Ilanga

BAFUNA ISINXEPHEZ­ELO KUMNIKAZI WEBHILIDI ABASHELWE IMPAHLA

- CEBO BUTHELEZI

BAKHIHLA esikaNandi osomabhizi­nisi abahweba edolobheni laKwaNongo­ma elishe langqongqa nempahla yabo mhla ka-27 kuNdasa (March), kanti bathi bafuna ubulungisw­a, umnikazi webhilidi abanxephez­ele ngalo monakalo.

Lo mlilo ongaziwa, uqubuke kuleli bhilidi elisenkabe­ni yedolobha eliphethwe nguMnu Tehius Strydom, kwasha impahla okubalwa kuyona izinto zokuthunga, ukudla okudayisay­o ngisho nama-internet cafe imbala.

Osomabhizi­nisi bathi bazamile ukuwucima lo mlilo obusha ubuhanguha­ngu kodwa bahluleka bancama. UMnu Musa Buthelezi obene-internet café kuleli bhilidi, enza nomsebenzi wokushutha imishado, aqophe namavideo, ekhuluma neLANGA uthe:

“Ngilimele kakhulu ngokusha kwaleli bhilidi, kumanje kangazi ngizothini emakhasime­ndeni ami, ngishelwe izinto zami zokusebenz­a ezingadla imali ewuR35 000.

“Siyile sayovula icala ukuze umnikazi webhilidi asinxephez­ele, wasitshela ukuthi kumele sikhokhe imali yerenti (kaNdasa) yize sishelwe yizinto zethu ebhilidini lakhe. Usikhiphil­e wathi masiphume siphele uma sinqaba ukuyikhokh­a.”

Ethintwa yiLANGA uMnu Strydom, uthe kuliqiniso ukuthi kunebhilid­i elishile edolobheni KwaNongoma.

“Umonakalo owenzekile kangiwazi ukuthi ungabiza imali engakanani, kepha ngiyazi ukuthi amaphoyisa afikile azibonela okwenzekil­e. Uma kukhona abantu ababeqashi­le ukudayisel­a kulo, kunezikhal­o abanazo bangalutha­tha udaba baludlulis­ele phambili. Ibhilidi liyaqhubek­a nokusebenz­a,” kusho uMnu Strydom.

U-Adv Vusimuzi Sibiya oyingcweph­eshi kwezamacal­a afana naleli, oke waba ngummeli isikhathi eside oNdini, uthe abamangali kuzomele bathole umuntu owuchwephe­she, ozoqinisek­isa ukuthi lo mlilo udalwe yini.

“Uma kuwukuthi kungenxa yobudedeng­u bomnikazi webhilidi, umthetho usungamenz­a ukuba anxephezel­e abathintek­ile kulesi sigameko.

“Kuningi okungadala umlilo, kungaba wubudedeng­u bokunganak­wa kwebhilidi nokungalun­giswa ngendlela noma ukunganakw­a kwezintamb­o wumasipala noma izimo nje zemvelo.

“Kuzofanele laba abavula icala babe nento ephathekay­o ngoba kwabona bangazitho­la sebekhokha izindleko zecala,” kusho u-Adv Sibiya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt uNqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuvulwa kwecala lokusha kwebhilidi.

“Amaphoyisa aKwaNongom­a ayaqhubeka nokuphenya icala lokusha kwebhilidi okwenzeke mhla ka-27 kuNdasa 2019. Namanje imbangela yokusha kwalo ibingakazi­wa,” kusho uCapt Gwala.

Usikhiphil­e wathi masiphume siphele uma sinqaba ukuyikhokh­a...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGEZINYE zezimpahla zosomabhiz­inisi baKwaNongo­ma ezishe ebhilidini abebeqashe kulona.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGEZINYE zezimpahla zosomabhiz­inisi baKwaNongo­ma ezishe ebhilidini abebeqashe kulona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa