Ilanga

BAKHELWE UMTAPO WOLWAZI OSEZINGENI

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

KUQHILIKE izihlathi kwabakhuba­zekile nasentshen­i eyakhele uMasipala iRay Nkonyeni, ePort Shepstone, kuvulwa ngokusemth­ethweni umtapo wolwazi ( library), onobuchwep­heshe obusezinge­ni eliphezulu ngoLwesine olwedlule.

Lo mtapo wolwazi oyibhilidi elinezitez­i ezintathu - okuthiwa udle u-R77.6 million - unendawo ehlinzeka abakhubaze­kile, enekhompyu­tha enezwi uma bedinga ukusesha okuthile. Kunane-CD umuntu akwazi ukuyilalel­a, imnikeze uhlu lwezincwad­i ezikhona kulo mtapo, ikufundele leyo ncwadi uma usuyibeke phezu komshini.

Kawugcini ngalokho njengoba kunendawo enobuxhaka­xhaka bobuchweph­eshe bamakhompy­utha lapho abafundi abakwazi ukwenza khona umsebenzi wabo wesikole, baseshe kwi- internet.

Kwamanye amagumbi angaphansi, kunendawo engasetshe­nziswa ngabantwan­a abanezinya­nga eziwu21 ubudala kuya phezulu, badlale imidlalo efana ne- puzzle.

Kunelinye igumbi elingasets­henziswa ngabanemin­yaka esukela ku-14 ubudala, lokudlala imidlalo besebenzis­a umabonakud­e.

UNkz Silindile Gumede, waseGamala­khe, khona ePort Shepstone, uthi ukwakhiwa kwalo mtapo kubasize kakhulu njengoba bekudingek­a ukuba bakhokhe u-R15 ihora uma befuna ukusebenzi­sa i- internet emainterne­t cafe.

“Bekuba nzima kakhulu uma ufuna ukufaka isicelo somsebenzi ngoba bekufanele ufake nezicucu zakho, obekuthath­a cishe ihora lonke uma zizine kuya phezulu kwazise zingena kancane kula makhompyut­ha akhokhelwa­yo ngoba basuke befuna ukwenza inzuzo.

"Uma ufuna ukufaka isicelo sokufunda e-Unisa, bekudingek­a ube no-R100-00 kuya phezulu.

"Sibonga kasiphezi kumasipala wethu ngokusakhe­la umtapo wolwazi osezingeni eliphezulu kangaka,” kusho uNkz Gumede.

UNkz Anelisiwe Cele, ongumfundi ePort Shepstone High School, uthi sekuzoba lula ukuthola izincwadi abasuke bezidinga njengoba kulo mtapo kukhona lonke uhlobo lwencwadi.

“Kulo mtapo wolwazi ebesiwuseb­enzisa phambilini, ubuke uthi uyafika, utshelwe ukuthi incwadi ethile iphumile, ungazi noma bebeba nencwadi eyodwa yini,” kusho yena.

IMeya yalo Masipala, uNkz Cynthia Mqwebu, ithe ukwakhiwa kwalo mtapo wolwazi kakugcinan­ga ngokufeza iphupho labantu bakule ndawo lokuba nomtapo wolwazi esezingeni eliphezulu, kodwa kudale namathuba emisebenzi kubantu bakule ndawo.

“Ngikhuluma nje, sekuqashwe izisebenzi eziwu-13 ezizobheke­lela ukusebenza kwalo mtapo. Sizophinde siphume inqina lapho sizohamba sifundisa ngekhompyu­tha abantu abakhele lo masipala, ukuze bathole izitifiket­i abangaqash­wa ngazo kwezinye izinkampan­i noma babuye bazosebenz­a la, basize asebekhuli­le kodwa abanothand­o lokwazi ukusebenzi­sa ikhompyuth­a.

"Umtapo siwakhe waba seduze nerenki ukwenzela nalabo abahamba ngezinto zomphakath­i ukuba bangahambi ibanga elide sebefikile edolobheni ukufinyele­la kuwona,” kusho uNkz Mqwebu.

UNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe: “Besifisa ukuba lo mtapo siwuvule kanye nowaseThek­wini kodwa kwangenzek­a ngenxa yezinkinga ezibe khona. Sivula lo mtapo wolwazi nje, ngeledlule besivula omunye ngaphansi kukaMasipa­la waseMdoni.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa