UMASIPALA UHLOMULE NGO-R4
USUPHENDUKE indlondlo enophaphe ekhanda kwezengqalasizinda emphakathini, uMasipala waseMthonjaneni njengoba umgcinimafa kuzwelonke esephinde wawugixabeza ngezigidi zamarandi zokwakha izakhiwo zomphakathi.
Umgcinimafa unike lo masipala imali engaphezu kuka-R4 million ozokwakha ingqalasizinda emphakathini. Le mali iphucwe abanye omasipala abehlulekile ukuyisebenzisa yanikezwa uMthonjaneni nabanye omasipala abasebenzise kahle imali yeMunicipal Infrastructure Grant (MIG).
NgoMsombuluko iMeya yaseMthonjaneni, uMnu Sibonginkosi Biyela ibambisene namanye amakhansela bambe amasoyi amabili, elokwakhiwa komgwaqo uNoziphiva Gravel Road ku- ward 10 nelokwakhiwa kwehholo iMehlamasha Community Hall ku- ward 6.
UMnu Biyela uthi ukwakhiwa kweMehlamasha Community Hall kuzodla u-R3.6 million, umgwaqo uzobiza u-R6.8 million. “Umgwaqo uzokwakhiwa kwisabelo-mali sanonyaka emalini esiyinikwe ngumgcinimafa nesangonyaka ozayo. La maprojethi esiwenzayo, bese sihlele ukuwenza ngonyaka ozayo, ngenxa yale mali, sesizowenza manje,” kusho uMnu Biyela.
Imeya iphinde yethula nosonkontileka abazokwakha le migwaqo, yanxusa umphakathi ukuba ubambisane nenkontileka eyakhayo, kube yiwona ozoqapha amathuluzi azosetshenziswa angebiwa ukuze umsebenzi uzoqhubeka ngendlela.
ILANGA lithole ukuthi akukhona okokuqala lo masipala uhlomula emalini esuke iphucwe abanye omasipala. Eminyakeni emithathu edlule uhlomule ngo-R10 million, ngonyaka odlule wathola u-R6 million njengoba nonyaka unikezwe u-R4 million. “Umgcinimafa ubengeke asinike le mali ukuba kasiwaqedi ngesikhathi amaprojethi esisuke siwenza noma ukuba siqhuba inkohlakalo sidle imali yabakhokhi bentela," kusho uMnu Biyela. Uthe banikwa le mali nje, yingoba balandela yonke imithetho ebekiwe.