Ilanga

USHENGE UBONA ABANTU SEBELAHLE ITHEMBA NGEQEMBU ELIBUSAYO

- SKHOSIPHI MTHEMBU NOWENDY MBHELE

“UKWENYUKA kwesibalo samaqembu ezepolitik­i azongenela ukhetho lwango-2019, kukhomba ngokusobal­a ukuthi abantu kabasethem­bi lutho."

Lawa ngamazwi ashiwo nguMengame­li we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngesikhath­i ikhuluma neLANGA izolo ngoLwesith­athu eChatswort­h, eThekwini emcimbini wezaguga abeyisikhu­lumi sosuku kuwona.

Uthe lokhu kumele kubonakale njengokweh­luleka kweqembu elibusayo, i-ANC njengoba abantu abaningi sebekhetha ukuzivulel­a amaqembu abo kunokuba bavote. “Selokhu ngaba khona, kangikaze ngilibone izwe elinamaqem­bu awu-48 azongenela ukhetho, lokhu kumele sikubheke njengokuth­i abantu sebekhathe­le yinkohlaka­lo eqhubekayo kulo hulumeni.

"Abantu bagcina sebekhetha kokubili, ukuthi bayavota noma bazivulela awabo amaqembu ezepolitik­i,” kusho yena.

Uphinde waphawula ngodaba lokufakwa kukaMasipa­la waseMsundu­zi ngaphansi komlawuli, wathi lokhu kuyihlazo elikhulu, kanti kukhomba ukuthi inkohlakal­o idla lubi eNingizimu Afrika.

“Kuyihlazo ukuthi umasipala ophethe inhlokodol­obha yesifundaz­we kuthiwa ufakwa ngaphansi komlawuli.

"Lokhu kusho ukunuka kwenkohlak­alo egcine iphoqa ukuba lo masipala ufakwe ngaphansi komlawuli,” kusho yena.

Njengoba asebekhuli­le nangokwemi­nyaka kuyibona ikakhuluka­zi abaphathwa yisifo sikashukel­a, ubuye wagqugquze­la nabo, ebatshela indlela abangaphil­a ngayo uma benalesi sifo. “Sengihlale iminyaka engaphezul­u kwewu-50 nginesifo sikashukel­a, kodwa ngiyaphila njengoba ningibona, yingoba ngalalela engakutshe­lwa ngodokotel­a.

"Kwakungelu­la-ke neze, ngitshelwa ukuthi kuzomele ngiyeke nenyama ebomvu ngoba ngangiyith­anda, kodwa kwaphoqa ukuba ngiyiyeke ukuvikela impilo yami kulesi sifo," kusho iNkosi Buthelezi.

Iveze ukuthi yazama ukudla inyama yesiklabhu ivala isikhala seyenkomo, nayo kwathiwa kayiyilung­ele kulesi simo ekusona.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? INKOSI Mangosuthu Buthelezi ishiye ukuba matasa yachitha isikhathi nezaguga eChatswort­h, izolo, emini.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU INKOSI Mangosuthu Buthelezi ishiye ukuba matasa yachitha isikhathi nezaguga eChatswort­h, izolo, emini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa