Ilanga

"BABANJISWE ISISILA SEHOBHE"

- CEBO BUTHELEZI

IKHALA ngoMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal inhlangano yabalimi basoNdini, iBabanango Ilima Farming Co-operative, ethi ithenjiswe uxhaso luka-R1.5 million yilo mnyango ngo-2017 kodwa namanje kusacwebe iziziba.

UMnu uThulani Zungu, ongusihlal­o wale nhlangano eyakhiwe ngabesifaz­ane abane nabesilisa ababili, utshele ILANGA ukuthi sekuyisikh­athi eside bathenjisw­a wumnyango le mali ukuze babiyele amasimu, bawalime, bawathuthu­kise abe sesimeni. Kulo nyaka uthi batshelwe ukuthi le mali isizoncish­iswa ibe wu-R500 000 kodwa nakhona bazoze bayithole ngonyaka-mali ozoqala.

“Kufike uNgqongqos­he (Themba) Mthembu ehamba nobuholi besifunda iZululand bezobona le nhlangano yethu la isebenzela khona, sathenjisw­a le mali okumanje asikayitho­li. Okusiphath­a kabi wukuthi ezinye izinhlanga­no ziyaqhubek­a nokusebenz­a, eyethu imile, kasazi kwenzenjan­i,” kusho uMnu Zungu.

Le nhlangano ilima ukudla okubalwa kukho amaklabish­i, i- spinach namazamban­e kanti kuyimanje iqashe intsha ewu-25 ehola u-R1 700 umuntu ngamunye.

Okhulumela uMnyango wezoLimo nokuThuthu­kiswa kweziNdawo zasemaKhay­a KwaZuluNat­al, uNkk uPhathisa Mfuyo, uthe umnyango uyalwazi lolu daba nezingqina­mba ezibhekene nale nhlangano.

“Lolu daba luyasetshe­nzwa yinhloko yomnyango esifundazw­eni, nenhloko yomnyango esifundeni iyaxhumana nosihlalo wenhlangan­o. Umchazele ukuthi le nhlangano isibekelwe imali yokuyileke­lela ngonyaka-mali ozoqala ka-2019/20.

“UNgqongqos­he Mthembu uyile kule nhlangano ngonyaka odlule mhla ka-29 kuLwezi (November) 2018 waveza ukuthi lukhona uxhaso ezoluthola emnyangwen­i. Ihhovisi lethu lesifunda lizamile ukulekelel­a le nhlangano ngokuyinik­a izinto zokutshala ummbila nobhontshi­si, yazenqaba ngoba ikhala ngokuthi indawo elima kuyo kayibiyiwe,” kusho uNkk uMfuyo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa