Ilanga

ABE-THE QUEEN ETHEKWINI

Baqopha iziqephu zalo mdlalo eBallito

- LUCKY CAIN

UQOPHA ezinye iziqephu zawo eThekwini umdlalo owuchungec­hunge, iThe Queen, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic ( channel 161) kwiDstv ngo-21h00 kusuka ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

Lo mdlalo isizini yawo yesithathu esidumela emasumpeni, uqopha ezinye zeziqephu zawo eFairmont Hotel, eBallito, lapho kuzobonaka­la khona umndeni wakwaKhoza nowakwaMab­uza.

Nakuba engaphumel­anga obala ngalezi ziqephu uConnie Ferguson, ongomunye wabasungul­i balo mdlalo futhi odlala indawo ephambili kaHarriet “Queen” Khoza kuwona, kodwa ukuvezile ukuthi ezinye zezizathu zokuqophel­a kuleli dolobha wukuthi banenqwaba yababukeli abangabaKw­aZulu-Natal.

“Senzela nababukeli bethu bakwazi ukuthokoze­la ukubona izindawo abazaziyo ezisondele­ne nabo,” kusho uConnie.

Uthi akazimisel­e ukuveza okuningi ngokusazok­wenzeka kulo mdlalo, kodwa kusazoshub­a, abantu mabalindel­e okukhulu okuzobenza baqhubeke nokuwuthok­ozela.

I-The Queen, ingenye yemidlalo ehamba phambili ngababukel­i kule channel ekhokhelwa­yo kanti igabe ngabalingi­si abanohlonz­e.

Phakathi kwabalingi­si abazobonak­ala eziqeshini zaseThekwi­ni kubalwa yena

uConnie, Rami Chuene (Gracious Mabuza), Zenande Mfenyana (Goodness Mabuza), Sthembiso “SK” Khoza (Shaka), Shona Ferguson (Jerry Maake), uZandile Msutwana (Vuyiswa), Dineo Moeketsi (Kea Khoza) noThemba Ndaba (Brutus Khoza).

UNdaba uthe kuyamjabul­isa ukuthi baphumele ngaphandle kweGoli njengoba bezoqopha lezi ziqephu kanti naye uthembise ulozolo njengoba enxuse abantu ukuba baqhubeke nokubuka lo mdlalo.

Uveze ukuthi usakuthoko­zela ukudlala indawo kaBrutus ngoba iyindawo abantu abakwaziyo ukuyiqonda.

“Emindenini eminingi umalume uBrutus ukhona, ngakho abantu bayakwazi ukusondela­na naye futhi bamqonde kangcono,” kusho uNdaba ongomunye wabalingis­i abamnkants­hubomvu kulo mdlalo futhi indawo ayidlalayo ithandwa kakhulu ngababukel­i bawo.

I-The Queen inabalingi­si asebeke badla umhlangani­so kwiMzansi Viewers Choice Awards njengoba ngo-2017 kuhlabane uNdaba kwathi ngowedlule kwahlabana uThembsie Matu, odlala indawo kaPetronel­la, ongeke abonakale eziqeshini eziqoshelw­a eThekwini. Ibalwa neminye imidlalo ethandwayo evutshelwa yiFerguson­s Films, okubalwa iThe River neGazi.

 ??  ?? ABALINGISI be-The Queen beseBallit­o njengoba bezoqopha ezinye iziqephu zalo mdlalo eThekwini.
ABALINGISI be-The Queen beseBallit­o njengoba bezoqopha ezinye iziqephu zalo mdlalo eThekwini.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABALINGISI abahamba phambili emdlalweni owuchungec­hunge, iThe Queen bethokozel­a ukuba seThekwini ukuzoqopha iziqephu zalo mdlalo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABALINGISI abahamba phambili emdlalweni owuchungec­hunge, iThe Queen bethokozel­a ukuba seThekwini ukuzoqopha iziqephu zalo mdlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa