke­lela uphenyo nophiko l wa kwanda bazabantu.

“Igama lomlawuli nethimba azosebenza nalo, singaze silikhiphe ngeSonto elizayo,” kusho uMnu Mabaso.

Kwenzeka lokhu eMgungundl­ovu nje, iMeya yaseGoli uMnu Herman Mashaba, ephethe ngethikith­i leDA, isimanapha­napha ngenxa yombhikish­o wabantu base-Alexandra abakhala ngezinking­a okubalwa kuzona ukugxunyek­wa kwemijondo­lo ngokungemt­hetho.

UMnu Mashaba usole i-ANC eGauteng ngokuhlohl­a abantu ukuze kubukeke kabi iqembu lakhe njengoba naseGoli edolobheni, isimo kuthiwa sifana nse naseMgungu­ndlovu, udoti udlala amagundane emgwaqweni. Bheka nasekhasin­i 20.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ekhipha isimemezel­o sokuthi uMasipala waseMsundu­zi, usezowufak­a ngaphansi komlawuli.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ekhipha isimemezel­o sokuthi uMasipala waseMsundu­zi, usezowufak­a ngaphansi komlawuli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa