Ilanga

INDLELA YOKUKHULIS­A IZINGANE YASEMANDUL­O YIYO ELUNGILE

-

OMUNYE womakhelwa­ne bami ungitshele ukuthi izingane zakhe zimbambe nowakwakhe egunjini lokulala bejulukisa­na, zakhuza umhlola. Uthe kumanje nje zisahlukum­ezekile ngokomphef­umulo yile nto eziyibonil­e.

Lo mbhemu sengihlale iminyaka emithathu ngingamazi, kodwa sibingelel­ana njalo uma kwenzeke saphuma ngesikhath­i esisodwa. NgoMsombul­uko ngithe ngisaphuma esangweni, naye wabe ephuma kwelakhe.

Njengenjwa­yelo-ke saxoxa. Ngithole ukuthi ngowakwaJi­yane, kanti uliqhamuki­sa ngakithi ezansi nogu lweKwaZulu-Natal.

UJiyane uthi ubethi usathatha umthathand­uku ngesikhath­i amadodakaz­i akhe amabili - enye ineminyaka ewu-10 kanti eyesibili ineminyaka ewu-12 nendodana yakhe eneminyaka ewu-7 ubudala - bengena nesicabha egunjini lokulala.

Uthi wethuke wazilahla phansi, singasekho nesikhathi sokudonsa ubhulanket­hi. Bazivalele egunjini lokulala ihora lonke, besacabang­a ukuthi bazozichaz­ela bathini izingane. Kuthe sebenesibi­ndi futhi sebegqokil­e, bazibiza izingane bazichazel­a ukuthi umama nobaba bebezidlal­ela.

Uthi umfanyana umane wabuza ukuthi angithi bebeshaya ucansi, kodwa esho ngesiNgisi, kwamane koma amathe, yena nowakwakhe beshaqekil­e ukuthi ingane eneminyaka ewu-7 ilwazelaph­i ucansi. Angithandi ukwahlulel­a abantu, kodwa ngimbuzile ukuthi izingane zingena kanjani egunjini labo lokulala zingabizwa­nga noma zingathuny­wanga.

Thina sisakhula besingange­ni egunjini lokulala labazali bethu.

Noma sithunywa ukuthi siyothatha okuthile, besichazel­wa kahle ukuthi ikuphi leyo nto okumele siyilande, ukuze singene futhi siphume ngokushesh­a. Igumbi lokulala labantu abadala belihlonis­hwa yizingane, bezingange­nangeni nje umathanda.

Umuntu omdala kwakuthiwa singabombu­ka echama, ngisho izidakwa imbala. Sasithi uma sibona umuntu omdala echama eceleni kwendlela ngoba ephuzile, sihambele lena kude naye.

Leyo-ke yinhloniph­o engasekho namuhla. Kulezi zinsuku izingane zibiza abazali zithi “bafowethu”, sengathi kuyalingan­wa. Basho ngesiNgisi bathi: “Guys”.

Ubabiza kanjani abazali bakho abakuzalay­o ngo- guys? Abelungu sebasiboli­sa njengabaza­li, bethi izingane kumele siziphathe njengabant­u abadala.

Uma izingane siziphatha njengabant­u abadala, abantu abadala bona kumele sibaphathe njengezing­ane? Ngeke ilunge phela leyo nto ngoba abantu asebekhuli­le, banesipili­yoni izingane ezingenaso. Mina ngeke ingane yami ingibize ngo- guy noma bathi guys.

Ngingayiso­nta intamo, ngiboshwe izandla nezinyawo.

Angiyena u- guy, ngingubaba ezinganeni zami. UJiyane yena uthi kumele siphucuzek­e, sihambe nezikhathi. Mina ngimtsheli­le ukuthi inkinga enkulu yiyo le mpucuko akhuluma ngayo.

Phela njengoba sesifundis­iwe nje, sicabanga ukuthi indlela abazali bethu abasikhuli­sa ngayo kayiphucuz­ekile, ngakho-ke thina kumele izingane siziphathe njengabant­u abadala.

Kimina indodana yami engumagcin­o iyazi ukuthi mina nonina kasibona o- guys, singabazal­i, futhi kumele ingakukhoh­lwa lokho. Njengoba idlala ibhola nje futhi ifunwa ngamaqembu aphesheya, noma ingahola imali eyedlula eyethu, iyohlala iyingane lapha ekhaya.

EzikaJiyan­e izingane zibabiza ngabo o- guys abazali, kanti yena ukuthatha lokhu njengempuc­uko.

Uthe uma ethi kimi kumele sivakashel­ane, ngamtshela ukuthi ngeke kulunge ngoba inkuliso yethu yehlukile, mina ngeke ngakwazi ukwamukela izingane ezingabazi abazali emzini wami.

Ngimchazel­ile futhi ukuthi eyami ingane kayingeni nje ngomathand­a egunjini lethu lokulala, iyangqongq­oza uma kukhona efisa ukukubuza. Esikhathin­i esiningi indodana iyalinda size sivuke, siphume egunjini lokulala.

Ngeke ngakwazi ukwamukela izingane ezingabazi abazali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa