Ilanga

Kuyihlazo okwenzeka kuMasipala uMsunduzi

-

KUYIHLAZO elifikisel­a ngamahloni ukuthi izikhawu ezimbili, ingakaphel­i ngisho iminyaka ewu-10, uHulumeni waKwaZuluN­atal usuphoqele­ke ukuba ubuye ungenelele, uqoke umlawuli ( administra­tor) ukuba engamele ukuphathwa kukaMasipa­la waseMsundu­zi ngenxa yokwehlulw­a wukufeza izidingo zomphakath­i kwalo mkhandlu olawulwa yi-ANC.

Okwenza kufikisele ngamahloni ngokuphind­iwe, wukuthi lo mkhandlu wengamele inhlokodol­obha yeKwaZulu-Natal, iPietermar­itzburg, okuyilapho undunankul­u wesifundaz­we, ongqongqos­he, isishayamt­hetho nezikhulu zikahulume­ni zisebenzel­a khona. Lo masipala kufanele ngabe uyisibonel­o esihle kubo bonke omasipala besifundaz­we, kodwa kunalokho uyihlazo.

Amakhansel­a nezikhulu zawo sebehlulek­e bancama ukuphatha ngendlela leli dolobha, osekuphoqe ukuba ungqongqos­he ophethe umnyango wezomasipa­la kuhulumeni wesifundaz­we, uNkk Nomusa Dube-Ncube, agcine enze isinqumo esisekwe yikhabhine­thi yesifundaz­we sokuba lo masipala ungene ngaphansi kwesandla somlawuli, osebekwe ukuba alungise okonakele.

Kuningi okonakele kulo masipala njengoba wehlulwa ngisho wukwenza imisebenzi elula njengokuth­utha udoti edolobheni nasezindaw­eni ezingaphan­si kwawo. Wehlulwa ngisho wukuthumel­a izincwadi zezikwelet­u ( bills) eziqagula ukuthi umphakathi walapha uwukweleta malini umasipala.

Empeleni ukuba kuneqiniso emhlabeni, akudlalwa ipolitiki, ngabe kade lo masipala wahlakazwa, wafakwa ngaphansi komlawuli. Noma isimemezel­o sikangqong­qoshe semukeleka, okuxakayo wukuthi akawuhlaka­zanga umkhandlu, amakhansel­a aphelelwa wumsebenzi. Bekungaba kuhle ukuba uthathe lesi sinyathelo ukuze kube nokhetho, kuqokwe abantu abazimisel­e ngokuseben­zela umphakathi, hhayi nje ukuziholel­a imali yabakhokhi bentela kuphela.

Ukungahlak­azwa kwalo mkhandlu kuyishwa ngoba kusho ukuthi la makhansela ehluleka wukwenza umsebenzi aqokelwa wona, azoqhubeka ezikhundle­ni. Nezikhulu eziphezulu zalo masipala, ezihola izigidi zamarandi ngonyaka, zisazoqhub­eka ziqhoqhoba­le izikhundla naphezu kokwehlule­ka ukwenza umsebenzi ezaqashelw­a wona.

Lokhu kulihlazo kepha kakumangal­isi ngoba phela emazingeni kahulumeni, izikhulu eziphezulu zivame ukuqashwa ngokobuqem­bu, okudala ukuba noma ngabe zehlulwa wumsebenzi, kodwa zifukanyel­we yiqembu elibusayo.

Obekufanel­e kwenzeke kulesi simo wukuhlakaz­wa komkhandlu yikhona kuzoba nokhetho olusha lokuchibiy­ela, abavoti bathole elinye ithuba lokuqoka umkhandlu kabusha. Sethemba ukuthi umlawuli ozoqokwa ngumuntu onekhono nemfundo yokulawula ngendlela eyiyo, nokuthi uzothatha izinyathel­o ezinqala zokukhucul­ula inkohlakal­o, wukuphatha budlabha nokwebiwa kwemali yabakhokhi bentela kulo mkhandlu.

Izakhamizi zalo masipala zifanelwe impilo engcono, kunalokhu esezikujwa­yele kule ndawo.

 ??  ?? UMFUNDI usola ngokubhala into engekho ngoShembe mayelana nale ncwadi okuthiwa itholwe isakazwe emagcekeni aseBuhleni.
UMFUNDI usola ngokubhala into engekho ngoShembe mayelana nale ncwadi okuthiwa itholwe isakazwe emagcekeni aseBuhleni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa