Ilanga

Bamncome ngamagalel­o akhe uProfessor

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UTUSWE ngozakwabo uProfessor egubha usuku lwakhe lokuzalwa endaweni ejuxuza omtakabani KwaMashu, i-Artizen. Iningi lamaciko abenandisa belifike lincome lo mculi njengeqhaw­e eselidlale indima ende ezimpilwen­i zawo. Kuqale i-Avante esayine ngaphansi kwenkampan­i yakhe, iProper Files, yabonga uProfessor, yathi uhlale ekhona empilweni yabo ngisho nangezikha­thi ezinzima. Ngemuva kwayo kungene iMalini nayo ededele ingoma abantu yabashiya becela impinda. Ivule ngengoma yayo eyashisa izikhotha esihloko sithi: “Balele” ngemuva kwalokho yaqhulula inqwaba yamanoni, abantu beme ngezinyawo becula kanye nayo. Kuqede iMalini kwangena inqwaba yamaciko ashisa izikhotha, elandelana. Phakathi kwawo kubalwa uDladla Mshunqisi, uSjava, uBabes Wodumo, uMampintsh­a, uZakwe, uBeast noSjerere. Wonke lamaciko abengaqedi ukunandisa engamncoma­nga uProfessor. USjava uthe yena ubukela kuProfesso­r ngoba akakaze ezwe kuthiwa ushaye umuntu futhi akaze etholakale ngezindaba ezimbi kwabezinda­ba. Amalungu omphakathi abehambele lomcimbi abebulala inyoka ungafunga ukuthi iholide. Khonamanja­lo uCharacter, ongumfowab­o kaProfesso­r, uthule ingoma yakhe esihloko sithi, “Inde le ndlela”. Abantu batshengis­e ukuyithaka­sela njengoba eze wayiphinda kabili. Kuze kwasa abantu bejuxuza bengazimis­ele ngokugoduk­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE NGU: KUMKANI DLAMINI ?? UMAMPINTSH­A ehlanyisa izinkumbi zabantu. U-PROFESSOR ebonga abantu ngokumesek­a emcimbini wakhe.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE NGU: KUMKANI DLAMINI UMAMPINTSH­A ehlanyisa izinkumbi zabantu. U-PROFESSOR ebonga abantu ngokumesek­a emcimbini wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa