Ilanga

Besatshisw­a ngokumbiwa kwezidumbu eThekwini

Bathi sebephoqwa ngabaphath­i abasha ukukhokha o-R200 nyanga zonke, kungenjalo bazozimba izidumbu

- NOMFUNDO NGWANE

ASENGCUPHE­NI yokumbiwa amathuna abantu abadla izambane likapondo, aziwa ngeLalakah­le Memorial Park, eBotha's Hill, eThekwini ngenxa yesimemeze­lo sabaphathi abasha bendawo akuyona.

Kawasabuth­i quthu ubuthongo amalungu emindeni yabangcwat­shwe kula mathuna emuva kokuthola izincwadi eziphuma kubaphathi abasha, ziwatshela ngemitheth­o emisha eveza ukuthi uma ehluleka wukuyiland­ela, zizombiwa izihlobo zawo.

La mathuna adume ngokuthi asezingeni eliphezulu, enjalo nje imigodi yakhona imba eqolo njengoba kulo nyaka ubiza u-R9 600 uwodwa. Phakathi kwabangcwa­tshwe kula mathuna, kubalwa noSfiso Ncwane obeyisilom­o somculo we- gospel nosomabhiz­inisi waseThekwi­ni, uMnu Don Mkhwanazi - obaziwa njengomuny­e wabanikazi bala mathuna.

Ngokuthola kweLANGA, izincwadi ezikhishel­we amalungu emindeni angcwabe izihlobo zawo kula mathuna, zithi umndeni kumele ukhokhe u-R200 njalo ngenyanga ithuna ngalinye.

Le ncwadi ekhishwe ngabazibiz­a ngabaphath­i abasha, ikubeka kucace ukuthi uma umuntu ehluleka wukuhambis­ana nemigomo yabo, ithuna liyombiwa ngezindlek­o zelungu elisayine inkontilek­a entsha ekhishwe ngabaphath­i.

UNkz Thembelihl­e Didi, wakwaE, eMlazi, uthi ungcwabe unina ngo-2012 kula mathuna. Uthi ngokubona ukuthi amathuna asetholaka­la kanzima, uzithengel­e indawo yakhe eceleni kwethuna likanina, ayofihlwa kulona uma esedlulile emhlabeni.

Le ndawo yakhe uyithenge isabiza u-R2 500, waze wathola isitifiket­i esinamagam­a akhe aphelele, yinombolo kamazisi wakhe neyomgodi ayofihlwa kuwona. Uthi wethuke wacishe washayeka phansi ekupheleni konyaka odlule ezwa ngabanye abangcwabe kula mathuna ngemitheth­o emisha.

"Ekuqaleni kwalo nyaka ngithole umqhafazo bengithume­lela incwadi echaza ngezinguqu­ko

esingazazi, ebezisinqu­mela ugwayi katiki, zisesabisa ngokuthi kuzombiwa amathuna amalungu emindeni yethu uma singahambi­sani nokushiwoy­o. Sinqume ukuyovakas­hela kula mahhovisi ukuze sibonane nalo mphathi omusha, ukuze sithole ngasibhale­le khona.

"Yilapho-ke esitshele khona ukuthi konke akubhalile kuyikhona, akujiki,” kusho yena.

UNkk Philile Mdladla, ongomunye wababhodla umlilo ngesinqumo sabaphathi abasha, uthi ungcwabe umyeni wakhe kula mathuna wabe esethenga indawo yakhe neyezingan­e zakhe ezintathu eceleni.

Uthi ngesikhath­i ethenga umgodi, ubusabiza u-R2 500, unazo nezitifike­ti eziqinisek­isa ukuthi indawo wayithenga. Uthi uyitholile incwadi emtshela ukuthi umgodi ngamunye kumele awukhokhel­e u-R200 njalo ngenyanga, okuthiwa yimali yokunakeke­la amathuna, okuyinto abangatshe­lwanga yona ngesikhath­i bethenga imigodi.

“Okungikhat­haza kakhulu kunakho konke wukuthi njalo ngenyanga kufanele ngihlukane no-R1 000, okusho ukuthi ngonyaka kumele ngikhokhe u-R12 000, kungenjalo kuzombiwa isidumbu somyeni wami, ngiphucwe nendawo esengiyikh­okhele.

"Ukuba babesitshe­lile kwasekuqal­eni yonke le mithetho asebesitsh­ela yona manje, sasingeke siyibekise indawo kula mathuna,” kusho uNkk Mdladla.

UNkk Gugu Thabethe yena uthi uthenge indawo ngo2013 isibiza u-R3 780, wabekisela namalungu omndeni wakhe ngoba ethi ufuna angcwatshw­e ndawonye.

“Ngesikhath­i sikhuluma nomnikazi wendawo omusha, uthe uma ngehluleka wukulandel­a imigomo yakhe, uzongibuyi­sela imali engathenga ngayo indawo, ewu-R3 780 umgodi ngamunye, ekubeni umgodi manje usubiza R9 600.

"Kuthe uma ngimtshela ukuthi kangihambi­sani nalokho akushoyo, ngizomdayi­sela ngemali yangalo nyaka, washaya phansi ngonyawo, ngabona ukuthi uyangiqola,” kusho yena.

ILANGA lishayele uNkk Ayanda Ncwane njengoba nomyeni wakhe efihlwe kula mathuna, uthe: “Ngiyaqala ukuzwa ngalolo daba, kawukho umyalezo engiwuthol­ile ukhuluma ngalo. Ngicela ukungaphaw­uli lutho ngalo''.

UNkk Allie du Plessis, oyimenenja ngaphansi kwenkampan­i iCCMD Lalakahle Memorial Park, ukuqinisek­isile ukuthi zikhishwe yinkampani yabo izincwadi ezinemithe­tho emisha ezinikezwe amakilayen­ti.

“Iningi lamakilaye­nti ethu esilithume­lele lezi zincwadi, selizisayi­nile futhi liyavumela­na nebesilazi­sa khona.

"Akhona amakilayen­ti esingakawa­thumeleli izincwadi, siphezu kohlelo lokuba siwathumel­ele. Imali ezokhokhwa ngamakilay­enti izosiza ekubeni sikwazi ukunakekel­a la mathuna," kusho uNkk Du Plessis.

Ukuqinisek­isile ukuthi amathuna asenganyel­we ngabantu abasha ngemuva kokwehluka­na kwabaphath­i abebewenga­mele, omunye wabo obekunguMn­u Mkhwanazi ongasekho, naye owangcwats­hwa kuwona. Ukuphikile ukuthi ukumbiwa kwamathuna yinto ezokwenziw­a manje, wathi kuyoba yisinqumo sokugcina abayositha­tha uma ikilayenti lingafuni ukuhambisa­na nemigomo abayibekil­e.

Uthi ukumbiwa kwesidumbu somuntu, kakusona isinqumo esilula, ongavuka ekuseni usithathe, kunemigudu okumele uyilandele efaka nezinkanto­lo.

Imizamo yeLANGA yokuxhuman­a nomndeni kaMnu Mkhwanazi ukuze uphawule ngalolu daba, kayiphumel­elanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? KUSUKA kwesobunxe­le nguNkk Lindiwe Mdladla, uNkk Thembelihl­e Didi, uNkz Gugu Thabethe, uNkk Lindokuhle Didi abhodla umlilo ngesinqumo esithathwe ngabanikaz­i abasha bamathuna iLalakahle Memorial Park, eBotha's Hill, eThekwini.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU KUSUKA kwesobunxe­le nguNkk Lindiwe Mdladla, uNkk Thembelihl­e Didi, uNkz Gugu Thabethe, uNkk Lindokuhle Didi abhodla umlilo ngesinqumo esithathwe ngabanikaz­i abasha bamathuna iLalakahle Memorial Park, eBotha's Hill, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa