USHENGE UBONA ABANTU SEBELAHLE ITHEMBA NGEQEMBU ELIBUSAYO
“UKWENYUKA kwesibalo samaqembu ezepolitiki azongenela ukhetho lwango-2019, kukhomba ngokusobala ukuthi abantu kabasethembi lutho."
Lawa ngamazwi ashiwo nguMengameli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngesikhathi ikhuluma neLANGA izolo ngoLwesithathu eChatsworth, eThekwini emcimbini wezaguga abeyisikhulumi sosuku kuwona.
Uthe lokhu kumele kubonakale njengokwehluleka kweqembu elibusayo, i-ANC njengoba abantu abaningi sebekhetha ukuzivulela amaqembu abo kunokuba bavote. “Selokhu ngaba khona, kangikaze ngilibone izwe elinamaqembu awu-48 azongenela ukhetho, lokhu kumele sikubheke njengokuthi abantu sebekhathele yinkohlakalo eqhubekayo kulo hulumeni.
"Abantu bagcina sebekhetha kokubili, ukuthi bayavota noma bazivulela awabo amaqembu ezepolitiki,” kusho yena.
Uphinde waphawula ngodaba lokufakwa kukaMasipala waseMsunduzi ngaphansi komlawuli, wathi lokhu kuyihlazo elikhulu, kanti kukhomba ukuthi inkohlakalo idla lubi eNingizimu Afrika.
“Kuyihlazo ukuthi umasipala ophethe inhlokodolobha yesifundazwe kuthiwa ufakwa ngaphansi komlawuli.
"Lokhu kusho ukunuka kwenkohlakalo egcine iphoqa ukuba lo masipala ufakwe ngaphansi komlawuli,” kusho yena.
Njengoba asebekhulile nangokweminyaka kuyibona ikakhulukazi abaphathwa yisifo sikashukela, ubuye wagqugquzela nabo, ebatshela indlela abangaphila ngayo uma benalesi sifo. “Sengihlale iminyaka engaphezulu kwewu-50 nginesifo sikashukela, kodwa ngiyaphila njengoba ningibona, yingoba ngalalela engakutshelwa ngodokotela.
"Kwakungelula-ke neze, ngitshelwa ukuthi kuzomele ngiyeke nenyama ebomvu ngoba ngangiyithanda, kodwa kwaphoqa ukuba ngiyiyeke ukuvikela impilo yami kulesi sifo," kusho iNkosi Buthelezi.
Iveze ukuthi yazama ukudla inyama yesiklabhu ivala isikhala seyenkomo, nayo kwathiwa kayiyilungele kulesi simo ekusona.