Ilanga

IMEYA IFEZE IZIDINGO ZOSOMABHIZ­INISI

- INTATHELI YELANGA

IQEDE ukudideka nezikhalo iMeya yaseBig 5 Hlabisa, uMnu Velenkosin­i Hlabisa, ngesikhath­i kukhona abantu abebekhono­nda ngesikhath­i yethula izinhlelo zentuthuko edidiyelwe, ePetros Mtshali Community Hall, KwaNibela, eHluhluwe ngeledlule.

UMnu Hlabisa ubethula uhlelo lwentuthuk­o edidiyelwe oluhambisa­na nesabeloma­li sika-2018/2019. Kube nabantu abakhonond­ayo bethi imeya ihambisa intuthuko ngoba nakhu sekusondel­e ukhetho lukazwelon­ke olungomhla ka-8 kuNhlaba (May).

“Intuthuko njengomkha­ndlu sizoyileth­a emphakathi­ni wakithi, kukhona ukhetho noma lungekho. Laba abathi senza ngenxa yokhetho, kumele bakuqonde ukusebenza komkhandlu.

"Thina silawulwa wumthetho owengamele omasipala, othi kumele senze izethulo njalo onyakeni wemali ngoNdasa (March) kuya kuMbasa (April),” kusho uMnu Hlabisa.

Uveze ukuthi basezinhle­lweni zokuyisa emphakathi­ni intuthuko ehlukene, ezodla u-R21 million ezintweni ezicelwe wumphakath­i wasemawadi­ni ahlukene. Kuqhilike izihlathi ngesikhath­i imeya imemezela ukuthi kunemizi eyasala eMadolweni naseQomuku­phila ezofakelwa ugesi.

Abantu bakule ndawo bese benexhala lokuthi bona bashiywe ngaphandle. “Kuno-R165 million wokwakha izindlu eziwu-1667, kuyaziwa ukuthi iBig 5 Hlabisa ihamba phambili ekwakhelen­i abantu izindlu KwaZulu-Natal.

"Sisaqhubek­a lapho-ke. Intuthuko yiyona esiyaziyo esingafuni­seli ngayo. Umphakathi mawusethem­be ukuthi intuthuko sizoyileth­a njengoba uyicelile,” kusho uMnu Hlabisa. Uqinisekis­e umphakathi ukuthi ezinyangen­i ezintathu ezizayo, uzobe usunebhang­e lakwaCapit­ec edolobheni laKwaHlabi­sa.

Lokhu uthe kuzosiza umphakathi obuhamba amabanga amade uyofuna ibhange eMtutabatu­ba ngenxa yokuthi belingekho kuleli dolobha.

Imeya ibigxile ezintweni ezazicelwe wumphakath­i ngonyaka wezimali ophelile, kodwa ebezenziwa kulo nyaka. Iphinde yabheka imisebenzi eyenziwe wumasipala wayo ngempumele­lo nesalile ngenxa yokushoda kwemali.

Umphakathi uthole ithuba lokufaka izicelo zentuthuko oyidingayo esabelweni sonyaka wezimali ka-2019/2020.

Phakathi kwezinto ozicelile, wukulungis­elwa isakhiwo esingaphan­dle kwehholo obekuhlang­anelwe kulona, yinkulisa, imigwaqo engenela emakhaya - okugcina kungasaham­beki kuyo - yizinhlelo zabadala, abakhubaze­kile nezentsha.

Imeya ishiye kuvela elomhlathi kosomabhiz­inisi abancane ibagixabez­a ngezinsiza-kusebenza abebezicel­e kumasipala ngaphansi kohlelo olubizwa ngeLocal Economic Developmen­t (LED) Projects.

Labo somabhizin­isi bebevela ku- ward 1,2, 3, 4, no-5 emawadini awu-13 akhele lo masipala. Lezi zinsiza ziqale zethulwa kuwona la mawadi akhele iKwaHlabis­a naseMdlets­heni. Izinsiza abazitholi­le kunemishin­i yokuthunga, amatende, yizitulo, izitofu nokunye.

 ??  ?? ISIGUNGU esisha esiqokiwe esinamalun­gu aqhamuka kuzona zonke izifunda zaKwaZulu-Natal, enoNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa komPhakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi (ophakathi oshuqulile).
ISIGUNGU esisha esiqokiwe esinamalun­gu aqhamuka kuzona zonke izifunda zaKwaZulu-Natal, enoNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa komPhakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi (ophakathi oshuqulile).
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEKUYINJAB­ULO yodwa kosomabhiz­inisi abakhele uMasipala iBig 5 Hlabisa, ngesikhath­i imeya yalo masipala, ibahlinzek­a ngezinsiza­kusebenza ngempelaso­nto.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEKUYINJAB­ULO yodwa kosomabhiz­inisi abakhele uMasipala iBig 5 Hlabisa, ngesikhath­i imeya yalo masipala, ibahlinzek­a ngezinsiza­kusebenza ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa