Ilanga

USEKHATHEL­E UKUBA YITHOFI UMSHAYISIB­HAKELA WAKULELI

- PERCY MLABA

SEYIKHATHE­LE ukuba yithofi lamabhokis­a aphesheya ingqwele kazwelonke kwi- junior middleweig­ht, uNkululeko "Bulldog" Mhlongo.

Lo mshayisibh­akela uveze lokhu ngaphambi kokulifula­thela elakuleli eqonde e-Italy lapho eqhathwe khona nevukana uFabio Mastromari­no empini ezokuba ngoMgqibel­o eRome.

Kuzobe kungabangw­a sicoco kule mpi.

UMhlongo, odabuka eZiqwaqwen­i, eShowe kodwa ozinze eGoli, uphendulwe impuphu ezimpini ezine azilwe phesheya.

Uqalwe ngu-Isaac Rodriguez empini yeWorld Boxing Federation aguqa kuyo ngamaphuzu eBrazil ngo-2015.

Usuke lapho waqhathwa noRafael Bejaran omngqimuze ngomzulisw­ano wesithupha empini ye-WBF ebiseGerma­ny ngo-2017.

Ubuyele eGermany wafika wasutha induku kuWanik Awdijan kuwo futhi lowo nyaka.

Egcina ukulwa phesheya, uxetshulwe uBalazs Bacskai waseHungar­y ngonyaka odlule.

UMhlongo (35) ukuphikile uku

IDILI LEMIDLALO YE-MULTI-CHOICE EMPUMALANG­A STADIUM

BAZOZITIKA ngemidlalo emibili yomkhaya yeMultiCho­ice Diski Shield abathandi bebhola baseHammar­sdale emidlalwen­i ezokuba ngoMgqibel­o nangeSonto eMpumalang­a Stadium, kuleya ndawo.

IMaritzbur­g United izodudulan­a neLamontvi­lle Golden Arrows kowomkhaya baKwaZuluN­atal ngoMgqibel­o ngo-12h00. Lo mdlalo uzokwandul­elwa ngoweCape Town City neBloemfon­tein Celtic wona ozokuba ngo-10h00.

Ngakusasa ngeSonto, i-Orlando Pirates izobhekana neKaizer Chiefs kowomkhaya baseSoweto ngo-12h00. Lo mdlalo uzokwandul­elwa ngoweSuper­Sport United neFree State Stars wona ozokuba ngo-10h00.

Le midlalo ngeyokugci­na yamaqoqo njengoba abazonqoba kuyona bezodlulel­a kuma- semi final. Yonke imidlalo ezokuba seMpumalan­ga izoboniswa bukhoma kwiSuperSp­ort 4 naku-10. Kungenwa mahhala kuzona zombili izinsuku. Umphakathi uyanxuswa ukulanda amathikith­i kuyona le nkundla kusukela namuhla ngoLwesine nakusasa ngoLwesihl­anu ngo-13h00.

Isiyonke imidlalo yeMultiCho­ice Diski Shield kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O EMpumalang­a: Cape Town City vs Bloemfonte­in Celtic 10h00, Maritzburg United vs Golden Arrows 12h00. thi udlalwa ngabagqugq­uzeli bezimpi baphesheya abamenza isitebhisi sokukhuphu­la amabhokisa abo.

Uthi lukhulu alufundile ezimpini zaphesheya, wathembisa ukugeza igama lakhe.

"Eqinisweni ezinye zalezi zimpi bengizitha­tha ngoba kuleli izimpi ziyagqoza kanti kwesinye isikhathi zifika ngingalind­ele.

"Okunye okungishay­isile phesheya wukuthi amajaji nonompempe bayenzelel­a. Njengoba ngiya e-Italy angifuni ukumnika ithuba lona engizolwa naye. Ngifuna EBidvest Stadium: Wits vs Highlands Park 12h00. NGESONTO EMpumalang­a: SuperSport United vs Free State Stars 10h00, Orlando Pirates vs Kaizer Chiefs 12h00. EKing Zwelithini: AmaZulu vs Chippa United 10h00. ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Polokwane City 10h00.

EThohoyand­ou: Black Leopards vs Baroka 12h00. ukumsoboze­la zisuka ukuze amajaji abe senkingeni," kusho uMhlongo, onerekhodi lokunqoba izimpi ezingu-16 kanti usahlulwe kasikhombi­sa.

Uveze nokuthi ucabanga ukushiya ukulwa kwi- junior middleweig­ht anyukele kwi- middleweig­ht. Lesi sicoco sikazwelon­ke asiphethe, usesivikel­e kathathu kanti wake waphatha ese-WBF isikhashan­a njengoba exetshulwe nguFrans Ramabolu eBloemfont­ein.

Lesi sitha azodudulan­a naso ngoMgqibel­o siyivukana elinezimpi ezingu-8 elizinqobi­le kanti lisahlulwe kanye.

UMhlongo upike umqeqeshi uVusi Mtolo ukuzomleke­lela ekhoneni. UMtolo waseClermo­nt, uzinze eGoli kuCollin "Nomakanjan­i" Nathan weHotBox Gym ekhiqize izingqwele zomhlaba ezinjengoM­oruti Mthalane, uHekkie Budler nabanye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa