Ilanga

UTHEMBE UMLANDO UMQEQESHI WE-KINGS

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMQEQESHI weReal Kings uSimo “Govuza” Dladla uthembe umlando ukuthi yiwona ozobasiza ukuze behlule iJomo Cosmos abazobheka­na nayo koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ngo15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IKings iya kulo mdlalo nje, ibuyelwe yithemba lokuvika izembe emuva kokuba ibhuquzise ngo2-0 ovuthayo omkhaya bayo iRichards Bay FC koweligi ngeledlule eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

UDladla ekhuluma naleli phephandab­a, uthe into emnika ithemba lokuthi bazowunqob­a lo mdlalo wukuthi iCosmos ayikaze ibanike inkinga uma besekhaya.

“Ngiyazi ukuthi abathandi bebhola bazocabang­a ukuthi ngiyibukel­a phansi iCosmos kanti akunjalo yikhona nje ukuthi umlando uvuna thina ekhaya.

Kuzokuba ngumdlalo onzima futhi omnandi kubalandel­i besifundaz­we.

Kulo mdlalo sizokuya nesikwata esiphelele asinamdlal­i olimele.

Empeleni sesilindel­e umdlalo konke sekumi ngomumo,” kusho uDladla.

Ube esenxusa abalandeli ukuba bangapheli umoya baqhubeke nokweseka le kilabhu.

USiza Dlamini ongumsizi womqeqeshi kwiJomo Cosmos, uthi lo mdlalo uzoba nzima.

Uthi okubamise kabi wukuthi bazoya kulo mdlalo ngaphandle kukaSilas Maziya, u-Onke Moletshe, uMpumelelo Zondi noZuko Gxabuza abayozama inhlanhla kwiGremio Esportivo Mauaense, yaseBrazil.

Kuzo eze-NFD iWitbank Spurs igcine iqashe uKagiso Dikgacoi njengomqeq­eshi omusha.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto ihlelwe kanje:NGOMGQIBEL­O Athlone Stadium: UBuntu Cape Town vs Richards Bay FC 15:00.

EPuma Stadium: Witbank Spurs vs Mbombela United 15h00. Kabokweni Stadium: TS Sporting vs Pretoria University FC 15h00.

EKing Zwelithini Stadium: Real Kings vs Jomo Cosmos 15h00.

E-Idas Valley Sports: Stellenbos­ch FC vs UThongathi FC 15h00. NGESONTO ECape Town: Ajax Cape Town vs Cape Umoya United 15h00.

EVolkswage­n Dobsonvill­e: Maccabi FC vs Tshakhuma FC 15h00.

EKameelriv­ier: TS Galaxy vs Royal Eagles 15h00.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi siyamnenga isenzo se-Al Ahly yase-Egypt sokushints­ha ngemizuzu yokugcina inkundla okuzodlale­lwa kuyona umlenze wesibili we-quarter final yeCaf Champions League phakathi kwala makilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi siyamnenga isenzo se-Al Ahly yase-Egypt sokushints­ha ngemizuzu yokugcina inkundla okuzodlale­lwa kuyona umlenze wesibili we-quarter final yeCaf Champions League phakathi kwala makilabhu.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UPAULUS Masehe ongukapute­ni weFree State Stars wethembisa ukunqoba i-Orlando Pirates koweligi ukuhloniph­a umdlali wabo odlule emhlabeni engozini yemoto, uSinethemb­a Jantjie.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UPAULUS Masehe ongukapute­ni weFree State Stars wethembisa ukunqoba i-Orlando Pirates koweligi ukuhloniph­a umdlali wabo odlule emhlabeni engozini yemoto, uSinethemb­a Jantjie.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa