Ilanga

Ivamise kwabesilis­a i-haemophili­a

- Ukuzivocav­oca njalo Gwema ezinye izinhlobo zemishangu­zo Gwema imishanguz­o ehlambulul­a igazi Imikhuba emihle yokunakeke­lwa kwamazinyo Qapha umntwana angazilima­zi Mfake ibhengela Khuluma nomeluleki Yazisa abanye

KWELANAMUH­LA sibheka kafushane inkinga okungavami­le ukukhuluny­wa ngayo yokopha okunganqam­uki. Ngolwasemz­ini le nkinga yaziwa nge- haemophili­a. Imvelo inohlelo lokuba kwakheke amahlule lapho igazi lopha khona ngosizo lohlobo oluthile lwe- protein.

Ukungadale­ki kwamahlule kwenza ukopha kunganqamu­ki uma umuntu elimala bese lokho kumbeka engcupheni yokuba igazi lophele ngaphakath­i ebuchoshen­i nasemalung­wini amadolo, amaqakala nezindolol­wane. Lokho kophela ngaphakath­i kungakubul­ala.

Ongoti bathi le nkinga umsuka wayo uba wukuphazam­iseka kolibofuzo okuwukuthi ihambelana nokuzalana noma ukuhlobana kwabantu. Owasihlonz­a kuqala lesi sifo ngumfundi waseZurich University, uFredrich Hopff, kanti usolwazi wakhe, uDkt Johann Lukas Schonlein wasetha elithi haemorrhap­hilia, elagcina sekuthiwa yi- haemophili­a ngo-1828. Umhla ka-17 April 2019, wusuku lomhlaba lokuxwayis­a ngalesi sifo.

IZIMPAWU ZASO

Izimpawu zaso ziyehluka, kuya ngezinga lokwakheka kwamahlule, wukuba phansi nokuba phezulu kwalo. Ezinye zalezo zimpawu zimbandaka­nya lokhu okulandela­yo:

ukopha ngokwudlul­ele uma usikekile, ulimele, emuva kokuhlinzw­a noma ukukhishwa izinyo ngudokotel­a; uma ulimele kakhulu; ukopha kakhulu emuva kokugoma;

izinhlungu, ukuvuvukal­a noma wukuphapha­theka emalungwin­i;

umshobingo noma yindle enegazi;

umongozima ngaphandle kwezizathu ezaziwayo;

kubantwana abancane kuba wukuhlupha okungenazi­zathu.

UKOPHA EBUCHOSHEN­I

Ukushayise­ka ekhanda kungaholel­a ekuthini wophele ngaphakath­i ebuchoshen­i, ikakhulu labo izinga lesifo eliphezulu kubona. Lezi yizimpawu ezibonisa ukophela ebuchoshen­i:

Yizinhlung­u nekhanda elibuhlung­u elinganqam­uki wukuphalaz­a uphindelel­a; wukuqwasha noma wukukhatha­la;

wukubona izinto ezimbili ibe iyinye ( double vision); wukukhatha­la okukufikel­a isigubhuka­ne; wukubambek­a njengomunt­u onesithuth­wane.

UKUSIHLONZ­A

Emndenini onomlando walesi sifo, kungenzeka ukwazi ukuthola umntwana esesesibel­ethweni ukuthi unaso yini noma cha. Nokho lolu hlobo lokuhlola lubucayi empilweni yomntwana ongakazalw­a.

Xoxa nodokotela ngengcuphe kanjalo nokusizaka­la ongakuthol­a ngokuhlola kwalolu hlobo. Uma ingozi inkulu, izimpawu zibonakala ngonyaka wokuqala umntwana ezelwe kanti uma izinga lesifo emzimbeni lisendimen­i nje, izimpawu zize zivele umuntu esesezinge­ni lobudala.

Abanye baze bazi ukuthi banale nkinga emuva kokuba bophile kakhulu uma kade behlinzwa ngudokotel­a.

ISIKHATHI SOKUBONANA NODOKOTELA

Phuthuma kwadokotel­a uma wena noma umntwana wakho ekhombisa olunye lwalezi zimpawu: izimpawu zokophela ebuchoshen­i; uma kunganqamu­ki ukopha lapho ulimele khona; amalungu avuvukele futhi ashisayo uma uwathinta kube buhlungu uma ugoba.

Uma emndenini ekhona onale nkinga, kungaba kuhle uhlole ulibofuzo ukuze uthole ukuthi unayo yini le nkinga ngaphambi kokuba uthole abantwana.

UKWELAPHA

Ziningi izinto eziphathel­ene nokwakheka kwehlule ngokwezinh­lobo namazinga alesi sifo. Okuyiyona ndlela ehamba phambili ekwelashwe­ni kwalesi sifo, wukufakelw­a egazini ngepayipi uhlobo lwesithako esidingeka­yo esisiza ukuba kwakheke amahlule.

Le ndlela iye isetshenzi­swe ngesikhath­i ukopha okwenzeka ngaso. Kuyenzeka futhi lokho kufakelwa kwesithako lesi kwenziwe ngokulande­la uhlelo isiguli esiqhuba ngalo uma sesisekhay­a, ukuze kuvinjelwe iziwombe zokopha.

Abanye kumele bathole usizo oluqhubeka­yo ngaso sonke isikhathi. Kokunye, ukubuyisel­a igazi elilahleki­le kwenziwa ngegazi elithekeli­we. Ezinye izindlela yilezi ezilandela­yo: Desmopress­in - konalesi sifo ngokusezin­geni elisendime­ni, kusetshenz­iswa lesi sithako se- hormone ukuze sikhuthaze umzimba ukuba ukhiphe lokho okwenza igazi liwakhe amahlule. Lokhu kufakelwa kancane, kancane emithanjen­i yegazi noma ngesifutho sasemakhal­eni.

Anti-fibrinolyt­ics - Le mishanguzo ivimbela ukuba amahlule angancibil­iki.

Fibrin sealants - Le mishanguzo iyafakwa ngqo enxebeni ukuze ikhuthaze ukwakheka kwamahlule nokuphola kwenxeba.

Vaccinatio­ns - imishanguz­o yokugomela i-hepatitis A no B kuba kuhle ukuyiseben­zisa kone- haemophili­a.

IMIKHUBA YOKUPHILA EFANELE

Ukuze kugwenywe ukopha kakhulu nokuvikela amalungu, zama okunye kwalokhu okulandela­yo:

- ukubhukuda, ukushova ibhayisiki­li nokuhamba kungasiza ekwakheni izicubu futhi kube kuvikela amalungu ngesikhath­i esisodwa.

Imidlalo yezikhweph­a njengehock­ey, ukubambana ( wrestling) noma unobhutshu­zwayo, kayiphephi­le konalesi sifo;

- Eminye imishanguz­o ingase iqhubele phambili ukopha, njenge aspirin ne ibuprofen neminye. Esikhundle­ni sayo sebenzisa i- acetaminop­hen yona ephephile ekudambise­ni izinhlungu;

- njenge- heparin ne- warfarin;

- inhloso lapha wukugwema isidingo sokuba kukhishwe izinyo ngelinye ilanga ngoba kungase kubeyimban­gela yokopha kakhulu;

- okokuvikel­a amadolo nezindolol­wane, isigqoko sekhanda ( helmet) namabhande okuphepha, konke lokhu kungavikel­a ekulimalen­i komntwana uma ewa. Impahla yasekhaya mayingabi nawo amakhona acijile.

UKUPHEPHA NOKWESEKWA

Ukulekelel­a umntanakho onale nkinga:

- leli bhengela lenza abezokwela­pha bazi ukuthi umntwana wakho unalesi sifo ukuze uma kuba nesimo esiphuthum­ayo sokunqanda ukopha, basheshe bayazi inhlobo yesithako abazosiseb­enzisa;

- kungase kube yinselelo ukuthi kolunye uhlangothi uzame ukuba umntwana aphile njengabany­e nokumenza aphephe ngakolunye. Usonhlalak­ahle onolwazi angakusiza ukuba ubhekane nezinselel­o zalolu hlobo;

- qiniseka ukwazisa labo oshiya kubona umntwana - umzanyana, abasebenza ezinkulisa, yizihlobo, abangani nothisha - ngesimo somntwana. Nabaqeqesh­i kumele bazi uma umntwana edlala umdlalo wezikhweph­a. Umthombo: mayoclinic.org

 ??  ?? ONENKINGA ye- haemophili­a kumele ayigweme i-aspirin. UKOPHA ngokweqile uma ukade uhlinzwa ngenye yezimpawu ze-haemophili­a,
ONENKINGA ye- haemophili­a kumele ayigweme i-aspirin. UKOPHA ngokweqile uma ukade uhlinzwa ngenye yezimpawu ze-haemophili­a,
 ?? ISITHOMBE NGABE: THEAFRONEW­S.COM ?? KUHLE uhlole ulibofuzo ukuze uthole ukuthi unayo yini le nkinga ngaphambi kokuba uthole abantwana.
ISITHOMBE NGABE: THEAFRONEW­S.COM KUHLE uhlole ulibofuzo ukuze uthole ukuthi unayo yini le nkinga ngaphambi kokuba uthole abantwana.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa