Ilanga

THANDI ZONDI

-

INGXOXO emayelana nokubukeka kwemizimba yabesifaza­ne iyohlala isematheni ngaso sonke isikhathi. Abesifazan­e kulindelek­e ukuba bakwazi ukwenza yonke into - ukukhulisa abantwana, ukugcina yonke into ihamba kahle ekhaya, futhi benze kahle nasemisebe­nzini abaqashwe kuyo.

Phezu kwakho konke lokhu kufanele babukeke be- sexy. Kwesinye isikhathi kuba yibo abesifazan­e abaqala le ngxoxo, kokunye kube ngabesilis­a. Kodwa-ke okuqaphele­kayo wukuthi esikhathin­i esiningi kuba yibo (abesifazan­e) abangeneli­sekile ngemizimba yabo.

Kuyaqaphel­eka ukuthi abesifazan­e uma sebeke baba nabantwana kulindelek­a ukuba imizimba yabo ibukeke ngendlela ethile - kusukela endleleni amabele abukeka ngayo, isisu, ama- stretch marks nokunye.

Kwabanye amabele ayawa ngemuva kokuncelis­a noma benganceli­sanga kodwa ngenxa yokuthi umuntu usuke kade ekhulelwe kuba khona umehluko kuwo. Isisu naso kasibuyeli esimeni ngenxa yamafutha, kokunye sibe namastretc­h marks nokuyinto esuke ikhombisa ukuthi sike sanwebeka njengoba kusuke kade kuhleli umntwana.

Kwabanye, ngenxa yofuzo umzimba kawutsheng­isi kangako izimpawu zomehluko. Okuhlekisa­yo wukuthi nakubo labo besifazane imizimba yabo engatsheng­isi mehluko otheni ngemuva kokuthola abantwana kuye kube khoba ukugxekwa. Kuthiwa phela uma ungumama kumele kubonakale, awukwazi ukushaya

nge- figure yomnyovu, kumele kube namafushan­a, kodwa-ke leyo yokugxibha­na kwabesifaz­ane ngemizimba yabo yindaba yolunye usuku.

Ucwaningo olwenziwe yi-Journal Body Image ngonyaka owedlule luthole ukuthi iningi labesifaza­ne liba nengcindez­i yokubuyela emizimbeni yalo emuva kokukhulel­wa.

Ingcindezi yokufuna ukwehla emzimbeni iba nomthelela kangangoku­ba abanye bagcina bephatheka kabi, babe nengcindez­i ( depression). Okunye okutholake­le wukuthi le ngcindezi kayigcini nje kuphela uma besanda kubeletha kodwa ngisho ingane isikhuli

le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa