THANDI ZONDI
INGXOXO emayelana nokubukeka kwemizimba yabesifazane iyohlala isematheni ngaso sonke isikhathi. Abesifazane kulindeleke ukuba bakwazi ukwenza yonke into - ukukhulisa abantwana, ukugcina yonke into ihamba kahle ekhaya, futhi benze kahle nasemisebenzini abaqashwe kuyo.
Phezu kwakho konke lokhu kufanele babukeke be- sexy. Kwesinye isikhathi kuba yibo abesifazane abaqala le ngxoxo, kokunye kube ngabesilisa. Kodwa-ke okuqaphelekayo wukuthi esikhathini esiningi kuba yibo (abesifazane) abangenelisekile ngemizimba yabo.
Kuyaqapheleka ukuthi abesifazane uma sebeke baba nabantwana kulindeleka ukuba imizimba yabo ibukeke ngendlela ethile - kusukela endleleni amabele abukeka ngayo, isisu, ama- stretch marks nokunye.
Kwabanye amabele ayawa ngemuva kokuncelisa noma bengancelisanga kodwa ngenxa yokuthi umuntu usuke kade ekhulelwe kuba khona umehluko kuwo. Isisu naso kasibuyeli esimeni ngenxa yamafutha, kokunye sibe namastretch marks nokuyinto esuke ikhombisa ukuthi sike sanwebeka njengoba kusuke kade kuhleli umntwana.
Kwabanye, ngenxa yofuzo umzimba kawutshengisi kangako izimpawu zomehluko. Okuhlekisayo wukuthi nakubo labo besifazane imizimba yabo engatshengisi mehluko otheni ngemuva kokuthola abantwana kuye kube khoba ukugxekwa. Kuthiwa phela uma ungumama kumele kubonakale, awukwazi ukushaya
nge- figure yomnyovu, kumele kube namafushana, kodwa-ke leyo yokugxibhana kwabesifazane ngemizimba yabo yindaba yolunye usuku.
Ucwaningo olwenziwe yi-Journal Body Image ngonyaka owedlule luthole ukuthi iningi labesifazane liba nengcindezi yokubuyela emizimbeni yalo emuva kokukhulelwa.
Ingcindezi yokufuna ukwehla emzimbeni iba nomthelela kangangokuba abanye bagcina bephatheka kabi, babe nengcindezi ( depression). Okunye okutholakele wukuthi le ngcindezi kayigcini nje kuphela uma besanda kubeletha kodwa ngisho ingane isikhuli
le.