Ilanga

Uyaziqhele­lanisa nokushiswa kwencwadi

Lolu daba lunyakazis­e nabahleli

- INTATHELI YELANGA

UPHUMELE obala izolo ngoLwesith­athu waziqhelel­anisa nomkhankas­o wokuba kushiswe incwadi ekhuluma ngamahlazo okuthiwa uwenzile uNobhala-jikelele weANC, uMnu Ace Magashule ( osesithomb­eni).

Le ncwadi ethi‚“Gangster State: Unravellin­g Ace Magashule’s Web of Capture” elotshwe wuqweqwe lwentathel­i, uPieter-Louis Myburgh, iveza ukuthi uMnu Magashule ubengungqo­ndongqondo wokuthunjw­a kombuso ( state capture).

NgoLwesibi­li ebusuku kusuke esinamatha­mbo kwesinye sezitolo eSandton City, eGoli, lapho beyethulwa khona ngokusemth­ethweni, kugasela amalungu e-ANC ephazamisa umcimbi.

Kulandele inkulumo yokhu

lumela i-ANC Youth League eFree State - lapho uMnu Magashule ayengundun­ankulu khona - okusolwa ukuthi imikhuba eminingi uyigile khona, uMnu Sello Pietersen, othe kuzomele izincwadi zishiswe ngoMsombul­uko.

Le ncwadi imkhiphela eshashalaz­ini uMnu Magashule njengongqo­ndongqondo wohlelo olucatshan­gwe kahle lokuthunjw­a kombuso eFree State iminyaka esondele kwewu-10.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu Magashule uphumela obala nje, nayo i-ANC, ngomkhulum­eli wayo obambile, uMnu Dakota Legoete, ibisizwaka­lisile ngoLwesibi­li ukuthi kayihambis­ani nokuthikan­yezwa komcimbi wokwethulw­a kwayo.

Amazwi akhe afe namthanyan­a njengoba ngesikhath­i somcimbi kutheleke kuwo isigejane sabalandel­i bakaMnu Magashule, bawuphazam­isa.

Lokhu kuholele ekutheni ukuxoxa ngayo kungabe kusenzeka kulo mcimbi obusingeth­we nguMhleli wephephand­aba iCity Press, uMnu Mondli Makhanya.

Le ndaba isinyakazi­se ngisho neThe South African Editors’ Forum (Sanef) esihlabe yasihlikiz­a isenzo sababhikis­hi abatheleke bephethe izingqwemb­e besho isiqubulo esithi, “Ace!”

Kuthiwa ababhikish­i badabule ezinye izincwadi basakaza amakhasi azo. Lolu hlaka lubhale kwiTwitter lwathi ukucindeze­lwa kwelungelo lokukhulum­a ngenkulule­ko akunayo indawo ngaphansi kombuso wentando yeningi futhi yakushayel­a ihlombe ukugxekwa kwalesi senzo yi-ANC.

NoSotswebh­u we-ANC ePhalamend­e, uMnu Jackson Mthembu usihlabe wasihlikiz­a isenzo samalungu e-ANC angabaland­eli bakaMnu Magashule wathi uzonxenxa i-ANC ukuba iwathathel­e izinyathel­o.

Amalungu e-ANC enza lokhu nje, kakukaphel­i zinsuku ezingaki kubonakale awe-EFF ejikijelan­a nabanye abantu ngezihlalo eHout Bay, eWestern Cape, ngesikhath­i kunenkulum­o-mpikiswano ngokhetho.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa