Obephume ngoshwele ecaleni lokubulala
ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi waseZibungo, eMariannhill ngesigameko sowesilisa okuthiwa udubule wabulala indodana yakhe, ebifuna ayenzele umsebenzi wokuyikhulisa.
UMnu Khehla Makhathini (32), obehlala eTshelimnyama, eMariannhill, udutshulwe wabulawa nguyise - esingeke simdalule aze avele enkantolo - ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kwengxabano okuthiwa isuswe ngumufi efuna ukwenzelwa umsebenzi ngenkani. Ngokuthola kweLANGA ngomthombo walo, ocele siligodle igama lawo, umufi ubehlala nonina koninalume, eya ngokuvakasha kuyise.
Uthi ufike ngoMgqibelo ehamba nabangani bakhe, walwisa uyise embiza ngesahluleki sendoda esihlulwa wukwenzela ingane yaso umsebenzi. Umthombo uthi umufi ubethuka uyise kuzwa nomakhelwane. Uthathe amatshe washaya amawindi omuzi kayise, ekhala ngokuthi kunezinto ezingamhambeli kahle, ethi zibheda nje, yingoba uyise akamenzelile umsebenzi abekhala ngawo.
Umthombo uthi uyise kamufi uzame kaningi ukukhuza indodana yakhe ukuba iyeke ukushaya umuzi wakhe izama ukushaya yena. Emuva kwalokho uphume nesibhamu esisemthethweni, wadubula ebhekise endodaneni yakhe, eshonele endaweni yesigameko.
Umthombo uveze ukuthi umufi ubengaqali ukuhlasela uyise efuna izinto ngenkani. “Le ngane ibijwayele ukufika emzini kayise imlwise, ibisifike izikhawu eziningi kuyena iyofuna ayenzele umsebenzi, ingamceli nakahle,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala, umsolwa uboshiwe. Kulindeleke ukuba avele namhlanje eNkantolo yeMantshi ePinetown.