Ilanga

Zazi ukuthi uzivocavoc­elani

- Instagram & Twitter: @mizz_ flowerbug

AKUNGABAZE­KI ukuthi njengoba sekuyilesi sikhathi sonyaka, futhi ne- season isishintsh­a sekungena ubusika, izibalo zabantu abaya ejimini zizoqala ukwehla emajimini.

Ngokujwaye­lekile uma kuqala unyaka abantu abaningi bangene onyakeni “ngevosho”, kodwa kancane kancane abanye baphelelwe wumdlandla, abanye bagcine bephonse ithawula.

Ukuphelelw­a wumdlandla nokuphonsa ithawula izikhathi eziningi kuyake kwenziwe ukungazi kwabantu ukuthi inhloso yabo yokujima nokuzivoca­voca iyini. Kubaluleki­le-ke ukuba umuntu asazi isizathu sokuthi uyelani ejimini.

Okokuqala nje, kufanele uzibuze ukuthi njengoba ujima noma uzivocavoc­a, kungabe ufuna ukuncipha na, noma ufuna ukuba fit, okanye ulandela izeluleko owazinikwa udokotela wakho ukuba unakekele impilo?

Uma usukwazile ukuphendul­a lowo mbuzo, kusho ukuthi usuyasazi isizathu sakho. Lokhu kuchaza ukuthi usunenhlos­o yokuthi ujimelani.

Uma usunesiqin­iseko sokuthi inhloso yakho nezizathu zokuzivoca­voca iziphi, lokhu kwenza kube lula ukuba wazi ukuthi yikuphi ukudla ekumele ukudle. Kusemqoka ukuba ne- eating plan futhi uyilandele. Leyo eating plan ikusiza ekubeni uwazi ama- exercise netraining programme okumele uyilandele ukuze

ukwazi ukuthola imiphumela emva kwesikhath­i esithile. Ukwazi ukuthi yikuphi ukudla nama- exercises akufanele kwenza izinto zibe lula, ukwazi ukuzihlele­la kahle ngokwenza i- strategic plan yokuthi uqale uzimisele ekuphileni impilo yokuzivoca­voca nokudla kangcono.

STEP 1: EATING PLAN

I- eating plan ikusiza ukuba wazi izinhlobo zokudla okufanele nalezo okungafane­le uzidle. I- eating plan eyenzelwe umuntu ofuna ukuncipha emzimbeni ayifani neyomuntu ofuna ukuba fit, njalo-njalo.

Okunye okubalulek­ile ngokulande­la i- eating plan ukuthi ukudla yikhona okudlala indima enkulu emzimbeni. Indima edlalwa ukudla emizimbeni yethu ilinganise­lwa ku-80%.

Okunye okwenza ukuba abanye bangaboni imiphumela yokuzivoca­voca yingoba abaqondi ukuthi ukudla kunendima engakanani emzimbeni, okubenza bangayiqap­heli indlela abadla ngayo.

Kunesisho sesilungu esithi “you are what you eat”. Lesi sisho sichaza khona ukuthi ukudla kudlala indima ebaluleke kakhulu emizimbeni yethu. Uma udla kahle kuyabonaka­la ngemiphume­la emihle, kanti futhi uma ungadli kahle futhi kuyake kubonakale.

STEP 2: TRAINING PROGRAMME

I- training programme iye ilandele uma usuwazi kahle ngezizathu zakho zokuya ejimini kanye ne- eating plan yakho. Uma-ke usune- eating plan eneqhaza elilingani­selwa ku-80, kanye ne- training programme yakho yona ebalelwa ku-20% iqhaza layo, kusuke sekusele ukuba uzinike isikhathi esithile osuke uzozibekel­a sona ekutheni ufeze isifiso sakho sokuzibona unciphile noma u- fit.

Ukuzibekel­a isikhathi kusemqoka. Ngenxa yokuthi siphila esikhathin­i lapho sihleli siphansi phezulu simatasa, uma ungazibeke­li isikhathi kungenzeka ukuba usheshe uphume kalula emgqeni wokufeza isifiso sakho.

Izinsuku azifani, okungenzek­a kwenye inkathi ungakwazi ukuba udle kahle noma uye ejimini ngaso sonke isikhathi. Kodwa uma uzinika isikhathi esingango 2-3 months, uyazi ukuthi leso yisikhathi esanele sokuthi ujwayeze umzimba nengqondo ukuthi ingene egiyeni lokuthi kunoshints­ho empilweni yakho oluzoza nemiphumel­a emihle.

Uma-ke usuqala ujwayela nsuku zonke ukuthi usungumunt­u odla kahle futhi ojimayo, imfihlo engakusiza iyaye ilale ekutheni uzimisele, ube ne- discipline futhi ukwazi ukuzigqugq­uzela zonke izinsuku ukuze kubelula.

Zama kancane kancane kuze kulunge, ngelinye ilanga uyothi uyabheka uthole ukuthi usuyaphela lo 2-3 months obuzibekel­e wona, ubone kuthi thushukiya-ne i-6 pack naleya milenze efana nekaSerena Williams. Khumbula phela ukuthi yonke into eletha ushintsho oluhle empilweni, iyasetshen­zelwa, #SebenzaGir­l.

NANKA AMA- ANGAKUSIZA KUBA UQALELE:

Idla ka-5 amaportion amancane ngosuku.

Phuza u-2 litres wamanzi ngosuku.

Zama ukulala amahora awu-5 kuya ku-8 ngelanga.

Zivocavoce okungenani izinsuku eziwu-3 ngeviki.

Idla ama- servings awu-5 amafruit nama- veggie (2 fruits and 3 veggies) ngosuku.

Idla ukudla okuyizikal­i ( portion sizes and eating

in moderation).

Iba nesineke, uzinike isikhathi esanele sokubona imiphumela.

Gqoka izingubo zokujima ezifanele.

Khumbula umthetho obizwa nge-80/20 rule (80% nutrition & 20% training).

 ??  ??
 ??  ?? U-AYANDA Khanyile oyi-fitness enthusiast uthi kumqoka ukuqonda ukuthi uzivocavoc­elani phakathi kokuba fit nokwehlisa isisindo somzimba.
U-AYANDA Khanyile oyi-fitness enthusiast uthi kumqoka ukuqonda ukuthi uzivocavoc­elani phakathi kokuba fit nokwehlisa isisindo somzimba.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa