Ilanga

SAZE SAHLUKUMEZ­EKA KWAMNYANDU

- Mthembeni Kheswa E-LAMONTVILL­E

MHLELI: Ngidumele futhi ngiphoxeki­le ngento eyenziwe yisisebenz­i sasenxanxa­theleni yezitolo KwaMnyandu, eMlazi, ngoMgqibel­o.

Besiphelez­ela omunye umhlobo wethu eyofihla isihlobo sakhe eNgonyamen­i, sisuka eLamontvil­le yena nabanye besuka KwaNdengez­i. Sihlele ukuba sihlangane kule nxanxathel­a yezitolo ukuze phela sicoshacos­he esizovela ngakho lapho besiya khona.

Umhlobo wethu ebesihamba naye, uphila nokukhubaz­eka, walimala emlenzeni eminyakeni edlule. Ufike wapaka endaweni yabanokukh­ubazeka, sashiya imoto siyobingel­elana nalezi zinsizwa ebesihambi­sana nazo sizohlela nokuthi siyofika kanjani lapho siya khona ngoba thina besingakwa­zi.

Akuphelang­a mizuzu mingaki, kwaqhamuka enye imoto, umshayeli wayo wasitshela ukuthi imoto yalo mbhemu esihamba naye isifaswe amasondo ngoba kuthiwa ipake endaweni engafanele.

Siphuthumi­le sayobheka, nempela safica ifasiwe. Le nsizwa nezinye izinsizwa bahambile beyochaza ukuthi umshayeli unokukhuba­zeka - futhi uyazibonak­alela nje akadingi kuchazwa - owesifazan­e esitshelwe ukuthi nguyena oshaya amaphiko kule ndawo okupakwa kuyona, ushaye phansi ngonyawo wathi lo mfowethu ngeke ayinuke imoto engawukhip­hanga u-R500 futhi uma eyishiya, imali izala u-R250 ngosuku.

Kuzanywe kwazanywa kodwa lutho. Bese kuwusizi lo mfowethu ehamba exhugela, ehla enyuka kuhlangani­swa lo R500, kwazise phela imali ibisiseben­zile. Ukuba le mali ibingekho kusho ukuthi lo mfowethu ubezoxhuge­la ayofuna amatekisi abheke eLamontvil­le futhi abuye exhugela kanjalo esehlangan­ise eyokukhiph­a imoto?

Kusho ukuthi kwamngcwab­o lowo ubengeke esawubona! Le ntokazi ithe kuyomele abuyele eMlazi namuhla ngoMsombul­uko ayofaka isikhalo ukuze abuyelwe yimali yakhe.

Siyazi futhi siyaqonda ukuthi indawo nendawo inemitheth­o nemigomo yayo kodwa iqiniso elingephik­we wukuthi imithetho kayibekelw­e ukuba kuhlukunye­zwe abantu ngayo nokuba abasemandl­eni bakhombise ubukhulu babo phezu kwabanye abantu ngayo. Abantu abakhubaze­kile pho!

Yebo, bekubhaliw­e ukuthi imoto engavumele­kile ukupaka kule ndawo izofaswa, umnikazi wayo ayikhiphe ngo-R500 kodwa akukho okucacisay­o ukuthi imoto kumele ibe nestikha esikhombis­ayo ukuthi umshayeli ukhubazeki­le, kumele kubonakale isihlalo esinamason­do noma izinduku zokudondoz­ela. Lo muntu engikhulum­a ngaye kunzima ngisho ukugibela nokwehla emotweni, okuyikho okwenze wangapaka ezikhaleni ezijwayele­kile ngoba kwazona zithanda ukuba zincane kakhulu kokujwayel­ekile.

Ngokwami lona wesifazane ukhombise unya olwesabeka­yo ngento engathi shu. Le nto isihlukume­ze sonke kangangoba kwankonzo yomngcwabo sifike isizophuma. Uwonile umoya wethu lo sisi, siyambonga. Sethembe ukuthi kuyoba mnandi mhla kwenzeka kuyena lokhu futhi nalo msebenzi wakhe uyohlale enawo.

 ??  ?? UMFUNDI ukhala ngempatho engeyinhle abayithole enxanxathe­leni yezitolo, KwaMnyandu, eMlazi, ngempelaso­nto.
UMFUNDI ukhala ngempatho engeyinhle abayithole enxanxathe­leni yezitolo, KwaMnyandu, eMlazi, ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa