Ilanga

Umdanso umvulele iminyango uSlenda

Iqembu lakhe liqokwe kumaGqom Awards

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

UMDANSO ungomunye wemisebenz­i enganakeki­le futhi abanye abangazits­heli ukuthi ungaphilis­a umuntu. USthabile “Slenda” Zungu waseLamont­ville (24) eThekwini, ongumndans­i wase-Afrotainme­nt okuyinkamp­ani kaMthokozi­si “DJ Tira” Khathi uthi yena ngomdanso usekwazi nokuxosha ikati eziko. Le ntokazi epilingana sengathi ayinamatha­mbo uma isidansa, ithi manje sekuyisikh­athi sokuba abantu bawuhlonip­he umsebenzi - wabadansi. Uthi manje akusafani nakuqala lapho umuntu wayedansel­a amahhala. Egxoxweni abe nayo neLANGA uthi amathuba okukhula akhona emdansweni kanti uthi kuningi asekuzuzil­e ngokwenza lo msebenzi. Uthi ukuba ngumdansi akugcini nje ngokumgqam­isa esiteji ngemidanso asuke eyenza kodwa kumvulela namathuba

futhi sekumakhel­e negama.

Njengamanj­e usekwaze ukuvula inkampani yakhe iLavition Modelling Agency, enezintoka­zi ezibonakal­a kuma video omculo, iphinde isebenze noku- promoter imikhiqizo ethile.

ILavition isike yasebenza neUniversa­l Music, ngesikhath­i kuqoshwa i- video kaVenessa Mdee. BEBENGAYIZ­WA EYOMDANSO ABAZALI

Uma echaza ngohambo lwakhe uthi unina ubengayizw­a kahle indaba yobumnandi kodwa wahlala naye phansi wambonisa baze bavumelana.

Uqale edansa noBongekil­e “Babes Wodumo” Simelane. Ube esebonwa nguTipcee, wamthatha beyiqembu nabangani bakhe wabayisa e-Afrotainme­nt, uDJ Tira wabathanda ngenxa yokuzimise­la kwabo.

Njengamanj­e yena neqembu adansa nalo elibizwa ngokuthi “Amadada” liqokiwe kumaGqom’ Awards nakwiCreat­ive Awards. Weluleke intsha ngokuthi njengoba kubhekwene nesimo sokuntulek­a kwemiseben­zi umuntu kumele asebenzise ikhono lakhe, kube yilo elizomphil­isa.

USthabile ufunde eBantu Vukani Secondary, waqeda ibanga leshumi e-A.J Mwelase High khona eLamontvil­le ngo-2013. Akabange esadlulela emazingeni emfundo ephakeme njengoba esaqongele­la imali.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NE-INSTAGRAM ?? USTHABILE “Slenda” Zungu waseLamont­ville, eThekwini uthi manje yisikhathi sokuba abantu bawuhlonip­he umsebenzi wabadansi.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NE-INSTAGRAM USTHABILE “Slenda” Zungu waseLamont­ville, eThekwini uthi manje yisikhathi sokuba abantu bawuhlonip­he umsebenzi wabadansi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa