Umnyango wehlulekile ukuvimba inkantolo
Luya kweyokudluliswa kwamacala olwezikhulu ezimisiwe
IPHUNZILE imizamo yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube, ongungqongqoshe, yokuvimba uMasipala waseNkandla nowaseMthonjaneni ukudlulisa udaba lokumiswa kwezimenenja zalabo masipala.
NgoLwesithathu olwedlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini ivumele labo masipala ababili ukuba bedlulisele isinqumo sokumiswa kukaMnu Philani Sibiya, oyimenenja yaseMthonjaneni, noMnu Langelihle Jili waseNkandla, enkantolo yokwedluliswa kwamacala.
ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokuba umnyango uzame ngakho konke ukuba labo masipala benqatshelwe ukudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwini sangoNhlolanja (February) - sokumiswa kukaMnu Jili noMnu Sibiya - iJaji Gregory Kruger livumelane nabameli bomasipala ukuba isinqumo salo siyovivinywa eNkantolo yokweDluliswa kwamaCala, eBloemfontein.
Abameli bakhala ngokuthi isinqumo sejaji besinamaphutha amaningi, okubalwa kuwona nokuphanjaniswa kwamagama ezimenenja nalapho zisebenzela khona.
Imenenja yaseMthonjaneni
kuthiwe ingeyaseNkandla, eyaseNkandla kwathiwa ngeyaseMthonjaneni kanti nokumangalelwa kwabo labo masipala akufani.
Ukudluliswa kwaleli cala kuphoqa ukuba lesi sinqumo ebesithathwe yinkantolo simiswe okwesikhashana ukuze kuzozwakala esenkantolo yokwedlulisa amacala ukuthi sithini.
NgoNhlolanja iNkantolo eNkulu yaseThekwini inqume ukuba kumiswe uMnu Sibiya noMnu Jili emuva kwesikhalo somnyango sokuthi kabanaso isipiliyoni esibavumela ukuba baqhoqhobale lezi zikhundla.
Ngesikhathi kukhishwa isinqumo, inkantolo inqume ukuthi imenenja yaseMthonjaneni kayinaso isipiliyoni esanele sokuba iphathe lo masipala, yathi imenenja yaseNkandla kayinaso isipiliyoni nezicucu ezanele ukuqhoqhobala lesi sikhundla. Ibe isikhipha isinqumo esiphoqa labo masipala ukuba bamise lezi zimenenja ngokukhulu ukushesha, kuqokwe abantu abazobamba ezikhundleni zazo.
IMeya yaseMthonjaneni, uMnu Sibonginkosi Biyela, ithe bayasithokozela isinqumo senkantolo sokuvunyelwa ukwedlulisa leli cala ngoba sizokwenza ukuba enye inkantolo ilucubungule kahle lolu daba, inesikhathi ngoba le ebiluphethe kayiliphathanga ngesandla esinobunono bekati.
Ithi namanje iyakholwa wukuthi akukho lapho umkhandlu wayo uphambane khona nomthetho.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lenox Mabaso, uthe umnyango usamile enkolelweni yawo yokuthi uMnu Jili noMnu Sibiya baqashwe ngokungafanele kanti nenkantolo ikuvumile lokho.
Uthe kodwa kuyilungelo elikumthethosisekelo lanoma ngubani ukuba adlulise isinqumo enkantolo engaphezulu - kwekhiphe isinqumo.
“Okumele abantu bakuqonde wukuthi kusetshenziswa imali yabakhokhi bentela, kodwa-ke siwumnyango sizoqinisekisa ukuthi yonke le mali iyabuya uma nenkantolo yokudluliswa kwamacala iphinde yavuna umnyango. Ngisho ngabe umuntu akasasebenzi kuhulumeni, kodwa kuzomele ibuye yonke le mali,” kusho uMnu Mabaso.