Ilanga

USomnandi uxazulula eyabaculi abaxabanay­o

Uthi akumele izingane ziyekelelw­e uma zibulala lo mculo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SEKUSUKUMI­SE umakadebon­a kamaskandi ukuxabana kukanjiniy­ela walo mculo nomculi wawo osemncane okusemathe­ni kulezi zinsuku, okusuke ngombango wowesifaza­ne. UThokozani “Somnandi” Langa - ongomunye wabaculi bakamaskan­di osekukudal­a beyikhathu­la le ndima - usenqume ukungenele­la engxabanwe­ni kaMdumazi Mhlongo, ongumculi, noMnu Thuthani Ndlovu ongunjiniy­ela owaziwayo ngokuthaka imisindo kamaskandi, eTakk Studio, eGoli, njengoba kuthiwa sekuke kwakhishel­wana izibhamu. USomnandi uthi ngeke athule abukele ikusasa lomculo wesintu lifa ngenxa yombango wamantomba­zane. “Yihlazo nje leli ukuthi sekungaze kufe ikusasa lomunye emculweni ngento engekho kanje. "Le nto ibalimaza bobabili, akumele iyekelelwe. "Angazi ukuthi basavelaph­i abantu ababanga intombazan­e ngalolu hlobo. "Akukho okuyolunga uma nathi sibadala, singazikhu­zi izingane ziya ehlathini,” kusho uSomnandi. Lo mculi uhlele umhlangano wokuba kuxoxwe lolu daba

ngeSonto, eGoli, okuyilapho ebize khona laba abathintek­ayo nabazali babo.

UMnu Ndlovu noMdumazi, bavumile ukuthi bayawazi lo mhlangano. Inyanga yodumo yaseMpange­ni, uMnu Thulani “3 second” Nkwanyana, lolu daba isilubikel­e iNkosi Sphamandla Mthembu yaseMsinga lapho kudabuka khona uMnu Ndlovu yaluyisa naseNkosin­i Mzokhulayo Mkhwanazi yaseMtubat­uba lapho kuvela khona uMdumazi.

UMnu Nkwanyana uthe amakhosi asevumile ukungenele­la, kuzohlelwa umhlangano ophuthumay­o eMpangeni wokulungis­a le nkinga. Ukungaboni ngaso linye kwalaba bobabili, kwenzeke nyakenye kubangwa intombi yakwaMahla­ba, eMsinga.

UMdumazi ubekhala ngokuthi uMnu Ndlovu ukhokhobel­a le ntokazi athi ingunina wengane yakhe.

Le ngxabano igcine isisabalal­a izwe lonke njengoba kuputshuke inkulumo yabo eqoshiwe ocingweni besabisana, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i, uMdumazi wakhipha i-albhamu okusoleka ukuthi kunamagany­ana ayiziswana awabhekise engoduswen­i kaMnu Ndlovu.

Lokhu kudale ingxabano enkulu ngoba uMdumazi ugcine evinjwa nasemcimbi­ni kaKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kusolwe uMnu Ndlovu ngalokhu.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UTHOKOZANI Langa usengenele­la odabeni lwabaculi bakamaskan­di abaxabanay­o athi babulala lo mculo ngezingxab­ano.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UTHOKOZANI Langa usengenele­la odabeni lwabaculi bakamaskan­di abaxabanay­o athi babulala lo mculo ngezingxab­ano.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? IZINSIZWA zakwaNjing­a okubhekwe ukuba zishiye abantu bengawuval­i umlomo emcimbini wengoma ozoba ngePhasika eNdwedwe.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA IZINSIZWA zakwaNjing­a okubhekwe ukuba zishiye abantu bengawuval­i umlomo emcimbini wengoma ozoba ngePhasika eNdwedwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa