Besatshiswa ngokumbiwa kwezidumbu eThekwini
Bathi sebephoqwa ngabaphathi abasha ukukhokha o-R200 nyanga zonke, kungenjalo bazozimba izidumbu
ASENGCUPHENI yokumbiwa amathuna abantu abadla izambane likapondo, aziwa ngeLalakahle Memorial Park, eBotha's Hill, eThekwini ngenxa yesimemezelo sabaphathi abasha bendawo akuyona.
Kawasabuthi quthu ubuthongo amalungu emindeni yabangcwatshwe kula mathuna emuva kokuthola izincwadi eziphuma kubaphathi abasha, ziwatshela ngemithetho emisha eveza ukuthi uma ehluleka wukuyilandela, zizombiwa izihlobo zawo.
La mathuna adume ngokuthi asezingeni eliphezulu, enjalo nje imigodi yakhona imba eqolo njengoba kulo nyaka ubiza u-R9 600 uwodwa. Phakathi kwabangcwatshwe kula mathuna, kubalwa noSfiso Ncwane obeyisilomo somculo we- gospel nosomabhizinisi waseThekwini, uMnu Don Mkhwanazi - obaziwa njengomunye wabanikazi bala mathuna.
Ngokuthola kweLANGA, izincwadi ezikhishelwe amalungu emindeni angcwabe izihlobo zawo kula mathuna, zithi umndeni kumele ukhokhe u-R200 njalo ngenyanga ithuna ngalinye.
Le ncwadi ekhishwe ngabazibiza ngabaphathi abasha, ikubeka kucace ukuthi uma umuntu ehluleka wukuhambisana nemigomo yabo, ithuna liyombiwa ngezindleko zelungu elisayine inkontileka entsha ekhishwe ngabaphathi.
UNkz Thembelihle Didi, wakwaE, eMlazi, uthi ungcwabe unina ngo-2012 kula mathuna. Uthi ngokubona ukuthi amathuna asetholakala kanzima, uzithengele indawo yakhe eceleni kwethuna likanina, ayofihlwa kulona uma esedlulile emhlabeni.
Le ndawo yakhe uyithenge isabiza u-R2 500, waze wathola isitifiketi esinamagama akhe aphelele, yinombolo kamazisi wakhe neyomgodi ayofihlwa kuwona. Uthi wethuke wacishe washayeka phansi ekupheleni konyaka odlule ezwa ngabanye abangcwabe kula mathuna ngemithetho emisha.
"Ekuqaleni kwalo nyaka ngithole umqhafazo bengithumelela incwadi echaza ngezinguquko
esingazazi, ebezisinqumela ugwayi katiki, zisesabisa ngokuthi kuzombiwa amathuna amalungu emindeni yethu uma singahambisani nokushiwoyo. Sinqume ukuyovakashela kula mahhovisi ukuze sibonane nalo mphathi omusha, ukuze sithole ngasibhalele khona.
"Yilapho-ke esitshele khona ukuthi konke akubhalile kuyikhona, akujiki,” kusho yena.
UNkk Philile Mdladla, ongomunye wababhodla umlilo ngesinqumo sabaphathi abasha, uthi ungcwabe umyeni wakhe kula mathuna wabe esethenga indawo yakhe neyezingane zakhe ezintathu eceleni.
Uthi ngesikhathi ethenga umgodi, ubusabiza u-R2 500, unazo nezitifiketi eziqinisekisa ukuthi indawo wayithenga. Uthi uyitholile incwadi emtshela ukuthi umgodi ngamunye kumele awukhokhele u-R200 njalo ngenyanga, okuthiwa yimali yokunakekela amathuna, okuyinto abangatshelwanga yona ngesikhathi bethenga imigodi.
“Okungikhathaza kakhulu kunakho konke wukuthi njalo ngenyanga kufanele ngihlukane no-R1 000, okusho ukuthi ngonyaka kumele ngikhokhe u-R12 000, kungenjalo kuzombiwa isidumbu somyeni wami, ngiphucwe nendawo esengiyikhokhele.
"Ukuba babesitshelile kwasekuqaleni yonke le mithetho asebesitshela yona manje, sasingeke siyibekise indawo kula mathuna,” kusho uNkk Mdladla.
UNkk Gugu Thabethe yena uthi uthenge indawo ngo2013 isibiza u-R3 780, wabekisela namalungu omndeni wakhe ngoba ethi ufuna angcwatshwe ndawonye.
“Ngesikhathi sikhuluma nomnikazi wendawo omusha, uthe uma ngehluleka wukulandela imigomo yakhe, uzongibuyisela imali engathenga ngayo indawo, ewu-R3 780 umgodi ngamunye, ekubeni umgodi manje usubiza R9 600.
"Kuthe uma ngimtshela ukuthi kangihambisani nalokho akushoyo, ngizomdayisela ngemali yangalo nyaka, washaya phansi ngonyawo, ngabona ukuthi uyangiqola,” kusho yena.
ILANGA lishayele uNkk Ayanda Ncwane njengoba nomyeni wakhe efihlwe kula mathuna, uthe: “Ngiyaqala ukuzwa ngalolo daba, kawukho umyalezo engiwutholile ukhuluma ngalo. Ngicela ukungaphawuli lutho ngalo''.
UNkk Allie du Plessis, oyimenenja ngaphansi kwenkampani iCCMD Lalakahle Memorial Park, ukuqinisekisile ukuthi zikhishwe yinkampani yabo izincwadi ezinemithetho emisha ezinikezwe amakilayenti.
“Iningi lamakilayenti ethu esilithumelele lezi zincwadi, selizisayinile futhi liyavumelana nebesilazisa khona.
"Akhona amakilayenti esingakawathumeleli izincwadi, siphezu kohlelo lokuba siwathumelele. Imali ezokhokhwa ngamakilayenti izosiza ekubeni sikwazi ukunakekela la mathuna," kusho uNkk Du Plessis.
Ukuqinisekisile ukuthi amathuna asenganyelwe ngabantu abasha ngemuva kokwehlukana kwabaphathi abebewengamele, omunye wabo obekunguMnu Mkhwanazi ongasekho, naye owangcwatshwa kuwona. Ukuphikile ukuthi ukumbiwa kwamathuna yinto ezokwenziwa manje, wathi kuyoba yisinqumo sokugcina abayosithatha uma ikilayenti lingafuni ukuhambisana nemigomo abayibekile.
Uthi ukumbiwa kwesidumbu somuntu, kakusona isinqumo esilula, ongavuka ekuseni usithathe, kunemigudu okumele uyilandele efaka nezinkantolo.
Imizamo yeLANGA yokuxhumana nomndeni kaMnu Mkhwanazi ukuze uphawule ngalolu daba, kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.