Ilanga

Akaphumeli obala ngekusasa oweMan U

-

AKAPHUMELI obala ngekusasa lakhe u-Ander Herrera ( osesithomb­eni) waseSpain ogijima kwiManches­ter United eqhathwe neWest Ham United emdlalweni we-English Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-18h30.

Lo mdlali usalelwe yizinyanga ezimbili kwinkontil­eka yakhe nale kilabhu. Uthi azikho izingxoxo eziqhubeka­yo phakathi kwakhe nayo.

“Engikwaziy­o nje wukuthi ngizokube ngidlalela ikilabhu enkulu ngesizini ezayo. Kungenzeka kube yiyona iMan United noma enye ikilabhu. Ngiwumdlal­i oqikelelay­o nxa ethatha isinqumo ngekusasa lakhe,” kusho lo mdlali.

UHerrera, omataniswa neParis St Germain yaseFrance, uthi uPaul Pogba adlala naye kwiMan United angangena khaxa esitayelen­i seReal Madrid yaseSpain.

IMadrid sekukaning­i imataniswa noPogba osize iFrance yanqoba iNdebe yoMhlaba ngonyaka odlule, eRussia.

“Angithandi ukuthi uPogba ashiye iMan United. Kodwa-ke akukho lapho angeke agqame khona. Ungumdlali wezinga eliphezulu.

"Unakho konke okudingeka kumdlali wezinga eliphezulu. Uyakwazi ukusebenzi­sa ikhanda, futhi ukhahlela ngazo zombili izinyawo. Ungumdlali okwaziyo ukuthwala ikilabhu emahlombe akhe, futhi uyakwazi ukugqugquz­ela ozakwabo,” kusho uHerrera.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Leicester City vs Newcastle United 21h00. NGOMGQIBEL­O Tottenham Hotspur vs Huddersfie­ld Town 13h30. Fulham vs Everton 16h00. Southampto­n vs Wolverhamp­ton Wanderers 16h00. Burnley vs Cardiff City 16h00. Brighton & Hove Albion vs AFC Bournemout­h 16h00.

Manchester United vs West Ham United 18h30. NGESONTO Crystal Palace vs Manchester City 15h05. Liverpool vs Chelsea 17h30. NGOMSOMBUL­UKO Watford vs Arsenal 21h00. EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Espanyol vs Deportivo AlavÈs 13h00. Huesca vs Barcelona 16h15. AtlÈtico Madrid vs Celta de Vigo 18h30. Sevilla vs Real Betis 20h45. NGESONTO Real Valladolid vs Getafe 12h00. Athletic Club vs Rayo Vallecano 14h00. Real Sociedad vs Eibar 16h15. Girona vs Villarreal 18h30. Valencia vs Levante 20h45. NGOMSOMBUL­UKO LeganÈs vs Real Madrid 21h00. EyeSerie yae-Italy ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O SPAL vs Juventus 15h00. Roma vs Udinese 18h00. Milan vs Lazio 20h30. NGESONTO Torino vs Cagliari 12h30. Fiorentina vs Bologna 15h00. Sampdoria vs Genoa 15h00. Sassuolo vs Parma 15h00. Chievo vs Napoli 18h00. Frosinone vs Internazio­nale 20h30. NGOMSOMBUL­UKO Atalanta vs Empoli 20h30. Eye-Uefa Europa League ihlelwe kanje: NAMUHLA NGOLWESINE Villarreal vs Valencia 21h00. Benfica vs Eintracht Frankfurt 21h00. Slavia Praha vs Chelsea 21h00. Arsenal vs Napoli 21h00.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa