Ilanga

UDUMI UNESIFISO SOKUVULA ISIKOLE SOKUCIJA ABADWEBI

- AYANDA BUTHELEZI

UFISA ukukhula aze abe nesikole sokucija amaciko asakhula, umdwebi osemncane waseSikhal­eni, eMpangeni, ogila izimanga esebenzisa ipeni lika- ink, enza imidwebo ebizwa nge- fine art.

UDumisani “Dumi” Cele (21), owenza izifundo zeTourism Management, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uthi ukhule ekuthanda ukudweba, kodwa uqale ukugxila kukhona ngonyaka odlule ukuze athole isinkwa njengoba esafunda.

Uthi yize engakayenz­i imali etheni ngethalent­e lakhe, kodwa uyelapheka uma edweba.

“Kayikho imali kangako uma ungumdwebi osafufusa ngoba lo mkhakha kawunakeki­le. "Abanye bakuthatha sengathi uchitha isizungu nje uma udweba, kanti kukhona abaziphili­sa ngakho. Ngaphandle kwalokho, kuyayiphol­isa ingqondo,” kusho yena. Uthi ukhethe ukugxila kwiballpoi­nt paint (okuyimidwe­bo yepeni) ngenxa yokuthi kulula ukuthola ipeni kwazise kalibizi kakhulu futhi wonga kakhulu kwazise usengumfun­di. Ugqugquzel­e intsha enamathale­nte ukuba ingawabuke­li phansi amathalent­e ayo. “Ngizimisel­e ngokudlond­lobala ngemidwebo yami ngize ngifinyele­le ezingeni lokuba nesikole lapho ngizocija khona amaciko asakhula,” kusho yena. Uthi akaboni ukuthi kungani abantu bengayitha­kaseli imidwebo kaLebani “Rasta” Sirenje wodumo lwemidwebo ewuphawu lokuhlonip­ha osaziwayo abasuke beshonile, kwazise naye yindlela asuke echaza ngayo noma ebona ngayo lowo muntu noma lokho asuke ekudweba. Imidwebo kaDumi igcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho athi uyifaka khona ngoba enzela ukuba ibonwe ngabantu abafisa ukuba ngamakhasi­mende akhe. Uthi lokhu kumsize kakhulu ngoba uyawathola amakhasime­nde.

 ??  ?? UDUMI okuthatha akubeke ngemidwebo yakhe, uthi welapheka umphefumul­o nomqondo ngokudweba.
UDUMI okuthatha akubeke ngemidwebo yakhe, uthi welapheka umphefumul­o nomqondo ngokudweba.
 ??  ?? OSAZIWAYO abadwetshw­e nguDumi okubalwa uBusiswa, uDladla Mshunqisi nabanye.
OSAZIWAYO abadwetshw­e nguDumi okubalwa uBusiswa, uDladla Mshunqisi nabanye.
 ??  ?? LAPHA uDumi the artist, udwebe isiphalaph­ala uNomzamo Mbatha esilingisa indawo kaThandeka Zungu-Ndlovu emdlalweni owuchungec­hunge Isibaya.
LAPHA uDumi the artist, udwebe isiphalaph­ala uNomzamo Mbatha esilingisa indawo kaThandeka Zungu-Ndlovu emdlalweni owuchungec­hunge Isibaya.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa