INDLELA YOKUKHULISA IZINGANE YASEMANDULO YIYO ELUNGILE
OMUNYE womakhelwane bami ungitshele ukuthi izingane zakhe zimbambe nowakwakhe egunjini lokulala bejulukisana, zakhuza umhlola. Uthe kumanje nje zisahlukumezekile ngokomphefumulo yile nto eziyibonile.
Lo mbhemu sengihlale iminyaka emithathu ngingamazi, kodwa sibingelelana njalo uma kwenzeke saphuma ngesikhathi esisodwa. NgoMsombuluko ngithe ngisaphuma esangweni, naye wabe ephuma kwelakhe.
Njengenjwayelo-ke saxoxa. Ngithole ukuthi ngowakwaJiyane, kanti uliqhamukisa ngakithi ezansi nogu lweKwaZulu-Natal.
UJiyane uthi ubethi usathatha umthathanduku ngesikhathi amadodakazi akhe amabili - enye ineminyaka ewu-10 kanti eyesibili ineminyaka ewu-12 nendodana yakhe eneminyaka ewu-7 ubudala - bengena nesicabha egunjini lokulala.
Uthi wethuke wazilahla phansi, singasekho nesikhathi sokudonsa ubhulankethi. Bazivalele egunjini lokulala ihora lonke, besacabanga ukuthi bazozichazela bathini izingane. Kuthe sebenesibindi futhi sebegqokile, bazibiza izingane bazichazela ukuthi umama nobaba bebezidlalela.
Uthi umfanyana umane wabuza ukuthi angithi bebeshaya ucansi, kodwa esho ngesiNgisi, kwamane koma amathe, yena nowakwakhe beshaqekile ukuthi ingane eneminyaka ewu-7 ilwazelaphi ucansi. Angithandi ukwahlulela abantu, kodwa ngimbuzile ukuthi izingane zingena kanjani egunjini labo lokulala zingabizwanga noma zingathunywanga.
Thina sisakhula besingangeni egunjini lokulala labazali bethu.
Noma sithunywa ukuthi siyothatha okuthile, besichazelwa kahle ukuthi ikuphi leyo nto okumele siyilande, ukuze singene futhi siphume ngokushesha. Igumbi lokulala labantu abadala belihlonishwa yizingane, bezingangenangeni nje umathanda.
Umuntu omdala kwakuthiwa singabombuka echama, ngisho izidakwa imbala. Sasithi uma sibona umuntu omdala echama eceleni kwendlela ngoba ephuzile, sihambele lena kude naye.
Leyo-ke yinhlonipho engasekho namuhla. Kulezi zinsuku izingane zibiza abazali zithi “bafowethu”, sengathi kuyalinganwa. Basho ngesiNgisi bathi: “Guys”.
Ubabiza kanjani abazali bakho abakuzalayo ngo- guys? Abelungu sebasibolisa njengabazali, bethi izingane kumele siziphathe njengabantu abadala.
Uma izingane siziphatha njengabantu abadala, abantu abadala bona kumele sibaphathe njengezingane? Ngeke ilunge phela leyo nto ngoba abantu asebekhulile, banesipiliyoni izingane ezingenaso. Mina ngeke ingane yami ingibize ngo- guy noma bathi guys.
Ngingayisonta intamo, ngiboshwe izandla nezinyawo.
Angiyena u- guy, ngingubaba ezinganeni zami. UJiyane yena uthi kumele siphucuzeke, sihambe nezikhathi. Mina ngimtshelile ukuthi inkinga enkulu yiyo le mpucuko akhuluma ngayo.
Phela njengoba sesifundisiwe nje, sicabanga ukuthi indlela abazali bethu abasikhulisa ngayo kayiphucuzekile, ngakho-ke thina kumele izingane siziphathe njengabantu abadala.
Kimina indodana yami engumagcino iyazi ukuthi mina nonina kasibona o- guys, singabazali, futhi kumele ingakukhohlwa lokho. Njengoba idlala ibhola nje futhi ifunwa ngamaqembu aphesheya, noma ingahola imali eyedlula eyethu, iyohlala iyingane lapha ekhaya.
EzikaJiyane izingane zibabiza ngabo o- guys abazali, kanti yena ukuthatha lokhu njengempucuko.
Uthe uma ethi kimi kumele sivakashelane, ngamtshela ukuthi ngeke kulunge ngoba inkuliso yethu yehlukile, mina ngeke ngakwazi ukwamukela izingane ezingabazi abazali emzini wami.
Ngimchazelile futhi ukuthi eyami ingane kayingeni nje ngomathanda egunjini lethu lokulala, iyangqongqoza uma kukhona efisa ukukubuza. Esikhathini esiningi indodana iyalinda size sivuke, siphume egunjini lokulala.
Ngeke ngakwazi ukwamukela izingane ezingabazi abazali.