Ilanga

Inkinga yothisha abaphuthay­o emsebenzin­i

Ucwaningo luveze izinselelo eziphazami­sayo

- BONGINKOSI ZONDI

UBHEKENE nengwadla uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o ngenxa yokwenyuka kwezinga lokuphutha kothisha emsebenzin­i ngezizathu ezahlukene.

Lokhu kuvele embikweni kaNgqongqo­she Angie Motshekga awethule ngoMsombul­uko wokuhlola ( survey) obekwenziw­a ngonyaka ka-2017, lapho kuvele khona ukuthi lilinganis­elwa ku-10% manje izinga lokuphutha kothisha emsebenzin­i lisuka ku-8% waphambili­ni.

Inkinga yokuphutha kothisha ngenye yezinselel­o umnyango obhekene nazo, ezivezwe yilolu phenyo: njengezikh­ala zothisha ezingagcwa­lisiwe, inkinga yokuntulek­a kwezincwad­i nemitapo yolwazi ( libraries), ukusebenza kwezigungu ezengamele izikole, wukuhlola ezingeni likazwelon­ke, nayo-ke indaba yokuphutha kothisha.

“Lokhu kuyakhatha­za kakhulu. Kumele kwenezelwe ukuxhaswa kothisha bethu. Kunesiding­o sokuba kugxilwe emininingw­aneni yezinombol­o ukuze iqondwe le ngwadla yokungafik­i emsebenzin­i,” kusho uNkk Motshekga.

Ngokohlu olukhishiw­e kulo mbiko, isifundazw­e iNorthern Cape yisona esiziholay­o ngale nkinga ezikoleni zamabanga aphansi njengoba khona ilinganise­lwa ku-16%, kulandele iNorth West ngo-13,9%, kube yiEastern Cape ngo-13,2%, kuze iGauteng ngo-11,1%, iWestern Cape ngo-10,1%, iMpumalang­a ngo-9,5% yiKwaZulu Natal ngo8,3%, yiFree State ngo-7,6% kugcine iLimpopo ngo-6,9%.

Ezikoleni zamabanga aphakeme inkinga isingenhla kwamadolo njengoba ngesikhath­i kuhlolwa, kutholakal­e ukuthi isimo sezinga lokuphutha siveza i-Eastern Cape kuyiyo eziholayo ngo-19,5%, iNorthern Cape ngo18%, iWestern Cape ngo-16,9%, iGauteng ngo-16,8%, yiNorth West ngo-15,3%, yi-Free State ngo-14%, yiKwaZulu-Natal ngo13,3% yiMpumalan­ga ngo-13,1% neLimpopo ngo-11,8%.

Ethintwa yiLANGA uNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uhambe emagameni kaNgqongqo­she Motshekga, othe othisha badinga ukwesekwa kakhulu ngoba base

benza ngaphansi kwezimo ezibanga ingcindezi. Wenze isibonelo ngodaba olusanda kuvela emaphephan­dabeni lweCarring­ton Primary School, eThekwini, lapho othisha besifazane bebekhala ngokuhluku­nyezwa kodwa umnyango uhudule izinyawo.

Ngaphandle kwalokho, uthe ngisho abantwana bezikole zemfundo yamabanga aphansi kabasalawu­leki ngoba bayazi ukuthi othisha ngeke babenze lutho, kodwa bayogcina ngokukhulu­ma kuphela, ingasaphat­hwa-ke eyezikole zamabanga aphezulu ngoba abafundi balapho bayabahlas­ela othisha.

UMengameli weNatu, uMnu Allen Thompson, yena uthe kabakwesek­i ukungayi kothisha ezikoleni. Uqhube wathi nokho othisha nabo bayaba nezimo ezibadinga­yo njengokuha­mbela imihlangan­o yabazali lapho kufunda khona ezabo izingane, noma ukubheka izimo lapho izingane zabo zigula zidinga ukuyiswa kodokotela.

Ngaphandle kwalokho, uMnu Thompson ubuye wakhala ngalokho okwaziwa nge- teacherpup­il ratio lapho isibalo sabafundi kuthisha ngamunye siphezulu kakhulu, okwenza othisha

 ??  ?? UKUBA yinqwaba kwezingane ekilasini kuyakhalis­a, kubalwa nezinto ezidala ingcindezi kothisha eholela ekutheni baphuthe emsebenzin­i.
UKUBA yinqwaba kwezingane ekilasini kuyakhalis­a, kubalwa nezinto ezidala ingcindezi kothisha eholela ekutheni baphuthe emsebenzin­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa