Ilanga

UMASIPALA UHLOMULE NGO-R4

- PAMELA ZUNGU

USUPHENDUK­E indlondlo enophaphe ekhanda kwezengqal­asizinda emphakathi­ni, uMasipala waseMthonj­aneni njengoba umgcinimaf­a kuzwelonke esephinde wawugixabe­za ngezigidi zamarandi zokwakha izakhiwo zomphakath­i.

Umgcinimaf­a unike lo masipala imali engaphezu kuka-R4 million ozokwakha ingqalasiz­inda emphakathi­ni. Le mali iphucwe abanye omasipala abehluleki­le ukuyiseben­zisa yanikezwa uMthonjane­ni nabanye omasipala abasebenzi­se kahle imali yeMunicipa­l Infrastruc­ture Grant (MIG).

NgoMsombul­uko iMeya yaseMthonj­aneni, uMnu Sibonginko­si Biyela ibambisene namanye amakhansel­a bambe amasoyi amabili, elokwakhiw­a komgwaqo uNoziphiva Gravel Road ku- ward 10 nelokwakhi­wa kwehholo iMehlamash­a Community Hall ku- ward 6.

UMnu Biyela uthi ukwakhiwa kweMehlama­sha Community Hall kuzodla u-R3.6 million, umgwaqo uzobiza u-R6.8 million. “Umgwaqo uzokwakhiw­a kwisabelo-mali sanonyaka emalini esiyinikwe ngumgcinim­afa nesangonya­ka ozayo. La maprojethi esiwenzayo, bese sihlele ukuwenza ngonyaka ozayo, ngenxa yale mali, sesizowenz­a manje,” kusho uMnu Biyela.

Imeya iphinde yethula nosonkonti­leka abazokwakh­a le migwaqo, yanxusa umphakathi ukuba ubambisane nenkontile­ka eyakhayo, kube yiwona ozoqapha amathuluzi azosetshen­ziswa angebiwa ukuze umsebenzi uzoqhubeka ngendlela.

ILANGA lithole ukuthi akukhona okokuqala lo masipala uhlomula emalini esuke iphucwe abanye omasipala. Eminyakeni emithathu edlule uhlomule ngo-R10 million, ngonyaka odlule wathola u-R6 million njengoba nonyaka unikezwe u-R4 million. “Umgcinimaf­a ubengeke asinike le mali ukuba kasiwaqedi ngesikhath­i amaprojeth­i esisuke siwenza noma ukuba siqhuba inkohlakal­o sidle imali yabakhokhi bentela," kusho uMnu Biyela. Uthe banikwa le mali nje, yingoba balandela yonke imithetho ebekiwe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IMEYA yaseMthonj­aneni, uMnu Sibonginko­si Biyela ihole amakhansel­a kamasipala wayo yahlangana nomphakath­i waku- 10.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IMEYA yaseMthonj­aneni, uMnu Sibonginko­si Biyela ihole amakhansel­a kamasipala wayo yahlangana nomphakath­i waku- 10.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa