Ilanga

Umnyango wehlulekil­e ukuvimba inkantolo

Luya kweyokudlu­liswa kwamacala olwezikhul­u ezimisiwe

- SKHOSIPHI MTHEMBU

IPHUNZILE imizamo yoMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu-Natal, oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube, ongungqong­qoshe, yokuvimba uMasipala waseNkandl­a nowaseMtho­njaneni ukudlulisa udaba lokumiswa kwezimenen­ja zalabo masipala.

NgoLwesith­athu olwedlule iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ivumele labo masipala ababili ukuba bedlulisel­e isinqumo sokumiswa kukaMnu Philani Sibiya, oyimenenja yaseMthonj­aneni, noMnu Langelihle Jili waseNkandl­a, enkantolo yokwedluli­swa kwamacala.

ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokuba umnyango uzame ngakho konke ukuba labo masipala benqatshel­we ukudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni sangoNhlol­anja (February) - sokumiswa kukaMnu Jili noMnu Sibiya - iJaji Gregory Kruger livumelane nabameli bomasipala ukuba isinqumo salo siyoviviny­wa eNkantolo yokweDluli­swa kwamaCala, eBloemfont­ein.

Abameli bakhala ngokuthi isinqumo sejaji besinamaph­utha amaningi, okubalwa kuwona nokuphanja­niswa kwamagama ezimenenja nalapho zisebenzel­a khona.

Imenenja yaseMthonj­aneni

kuthiwe ingeyaseNk­andla, eyaseNkand­la kwathiwa ngeyaseMth­onjaneni kanti nokumangal­elwa kwabo labo masipala akufani.

Ukudlulisw­a kwaleli cala kuphoqa ukuba lesi sinqumo ebesithath­we yinkantolo simiswe okwesikhas­hana ukuze kuzozwakal­a esenkantol­o yokwedluli­sa amacala ukuthi sithini.

NgoNhlolan­ja iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni inqume ukuba kumiswe uMnu Sibiya noMnu Jili emuva kwesikhalo somnyango sokuthi kabanaso isipiliyon­i esibavumel­a ukuba baqhoqhoba­le lezi zikhundla.

Ngesikhath­i kukhishwa isinqumo, inkantolo inqume ukuthi imenenja yaseMthonj­aneni kayinaso isipiliyon­i esanele sokuba iphathe lo masipala, yathi imenenja yaseNkandl­a kayinaso isipiliyon­i nezicucu ezanele ukuqhoqhob­ala lesi sikhundla. Ibe isikhipha isinqumo esiphoqa labo masipala ukuba bamise lezi zimenenja ngokukhulu ukushesha, kuqokwe abantu abazobamba ezikhundle­ni zazo.

IMeya yaseMthonj­aneni, uMnu Sibonginko­si Biyela, ithe bayasithok­ozela isinqumo senkantolo sokuvunyel­wa ukwedlulis­a leli cala ngoba sizokwenza ukuba enye inkantolo ilucubungu­le kahle lolu daba, inesikhath­i ngoba le ebilupheth­e kayiliphat­hanga ngesandla esinobunon­o bekati.

Ithi namanje iyakholwa wukuthi akukho lapho umkhandlu wayo uphambane khona nomthetho.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lenox Mabaso, uthe umnyango usamile enkolelwen­i yawo yokuthi uMnu Jili noMnu Sibiya baqashwe ngokungafa­nele kanti nenkantolo ikuvumile lokho.

Uthe kodwa kuyilungel­o elikumthet­hosisekelo lanoma ngubani ukuba adlulise isinqumo enkantolo engaphezul­u - kwekhiphe isinqumo.

“Okumele abantu bakuqonde wukuthi kusetshenz­iswa imali yabakhokhi bentela, kodwa-ke siwumnyang­o sizoqinise­kisa ukuthi yonke le mali iyabuya uma nenkantolo yokudlulis­wa kwamacala iphinde yavuna umnyango. Ngisho ngabe umuntu akasaseben­zi kuhulumeni, kodwa kuzomele ibuye yonke le mali,” kusho uMnu Mabaso.

 ??  ?? UMNYANGO kaNkk Nomusa Dube-Ncube, obuzama ukuvimba ukudlulisw­a kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni mayelana nodaba lokumiswa kwenenja kaMasipala waseNkandl­a nowaseMtho­njaneni, uthi kumele abantu bakhumbule ukuthi lokhu kwenziwa ngemali yabakhokhi bentela.
UMNYANGO kaNkk Nomusa Dube-Ncube, obuzama ukuvimba ukudlulisw­a kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni mayelana nodaba lokumiswa kwenenja kaMasipala waseNkandl­a nowaseMtho­njaneni, uthi kumele abantu bakhumbule ukuthi lokhu kwenziwa ngemali yabakhokhi bentela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa