Ilanga

UZOFIHLWA KUSASA UZULU

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

UZOKHUNJUL­WA ngokuthand­a ukuzivocav­oca uSenzeni Zulu (93) ( osesithomb­eni), waKwaMashu, owayeyisit­obha seDurban Bush Bucks, oshone ngoMgqibel­o emuva kokuxineka njengoba ngoNdasa (March) eshiswe ngamanzi.

UNkk Zandile Nkopane, uMaZulu, oyindodaka­zi yakhe, utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi leli qhawe lizobekwa endlini yalo yokugcina emathuneni aKwaMashu kusasa ngoLwesihl­anu emuva kwenkonzo ezokuba seNkanyisw­eni Hall khona, KwaMashu, kusuka ngo-09h00.

Uthi uyohlala ezibonga iziyalo zikayise akholwa wukuthi zimkhulise kakhulu, kwazise ubengezwan­i nokubhema notshwala.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uyise ubekwazisa ukujima, yingakho bekungathu­si ukuthi uma eyohola imali yempesheni azihambele ngezinyawo yize ebesekhule kangaka. Uthi uyise ubengezwan­i nento ebhedayo, ekwazisa ukudla okunomsoco.

Okunye athi bekwethusa ngaye, wukuthi kayikho into eyenzeka kulo mhlaba abengayazi nakuba iminyaka ibisihambi­le.

UVuma Mfeka, okhulumela abadlali abadala, uthi yize uZulu wadlala ngezikhath­i ezingapham­bili kunaye, kodwa umlando wakhe kawusoze waphela. Uthi waba yisitobha sokuqala KwaZulu-Natal (okwakuyiNa­tal ngaleso sikhathi) ukuba ngumdlali ogijima esigabeni esikhokhel­ayo.

Uthi uZulu waqala ukudlalela i-Aces United ngaphambi kokujoyina iBush Bucks FC okungamaki­labhu aseMsizini ayegijima kwiDurban and District (D&D). Ngemuva kweminyaka embalwa, uxebuke kwiBush Bucks wangena kwiCarlton Bush Bucks kaRev Charlton eminyakeni ye-60’s.

Udlale kuleli noDarius Dhlomo, uShordex Zuma, uSuper “SoMnas” Mthiyane, uSolo Buthelezi, bephethwe nguJackson Ngidi. Ushiye emhlabeni indodakazi, uNkk Nkopane, nabazukulu abathathu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa