SENYUKILE ISIBALO SOTHISHA ASEBEVULE AMACALA OKUPOTOZWA NGUZAKWABO
UPHUTHUNYISWE esibhedlela kukubi uthisha (61) waseCarrington Heights Primary School, eGlenmore, eThekwini, ngoLwesithathu emuva kokumiswa emsebenzini ngezinsolo zokupotoza ozakwabo besifazane.
Umiswe ngoLwesibili olwedlule nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane, obeye kulesi sikole ehambisana neNhloko yomnyango, uDkt Enock Nzama.
Lo thisha udaba lwakhe olusematheni emuva kokuphefumula kwabanye ozakwabo bethi sekubame emphinjeni ukumodeliswa ngesudi yesele nguyena, aphinde abapotoze izitho zangasese.
ILANGA lithole ukuthi ungeniswa esibhedlela nje, sesinyukile isibalo sothisha abamvulele amacala.
Kuthiwa uhlaselwe wukugula okungaziwa ngoLwesithathu, waphuthunyiswa esibhedlela esequlekile. Lokhu kwenzeke ngemuva kokumiswa kwakhe emsebenzini.
Umthombo weLANGA osondelene nalolu daba, uveze ukuthi uthisha wehlulekile wukumelana nengcindezi.
ILANGA libike kabanzi ngezinsolo eziqale ukusabalala ngeledlule ngesikhathi omunye wothisha besifazane abafundisa kulesi sikole, esabalalisa inkulumo eqoshiwe, ekhala ngokuthi sebekhathele wukuhlukunyezwa yilo thisha obapotoza izitho zangasese, abacele ukuba bamthumelele izithombe zezitho zabo zangasese, kwesinye isikhathi ababizele ehhovisi lakhe abaphoqe ukuba bamodele benqunu.
Ngaphandle kwakho konke lokhu, labo thisha bebesola lo zakwabo ngokuthi isikole usesiphendule i- tuck shop yakwakhe, uzenzela umathanda.
Lolu daba lube sematheni ngemuva kokuba amalungu eSadtu igasele emagcekeni alesi sikole, afika lo thisha ezivalele ehhovisi lakhe, engafuni ukukhuluma nawo.
Kuthiwa ngemuva kokugasela kweSadtu, akazange alubhade esikoleni ngakusasa, kunalokho ube esesabisa abanye othisha ngokuba bangalinge bazibandakanye nento eyenziwa yile nyunyana futhi bangalinge bakhulume ngezinto ezenzeka kulesi sikole.
Umthombo weLANGA uthe: "Sinzima isimo ku... (egagula ngegama lo thisha ongumsolwa) okuthiwa namanje akakholwa ukuthi ozakwabo bamjikele baveza amanyala akhe.
"Yize kusiphathe kabi ukuzwa izindaba zokuthi ubehlukumeza ozakwabo ngale ndlela, kodwa manje sekubuhlungu ukuzwa ukuthi usengeniswe esibhedlela ngenxa yengcindezi abhekene nayo,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi sesenyukile isibalo sabantu abavulele lo thisha amacala okubanukubeza ngokocansi. Uthe amaphoyisa asaphenya, bekungakaboshwa muntu.